Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/05 k. 1
  • Phikelela Ekushumayeleni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Phikelela Ekushumayeleni
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Qhubekani Nishumayela UMbuso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • “Hambani Niyokwenza Abantu Bazo Zonke Izizwe Babe Abafundi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Qhubeka Ushumayela!
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
  • UMbiko Womhlaba Wonke—Izingqikithi Zika-2004
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2005
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
km 4/05 k. 1

Phikelela Ekushumayeleni

1 Siphila ezikhathini ezibucayi. Izingxabano zombango, izimpi zobuhlanga, izinhlekelele zemvelo nezinye izenzakalo ezinyantisayo ziyinsakavukela. Manje kunanini ngaphambili, umkhaya wesintu udinga izindaba ezinhle. Kodwa, abantu abaningi abazinaki izinto ezingokomoya. Kwezinye izindawo, kungase kube nzima ukuthola abantu emakhaya, kube nzima ngisho nakakhulu ukuthola abantu abasilalelayo noma abafuna ukufunda iBhayibheli. Noma kunjalo, kubalulekile ukuba siphikelele ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu omisiwe.—Math. 24:14.

2 Ukuthanda Abantu: Ukushumayela kwethu kuqokomisa indlela uJehova abathanda ngayo abantu. “Akafisi ukuba kubhubhe namunye kodwa ufisa ukuba bonke baphenduke.” (2 Pet. 3:9; Hez. 33:11) Ngakho, njengoba uJesu asho, uJehova uyalé ukuba ‘izindaba ezinhle zishunyayelwe ezizweni zonke kuqala.’ (Marku 13:10) UNkulunkulu unxusa abantu ukuba baphendukele kuye basinde ekwahlulelweni okusondelayo kwezwe likaSathane. (Joweli 2:28, 29, 32; Zef. 2:2, 3) Asibongi yini ngokuthi uJehova usinike lelo thuba?—1 Thim. 1:12, 13.

3 Umbiko womhlaba wonke ubonisa ukuthi ngonyaka wenkonzo ka-2004, kwaqhutshwa izifundo zeBhayibheli ezingaba ngu-6 085 387 nyanga zonke futhi kwabhapathizwa abafundi abasha abangaba ngu-5 000 isonto ngalinye! Abanye balaba bafundi abasanda kuzinikezela bátholwa ngenxa yokuthi uJehova wabusisa ukuphikelela kwabamemezeli abenza umzamo wokukhuluma nabo bonke abantu emasimini abawabelwe. Yeka ukuthi lokho kuye kwaletha injabulo enkulu kangakanani emabandleni, futhi yeka ilungelo esinalo lokusebenza noNkulunkulu kulo msebenzi wokusindisa ukuphila!—1 Kor. 3:5, 6, 9.

4 Ukudumisa Igama LikaNkulunkulu: Siyaphikelela ekushumayeleni ukuze sidumise uJehova obala futhi singcwelise igama lakhe phambi kwaso sonke isintu. (Heb. 13:15) USathane uye wadukisa “umhlaba wonke owakhiwe” wawenza wakholelwa ukuthi uNkulunkulu akanawo amandla okuxazulula izinkinga zesintu, akanandaba nokuhlupheka kwabantu, noma akekho nje nhlobo. (IsAm. 12:9) Ngokushumayela kwethu, sisekela iqiniso mayelana noBaba wethu wasezulwini okhazimulayo. Kwangathi singaqhubeka sidumisa igama lakhe—manje kuze kube phakade.—IHu. 145:1, 2.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela