Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/04 k. 1
  • Umculo Oqabulayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umculo Oqabulayo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ngingawugcina Kanjani Umculo Usendaweni Yawo?
    I-Phaphama!—1993
  • Ukujabulela Umculo—Siyini Isihluthulelo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Ngingawugcina Kanjani Umculo Usendaweni Yawo?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Ingabe Kunendaba Ukuthi Ngikhetha Muphi Umculo?
    Intsha Iyabuza
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
km 5/04 k. 1

Umculo Oqabulayo

1 Ekukhulekeleni kweqiniso, ukuhlabelela kanye nomculo kuyingxenye ebaluleke kakhulu. Kwa-Israyeli wasendulo, u-Asafa nabafowabo bahlabelela: “Mbongeni uJehova. . . . Mhlabeleleleni, nimhubele, zikhathazeni ngazo zonke izenzo zakhe ezimangalisayo.” (1 IziKr. 16:8, 9) Namuhla sihubela uJehova emihlanganweni yethu yebandla yamasonto onke. (Efe. 5:19) Yeka ukuthi yithuba elihle kanjani leli lokudumisa igama lakhe!—IHu. 69:30.

2 Ukulalela ama-Kingdom Melodies, izingoma zoMbuso eziculwa i-orchestra, kungagcwalisa izingqondo zethu ngemicabango engokomoya. Omunye udade wachaza: “Lapho kudlala umculo wezinsimbi, ngiyaye ngikhumbule amagama aleyo ngoma. Yeka ukuthi leyo indlela enhle kanjani yokugcina uJehova esemicabangweni yami ngibe ngijabulela umculo!”—Fil. 4:8.

3 Amathuba Okujabulela Lo Mculo: Ukudlala ama-Kingdom Melodies ekhaya kwakha isimo esifudumele nesingokomoya esikhuthaza umoya wokuthula emkhayeni. Omunye umkhaya wabhala: “Siwudlala njalo lo [mculo] ekhaya nasemotweni futhi asikhathali ukulalela lolu nqambothi. Ama-Kingdom Melodies avame ukusifaka emoyeni lapho silungiselela ukuya emihlanganweni yobuKristu noma lapho siya emhlanganweni omkhulu.” Omunye udade wathi: “Aweve engifaka umdlandla lapho ngenza umsebenzi wasekhaya—ubani obengacabanga ukuthi bengingajatshuliswa ukugoqa izingubo eziphuma ukuyowashwa? Ngifuna ukudlala lo mculo lapho ngizizwa ngicindezelekile. Lo mculo ukuthinta ngaphakathi! . . . Ingoma ngayinye ikwenza ujabule.” Zikhona yini izikhathi okungakuzuzisa ngazo ukuwulalela lo mculo oqabula kangaka?

4 Umculo omningi okhiqizwa namuhla ubonisa umoya wezwe. Abazali bangasiza izingane zabo zibe nothando lomculo ohlanzekile ngokusebenzisa umculo oqoshiwe wama-Kingdom Melodies. Abantu abaningi abafundelwa iBhayibheli nabathakazelayo nabo bangajabula ukwazi ngalezi zingoma ezimnandi ezingokomoya, ezikhazimulisa uJehova ziqabule nomphefumulo.—IHu. 47:1, 2, 6, 7.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela