UJehova Uyabasiza Labo Abathembela Kuye
1 Abantu abaningi babheka imali, isikhundla namakhono omuntu njengezici ezibalulekile empumelelweni. (IHu. 12:4; 33:16, 17; 49:6) Nokho, labo abesaba uJehova nabathembela kuye banesiqinisekiso esivela eBhayibhelini sokuthi “uwusizo lwabo nesihlangu sabo.” (IHu. 115:11) Ake sibheke izindawo ezimbili okudingeka sibonise kuzo ukuthembela kuJehova.
2 Njengezikhonzi EzingamaKristu: Noma nini lapho sisingatha izabelo ebandleni noma sifundisa enkonzweni yasensimini, kumelwe sincike kuNkulunkulu wethu. Cabanga ngesibonelo sikaJesu. Nakuba ayeyiNdodana kaNkulunkulu, akazange athembele ekuhlakanipheni nasemakhonweni akhe kodwa wancika ngokuphelele kuYise wasezulwini. (Joh. 12:49; 14:10) Yeka ukuthi kudingeka nakakhulu kangakanani kithi ukuba senze okufanayo! (IzAga 3:5-7) Imizamo yethu yokuzithoba iyomdumisa futhi izuzise nabanye kuphela uma uJehova esisekela.—IHu. 127:1, 2.
3 Sibonisa ukuncika kwethu kuJehova ngokuthandazela isiqondiso sakhe nosizo lomoya wakhe ongcwele. (IHu. 105:4; Luka 11:13) Ngaphezu kwalokho, sibonisa ukuthembela kwethu kuNkulunkulu ngokusekela izimfundiso zethu eZwini lakhe, iBhayibheli. Isigijimi salo sinamandla okuthinta izinhliziyo nokuguqula ukuphila. (Heb. 4:12) Uma ‘sikhonza njengabancike emandleni anikezwa nguNkulunkulu,’ uJehova uyakhazinyuliswa.—1 Pet. 4:11.
4 Ekubhekaneni Nezinkinga: Kudingeka sicele usizo lukaJehova nalapho sibhekene nezingcindezi kanye nezinkinga. (IHu. 46:1) Ngokwesibonelo, umqashi angangabaza ukusinika isikhathi sokuya emhlanganweni, noma singahlangabezana nesimo esiyinselele ekuphileni komkhaya wethu. Sibonisa ukuthembela kwethu kuJehova ngokumnxusa ngobuqotho nangokusebenzisa isiqondiso asinikeza ngeZwi lakhe nangenhlangano yakhe. (IHu. 62:8; 119:143, 173) Ngokwenza njalo, izinceku zikaJehova ziyalubona usizo lwakhe ekuphileni kwazo.—IHu. 37:5; 118:13, 16.
5 UJehova ngokwakhe uyasiqinisekisa: “Ibusisiwe indoda enamandla ebeka ithemba layo kuJehova, futhi eqholo layo linguJehova.” (Jer. 17:7) Kwangathi singabonisa kukho konke esikwenzayo ukuthi sithembela kuye!—IHu. 146:5.