Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 3/04 k. 3
  • Esikukhunjuzwayo NgeSikhumbuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Esikukhunjuzwayo NgeSikhumbuzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Esikukhunjuzwayo NgeSikhumbuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Esikukhunjuzwayo NgeSikhumbuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Esikukhunjuzwayo NgeSikhumbuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Esikukhunjuzwayo NgeSikhumbuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
km 3/04 k. 3

Esikukhunjuzwayo NgeSikhumbuzo

Kulo nyaka iSikhumbuzo singeSonto, ngo-April 4. Abadala kufanele baqikelele lokhu okulandelayo:

◼ Lapho nimisa isikhathi somhlangano, qinisekani ukuthi izifanekiselo azidluliswa lingakashoni ilanga.

◼ Wonke umuntu, kuhlanganise nesikhulumi, kufanele aziswe isikhathi nendawo enembile yalo mkhosi.

◼ Kufanele kutholwe futhi kulungiswe uhlobo olufanele lwesinkwa newayini.—Bheka INqabayokulinda ka-February 15, 2003, amakhasi 14-15.

◼ Amapuleti, izingilazi netafula elifanele nendwangu yalo kufanele kulethwe ehholo futhi kuhlelwe ngaphambi kwesikhathi.

◼ IHholo LoMbuso noma iyiphi indawo okuzohlanganwa kuyo kufanele ihlanzisiswe ngaphambi kwesikhathi.

◼ Abalindi kanye nabazohambisa izifanekiselo kufanele bakhethwe kusengaphambili futhi bachazelwe kahle ngemisebenzi yabo, indlela efanele okumelwe benze ngayo, nangesidingo sokugqoka nokuzilungisa ngendlela ehloniphekile.

◼ Kufanele kwenziwe amalungiselelo okuhambisa izifanekiselo kwabagcotshiwe abangakwazi ukuba khona ngenxa yokuba buthaka emzimbeni.

◼ Uma iHholo LoMbuso lizosetshenziswa amabandla angaphezu kwelilodwa, kufanele kube khona ukusebenzisana okuhle phakathi kwamabandla ukuze kugwenywe ukuminyana okungadingekile ezindaweni zokungena, zokuhamba umphakathi nasendaweni yokupaka.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela