INgxenye 7: Ukuthandaza Esifundweni
Ukuqhuba Izifundo ZeBhayibheli Ezithuthukayo
1. (a) Kungani kufanelekile ukuba siqale futhi siphethe isifundo seBhayibheli ngomthandazo? (b) Singayethula kanjani indaba yokuqala ngomthandazo esifundweni seBhayibheli?
1 Kudingeka isibusiso sikaJehova ukuze abafundi beBhayibheli bathuthuke ngokomoya. (1 Kor. 3:6) Ngakho-ke, kufanelekile ukuba siqale futhi siphethe isifundo ngomthandazo. Ngokuvamile, lokhu singakwenza kusukela esifundweni sokuqala ngqá uma umuntu esifunda naye ejwayelene nenkolo. Kwabanye, kungase kudingeke ubhekisise ukuthi ungasiqala nini isifundo ngomthandazo. Ungasebenzisa incwadi yeHubo 25:4, 5 neyoku-1 Johane 5:14 ukuze usize umfundi abone ukuthi kungani kufanele kuthandazwe, usebenzise noJohane 15:16 ukuze uchaze ukubaluleka kokuthandaza kuJehova ngegama likaJesu Kristu.
2. Uma udade eyoqhuba isifundo seBhayibheli futhi ehamba nomzalwane obhapathiziwe noma nommemezeli wesilisa ongabhapathiziwe, ubani okufanele athandaze?
2 Ubani okufanele athandaze esifundweni seBhayibheli? Uma udade eyoqhuba isifundo ehamba nomzalwane obhapathiziwe, umzalwane uyothandaza, nakuba kungudade oqhuba isifundo ethwele. (1 Kor. 11:5, 10) Ngakolunye uhlangothi, uma ummemezeli woMbuso wesilisa ongabhapathiziwe ehamba nodade oyoqhuba isifundo, udade uyothandaza. Kuleso simo, kufanele athwale lapho ethandaza nalapho eqhuba isifundo.
3. Iziphi izinto ezifanelekayo ukuba sizisho emithandazweni esiyenza esifundweni seBhayibheli?
3 Okungase Kushiwo Emthandazweni: Imithandazo eyenziwa esifundweni seBhayibheli akudingekile ibe mide, kodwa kufanele ibe eqondile. Ngaphandle kokucela usizo lukaNkulunkulu esifundweni nokubonga ngamaqiniso eseniwafundile, kuyafaneleka ukuba udumise uJehova njengoMthombo waleyo mfundo. (Isaya 54:13) Singasho namazwi aveza isithakazelo sethu esiqotho kumfundi kanye nokwazisa esinakho ngenhlangano uJehova ayisebenzisayo. (1 Thes. 1:2, 3; 2:7, 8) Ukucelela umfundi isibusiso sikaJehova emizamweni yakhe yokusebenzisa lokho akufundayo kungamsiza ukuba abone ukubaluleka kokuba ‘umenzi wezwi.’—Jak. 1:22.
4. Ukuqala nokuphetha isifundo seBhayibheli ngomthandazo kuletha ziphi izinzuzo?
4 Ziningi izinzuzo zomthandazo. Uletha isibusiso sikaNkulunkulu. (Luka 11:13) Ugcizelela ukubaluleka kokutadisha iZwi likaNkulunkulu. Njengoba umfundi elalele imithandazo yethu, naye ufunda indlela yokuthandaza. (Luka 6:40) Ngaphezu kwalokho, imithandazo esuka enhliziyweni egcwele uthando ngoNkulunkulu nokwazisa ngezimfanelo zakhe ezingenakuqhathaniswa ingasiza umfundi ukuba ahlakulele ubuhlobo bomuntu siqu noJehova.