Isimiso Esisha Somhlangano Okhethekile Wosuku Olulodwa
Uma sibona noma sizwa isixwayiso kodwa singanaki, umphumela ungaba inhlekelele. Kubaluleke ngisho nakakhulu ukunaka isiqondiso esingokomoya esivela kuJehova. Lokhu kuyogcizelelwa esimisweni somhlangano okhethekile wosuku olulodwa sonyaka wenkonzo ozayo. Isihloko sawo sithi “Nakani Indlela Enilalela Ngayo.”—Luka 8:18.
Enkulumweni yaso yokuqala, isikhulumi esivakashile sizokhuluma ngendlela iseluleko esisezahlukweni zokuqala zencwadi kaPawulu ephefumulelwe eyayiya kumaHebheru esisebenza ngayo kithi namuhla. Enkulumweni yokuphetha ethi, “Yinake Njalo Imfundiso Yaphezulu,” isikhulumi siyosiza bonke ukuba bazihlole ukuthi bamlalela ngempela yini uJehova, iNdodana yakhe kanye ‘nenceku ethembekileyo neqondayo.’—Math. 24:45.
Izinkulumo eziningana ziyoyizuzisa ngokukhethekile imikhaya. Inkulumo ethi “Imikhaya Elalela IZwi LikaNkulunkulu Ngaphandle Kwezithikamezo” iyosisiza singavumeli ukuba ingokomoya lethu liminyaniswe yizinto zezwe. Iyoba nezingxoxo nalabo abaye benza izinguquko ukuze benze izinto ezingokomoya zize kuqala. Ethi “Indlela Ukulalelisisa IZwi LikaNkulunkulu Okuqinisa Ngayo Intsha Yethu” iyoba nezingxoxo nentsha eye yamelela iqiniso esikoleni, kontanga, noma enkonzweni. Ethi “Izingane Ezilalela UNkulunkulu Futhi Zifunde” iyosisiza ukuba singalithathi kalula ikhono lezingane lokufunda. Izingxoxo nezingane kanye nabazali ziyosisiza ukuba sibone izinzuzo esizithola ngokuqeqesha izingane kusukela ziseyizinsana ngezindlela zikaJehova.
Njengoba uSathane ‘edukisa umhlaba wonke owakhiwe,’ uJehova ubonisa izinceku zakhe ezithembekile indlela okufanele zihambe ngayo. (IsAm. 12:9; Isaya 30:21) Ukulalelisisa iseluleko sakhe nokusisebenzisa ngentobeko ekuphileni kwethu kuyasihlakaniphisa, kusilethele injabulo futhi kusiholele ekuphileni okuphakade.—IzAga 8:32-35.