Indlela Entsha Yokubukeza Izimiso Zemihlangano
Njengoba izwe likaSathane liya liba libi nakakhulu, uJehova uyasiqinisa ukuze “silahle ukungamhloniphi uNkulunkulu nezifiso zezwe nokuba siphile ngokuhluzeka kwengqondo nokulunga nangokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu phakathi nalesi simiso samanje sezinto.” (Thithu 2:12) Elinye lamalungiselelo awenza ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo’ yizimiso zemihlangano yesifunda nekhethekile yosuku olulodwa eqhutshwa minyaka yonke. (Math. 24:45) Ayive isiqinisa le mibuthano engokomoya.
Ukuze sisizwe sikukhumbule futhi sikusebenzise esikufundile, ngonyaka wenkonzo ka-2005 kuzosetshenziswa indlela entsha yokubukeza lezi zimiso zemihlangano. Emakhasini 5-6 alesi senezelo kunezihloko ezisika elijikayo kulokho esizophakelwa kona kanye nemibuzo yokubukeza isimiso ngasinye somhlangano. Amabandla azoxoxa ngalokhu kwaziswa eMhlanganweni Wenkonzo ngaphambi nangemva kwale mihlangano. Kuzokwenziwa kanjani lokhu?
Kusasele isonto elilodwa noma amabili ibandla liye emhlanganweni wesifunda, kuzonikezwa inkulumo eMhlanganweni Wenkonzo yemizuzu eyishumi esekelwe esihlokweni esithi “Isimiso Esisha Somhlangano Wesifunda” ukuze kwakhiwe ukulangazelela isimiso. Isikhulumi sizokhuluma nangemibuzo yokubukeza futhi sikhuthaze bonke ukuba babhale amaphuzu belungiselela ukubukeza okuzokwenziwa emasontweni ambalwa ngemva komhlangano.
Emasontweni ambalwa ngemva komhlangano, uMhlangano Wenkonzo uyoba nokubukezwa kwemizuzu engu-15 kosuku lokuqala lwesimiso somhlangano. Ngesonto elilandelayo, kuyoba nemizuzu engu-15 yokubukeza usuku lwesibili lwesimiso. Lezo zingxoxo ziyosekelwa emibuzweni yokubukeza ekulesi senezelo. Ukubukeza kufanele kugxile ekutheni lokhu kwaziswa singakusebenzisa kanjani. Abadala bangase bahlele ukuba ezinye izingxenye zoMhlangano Wenkonzo zifushaniswe, zikhishwe, noma zethulwe komunye uMhlangano Wenkonzo ukuze kwenziwe lokhu kubukeza.
Kuyolandelwa indlela efanayo ngesimiso somhlangano okhethekile wosuku olulodwa, ngaphandle kokuthi iyoba yinye ingxenye yemizuzu engu-15 yokubukeza sonke isimiso. Kungaba kuhle sonke sisigcine lesi senezelo sisisebenzisele ukuzuza ngokugcwele emfundweni enhle uJehova asinika yona.—Isaya 48:17, 18.