Ilungiselelo Elisha Lokusisiza Sidede Egazini
INdikimba Ebusayo iye yagunyaza ukuba ikhadi i-Advance Medical Directive/Release ithathelwe isikhundla incwadi i-durable power of attorney (DPA) [okusho ukuthi igunya elingaguquki lommeli]. Le ncwadi sizoyibiza ngokuthi ikhadi i-DPA.
Ikhadi i-DPA aliphelelwa isikhathi, lisebenza kuyo yonke indawo e-Afrika eseningizimu, futhi lizoba isitatimende sezifiso zakho ngisho nalapho uvakashele kwamanye amazwe. Kuyodingeka uphinde ugcwalise ikhadi elisha (1) uma kudingeka ushintshe okuthile ekhadini lakho, njengokushintsha izifiso zakho, abantu abakumelelayo ekwelashweni, amakheli, nezinombolo zocingo, noma (2) uma ikhadi lakho lilahlekile noma lonakele.
Ikhadi i-DPA kufanele licatshangelwe ngosizo lomthandazo futhi ligcwaliswe ekhaya ngokucophelela. Nokho, ngaphambi kokuba ulisayine leli khadi, kubalulekile ukuba inqubo yezomthetho ilandelwe njengoba injalo. Ngokwesibonelo, uma ikhadi lakho lithi kudingeka ofakazi ababili bakubone lapho usayina, kufanele babe khona ngempela lapho ulisayina. Njalo ngezikhathi ezithile ababonisi besifundo sencwadi bangahlola labo abangakawagcwalisi amakhadi abo amasha babone ukuthi abaludingi yini usizo.
Ngaphambi kokuligoqa ikhadi i-DPA, yenza amakhophi alo acacile, wenzele umuntu oyinhloko okumelelayo ekwelashweni, umuntu wesibili okumelelayo, udokotela wakho, wenze nenye ozozigcinela yona. Ungase uthande ukwenzela namanye amalungu omkhaya kanye nonobhala webandla. La makhophi kufanele enziwe ekhasini elilodwa lephepha lobukhulu obuvamile (A4 210mm x 297mm), ikhadi libe maphakathi nekhasi. Wena kufanele uhlale uphethe ikhadi i-DPA uqobo lwalo, hhayi ikhophi.
I-Identity Card yezingane ezingabhapathiziwe ezizalwa oFakazi enosuku lokunyatheliswa u-3/99 ayikashintshi. Abazali kufanele baqikelele ukuthi ingane encane ngayinye inekhadi eligcwaliswe ngokufanele lasayinwa, futhi ingane iyaliphatha ngezikhathi ezifanele.
Abamemezeli abangabhapathiziwe bangazibhalela ezabo iziqondiso zokwelashwa kanye nezingane zabo besusela ekhadini i-DPA ne-Identity Card ngokuvumelana nesimo sabo. Unobhala kufanele abanike ikhadi i-DPA bonke abamemezeli ababhapathizwa phakathi nonyaka.