Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/04 k. 4
  • Ukudla Okungokomoya Ngesikhathi Esifanele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukudla Okungokomoya Ngesikhathi Esifanele
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Umhlangano Wesigodi “Wezithunywa Zokuthula KukaNkulunkulu” Ka-1996
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Imihlangano Emikhulu Ubufakazi Bobuzalwane Bethu
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • UJehova Ubutha Abantu Bakhe Abajabulayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • IMihlangano Yesigodi ‘Yezwi LikaNkulunkulu Lesiprofetho’ Ka-1999
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
km 10/04 k. 4

Ukudla Okungokomoya Ngesikhathi Esifanele

1. Ugcwaliseka kanjani uHezekeli 36:29 namuhla?

1 INkosi EnguMbusi uJehova ithi: ‘Ngiyobiza okusanhlamvu ngikwenze kuvame, futhi ngeke ngibeke indlala phezu kwenu.’ (Hez. 36:29) Lawo mazwi ayisiprofetho asebenza kubantu bakaNkulunkulu namuhla. Ngomqondo ongokomfanekiso, uJehova uye wabangela ukuba okusanhlamvu okusekela ukuphila kuhlume kube kuningi ukuze abantu bakhe badle. Ukudla okungokomoya okufika ngesikhathi esikuthola ngemihlangano yesigodi kulibonisa kahle leli qiniso.

2. UJehova uye wayisebenzisa kanjani imihlangano yesigodi ukuze abe ukudla okungokomoya ngesikhathi esifanele?

2 Emhlanganweni owawuseColumbus, e-Ohio, ngo-1931, uJehova waqondisa abakhulekeli bakhe ukuba bamukele igama elisha—oFakazi BakaJehova. (Isaya 43:10-12) Ngo-1935, kwacaciswa ukuthi singobani isixuku esikhulu okukhulunywa ngaso kusAmbulo 7:9-17. Ngo-1942, uMfoweth’ uKnorr wabeka inkulumo ethi “Ukuthula—Ingabe Kungahlala Njalo?” Leyo nkulumo yafaka ugqozi emsebenzini wokushumayela emhlabeni wonke futhi yaholela ekusungulweni kwe-Watchtower Bible School of Gilead. Nakuba eminye imihlangano ikhumbuleka ngokukhethekile, ngamunye wayo uye waba yitafula elidekwe ngokudla okunomsoco okungokomoya okufike ngesikhathi.—IHu. 23:5; Math. 24:45.

3. Yini okumelwe siyenze ukuze sizuze edilini elingokomoya emihlanganweni yethu yesigodi?

3 Udla Kahle Kangakanani? Kuyinto engenzeka ukuzungezwa ukudla kodwa singondleki uma singawenzi umzamo wokukudla lokho kudla. (IzAga 26:15) Kungenzeka okufanayo ngomqondo ongokomoya. Emihlanganweni embalwa, kuye kwaphawulwa ukuthi abaningi bazulazula ngokungadingekile emaphasishi noma bakhulume nabanye phakathi nesimiso. Nakuba ubudlelwane obakhayo buyisici esibalulekile somhlangano, isikhathi sabo singaphambi nangemva kwesimiso ngasinye. (UmSh. 3:1, 7) Uma singahlali phansi futhi silalelisise, singase silahlekelwe iphuzu elibalulekile. Abazalwane abengamele iminyango ethile emhlanganweni nabazalwane abanezabelo bangase babone kudingeka ngezinye izikhathi ukuba baxoxe ngezinto ezithile zomhlangano lapho isimiso siqhubeka. Ngaphandle kwalapho benakekela lokho, kufanele babeke isibonelo ngokulalelisisa isimiso. Akekho kithi okufanele alahlekelwe yinoma ikuphi ukudla okungokomoya esikunikezwayo.—1 Kor. 10:12; Fil. 2:12.

4. Singazibonisa kanjani singababongayo ngenala yokudla uJehova asinikeza yona?

4 Yeka indlela esiwajabulela ngayo amaqiniso angokomoya ayinala uJehova asinikeza wona, uma kuqhathaniswa nezimfundiso zeLobukholwa ezingamanga nezingakhi! (Isaya 65:13, 14) Enye indlela ‘esingazibonisa ngayo singababongayo’ ukubheka umhlangano njengethuba lokufundiswa uJehova. (Kol. 3:15) Kunokuba ugxile kumzalwane onikeza inkulumo, gxila emyalezweni awunikezayo futhi uwubheke njengovela ‘kuMfundisi Omkhulu.’ (Isaya 30:20, 21; 54:13) Lalelisisa. Bhala kafushane amaphuzu ayinhloko. Bukeza amaphuzu avelele owathole esimisweni njalo kusihlwa. Kusebenzise okufundayo.

5. Imihlangano yesigodi isenza sijabule ngaziphi izizathu?

5 Njengoba i-Armagedoni ingakafiki, umhlangano ngamunye uwukunqoba uSathane, kungakhathaliseki ukuthi lowo mhlangano uqhutshelwa enkanjini yababaleki, ezweni elikhungethwe impi, noma endaweni evulekile enokuthula! Njengoba singabazalwane abanobunye, siyawazisa amathuba okubuthanela ndawonye emihlanganweni yesigodi. (Hez. 36:38) Siyaqiniseka ukuthi uJehova uzophinde asinikeze ngothando ‘isilinganiso sokudla ngesikhathi esifanele.’—Luka 12:42.

[Ibhokisi ekhasini 4]

Bonisa Ukulazisa Itafula LikaJehova

◼ Lalelisisa

◼ Bhala amaphuzu ayinhloko

◼ Bukeza amaphuzu avelele owathole esimisweni njalo kusihlwa

◼ Kusebenzise okufundayo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela