UMhlangano Wesigodi Usishukumisela Ukuba Sihambe NoNkulunkulu
Yeka indlela uMhlangano Wesigodi onesihloko esithi “Hambani NoNkulunkulu” oye wasiphindaphinda ngayo isiqondiso sikaJehova esicacile, esithi: “Nansi indlela. Hambani ngayo”! (Isaya 30:21) Ukusebenzisa iseluleko esiye sasithola kuzosisiza ukuba ‘siqaphelisise indlela esihamba ngayo.’ (Efe. 5:15) Ukuzindla ngalokho esiye sakufunda kuzosisiza njengoba ‘siqhubeka sihamba eqinisweni.’—3 Joh. 3.
Sebenzisa le mibuzo elandelayo kanye namaphuzu owawabhala ukuze ulungiselele futhi uhlanganyele ekubukezweni kwesimiso somhlangano wesigodi. Siyobukezwa eMhlanganweni Wenkonzo wesonto lika-February 21.
1. U-Enoke wakwazi kanjani ukuhamba noNkulunkulu naphezu kokuphila ezikhathini eziyaluzelayo? (Heb. 11:1, 5, 6; Jude 14, 15; “Hambani NoNkulunkulu Kulezi Zikhathi Eziyaluzelayo”)
2. Singasetshenziswa kuziphi izici zokuphila isimiso esikuLuka 16:10? (“Ingabe ‘Uthembekile Kokuncane Kakhulu’?”)
3. (a) Yisho izifundo ezine ezisebenzisekayo ezitholakala kuHoseya izahluko 6 kuya ku-9 ezizosisiza ukuba sihambe noNkulunkulu. (Hos. 6:6, 7; 7:14; 8:7) (b) Imaphi amanye amaphuzu akuHoseya izahluko 10 kuya ku-14 asisiza ukuba sihambe noNkulunkulu? (“Isiprofetho SikaHoseya Sisisiza Ukuba Sihambe NoNkulunkulu”—Uchungechunge)
4. Iziphi izinto eziwusizo amadoda nabafazi abangamaKristu abangazenza ukuze bagcine imishado yabo iqinile? (IzAga 12:4; Efe. 5:29; “Ungakuhlukanisi ‘Lokho UNkulunkulu Akubophele Ndawonye’”)
5. Siyibonisa kanjani inhlonipho ngemibuthano yethu engcwele? (UmSh. 5:1; Isaya 66:23; “Ukubonisa Inhlonipho Ngemibuthano Yethu Engcwele”)
6. (a) Iziphi izici ezintathu ezibalulekile zomsebenzi wethu wokushumayela okufanele sizihlaziye ukuze siqiniseke ukuthi siwenza ngenjongo? (Isaya 52:7; Zak. 8:23; Marku 6:34) (b) Iziphi izici zencwajana ethi Good News for People of All Nations ozithola ziwusizo ngokukhethekile? (“Izindaba Ezinhle Zabantu Bazo Zonke Izizwe”; “Ukusiza Abakhuluma Olunye Ulimi”)
7. Singabasiza kanjani abasanda kuhlanganyela ukuba babe nesibindi ekushumayeleni isigijimi soMbuso? (AbaHl. 7:17; “Ukusiza Abaningi Bahlanganyele Nathi Enkonzweni”)
8. Sibonisa kanjani ukuthi siyaqiniseka ukuthi “usuku olukhulu lukaJehova luseduze”? (Zef. 1:14; “Sihamba Ngokholo, Hhayi Ngokubona”)
9. (a) Yimbi kangakanani indaba yokukhubeka nokukhubekisa? (Marku 9:42-48) (b) Singakugwema kanjani ukukhubeka? (IHu. 119:165) (c) Singakugwema kanjani ukukhubekisa abanye? (1 Kor. 10:24; “Gwema ‘Isizathu Sokukhubeka Nangayiphi Indlela’”)
10. Singakulondoloza kanjani ukulinganisela uma sifuna umngane womshado, impilo enhle nalapho sisingatha izindaba zebhizinisi? (IHu. 26:4; Math. 6:25; 1 Thim. 6:9; “Hlalani Nisanguluké Ngokuphelele”)
11. (a) Yini ephawulekayo ngezikhathi uJesu ayemenywe ngazo abanye? (Luka 10:42; 24:32) (b) Singazijabulisa kanjani ngendlela eyenza thina nabanye sizizwe sivuselelekile? (1 Kor. 10:31-33; “Izinto Ezinhle Ezisivuselelayo Esingazenza”)
12. NgokweHubo 23, iziphi izibusiso esizithola ngokuba izimvu zikaJehova, futhi sinamiphi imithwalo yemfanelo? (1 Kor. 10:21; “UJehova UnguMalusi Wethu”)
13. AmaKristu asilalela kanjani iseluleko esiphefumulelwe sokuba ‘athengisise ithuba’? (Efe. 5:16; “Ukuthengisisa Ithuba”)
14. (a) Lihlanganisa nani “ihora lokwahlulela” okukhulunywa ngalo kusAmbulo 14:7? (b) Sibunikeza kanjani ubufakazi bokuthi siphume ngempela eBhabhiloni Elikhulu? (“‘Hlalani Nilindile’—Ihora Lokwahlulela Selifikile”) (c) Imaphi amaphuzu owajabulele encwajaneni ethi Hlalani Nilindile!?
15. Yisho izimfanelo ezintathu ezidingekayo ukuze ‘singayishiyi indlela eqondile.’ (2 Pet. 2:15; “Qaphela ‘Ungayishiyi Indlela Eqondile’”)
16. Intsha ingayigwema kanjani ‘imikhondo yabakhohlakele’? (IzAga 4:14; “Basha—Hambani Endleleni Yokulunga”)
17. (a) Iziphi izindlela uPawulu aba ngazo isibonelo esihle sokukhuthazela? (IzE. 14:19, 20; 16:25-33) (b) Kungani kungenasidingo sokwesaba abaphikisi bokukhulekela kweqiniso? (Idrama nenkulumo ethi “Fakaza Ngokugcwele Namuhla Naphezu Kokuphikiswa”)
18. Iziphi izibusiso ezitholwa yilabo abahamba noNkulunkulu? (“Ukuhamba NoNkulunkulu Kuletha Izibusiso Manje Naphakade”)
Kwangathi singazimisela ukulalela ‘izwi elisemva kwethu’ ukuze sihambe noBaba wethu osezulwini phakade.—Isaya 30:21; Joh. 3:36.