Lingisa Isimo Sengqondo SikaJesu
1. Isiphi isimo sengqondo uJesu ayenaso?
1 Nakuba singakaze simbone uJesu, iNdodana kaNkulunkulu, nokho ngenxa yomlando obhaliwe wokuphila kwakhe nenkonzo yakhe siye samthanda ngempela. (1 Pet. 1:8) Ethobela intando kaYise, washiya isikhundla sakhe esiphakeme ezulwini weza emhlabeni. Engumuntu, wakhonza abanye ngokuzidela wayesenikela ngokuphila kwakhe ngenxa yesintu. (Math. 20:28) IZwi likaNkulunkulu liyasikhuthaza: “Yibani nalesi simo sengqondo esasikhona nakuKristu Jesu.” Singawulingisa kanjani umoya wakhe wokuzidela?—Fil. 2:5-8.
2. Ibuphi ubunzima amaKristu amaningi abhekene nabo, futhi yini engawasiza abunqobe?
2 Ekhathele: Nakuba uJesu ayephelele, wayekhathala. Ngesinye isikhathi, ‘ekhathele ngenxa yohambo,’ wafakaza ngokuphelele kowesifazane waseSamariya. (Joh. 4:6) AmaKristu amaningi namuhla abhekene nobunzima obufanayo. Ngemva kokukhandleka isonto lonke emsebenzini, kungaba nzima ukuthola amandla okwenza umsebenzi wokushumayela. Kodwa uma siwenza njalo lo msebenzi, siyothola ukuthi inkonzo yobuKristu iyasiqabula ngokomoya.—Joh. 4:32-34.
3. Singakulingisa kanjani ukuzimisela kukaJesu ukufundisa?
3 Ngesinye futhi isikhathi, uJesu nabafundi bakhe, baya endaweni eqhelile ukuze bathi ukuphumula kancane. Nokho isixuku esikhulu sabantu sathola ukuthi bayaphi sabagijimela phambili sayobahlangabeza. Kunokuba acasuke, uJesu “waba nesihawu ngaso . . . wasifundisa izinto eziningi.” (Marku 6:30-34) Ukuqala nokuqhuba izifundo zeBhayibheli kudinga isimo esifanayo sengqondo. Kudinga ukuphikelela nokubathanda ngempela abantu. Uma ungenaso isifundo seBhayibheli osiqhubayo njengamanje, ungayeki ukuzama ukusithola.
4. Ukuba amaphayona asizayo kungasisiza kanjani ukuba silingise isimo sengqondo sikaKristu?
4 Zibeke Phambili Izinto Ezingokomoya: Ukuba amaphayona asizayo kungasisiza sigxile kakhudlwana emisebenzini engokomoya. Omunye udade osemusha wabhala: “Umama womunye wabangane bami wasikhuthaza ukuba sibe amaphayona asizayo kanye naye inyanga eyodwa. Ngiyajabula ngempela ukuthi sakwenza. Kwangijabulisa ukubazi kangcono abafowethu nodadewethu, futhi akubanga sikhathi base befana namalungu omkhaya kimi. Kwangijabulisa futhi nokuba namathuba engeziwe okukhuluma nabanye ngoJehova nokubafundisa amaqiniso oMbuso amangalisayo. Konke lokhu kwangenza ngazizwa ngisondele eduze noJehova nenhlangano yakhe.”—IHu. 34:8.
5. Kungani kumelwe siqhubeke sizama ukulingisa isimo sengqondo sikaJesu?
5 Sonke silwisana nenyama yethu engaphelele sibe sifisa nokujabulisa uJehova. (Rom. 7:21-23) Kumelwe silwe nomoya wezwe wokuzigodla. (Math. 16:22, 23) Ngomoya wakhe ongcwele, uJehova angasisiza siphumelele kule mpi. (Gal. 5:16, 17) Njengoba silindele ukukhululwa singene ezweni elisha likaNkulunkulu lokulunga, kwangathi singalingisa isimo sengqondo sikaJesu ngokubeka izinto eziphathelene noMbuso nabanye abantu ngaphambi kwezethu.—Math. 6:33; Rom. 15:1-3.