Phikelela Ekushumayeleni
1 Siphila ezikhathini ezibucayi. Izingxabano zombango, izimpi zobuhlanga, izinhlekelele zemvelo nezinye izenzakalo ezinyantisayo ziyinsakavukela. Manje kunanini ngaphambili, umkhaya wesintu udinga izindaba ezinhle. Kodwa, abantu abaningi abazinaki izinto ezingokomoya. Kwezinye izindawo, kungase kube nzima ukuthola abantu emakhaya, kube nzima ngisho nakakhulu ukuthola abantu abasilalelayo noma abafuna ukufunda iBhayibheli. Noma kunjalo, kubalulekile ukuba siphikelele ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu omisiwe.—Math. 24:14.
2 Ukuthanda Abantu: Ukushumayela kwethu kuqokomisa indlela uJehova abathanda ngayo abantu. “Akafisi ukuba kubhubhe namunye kodwa ufisa ukuba bonke baphenduke.” (2 Pet. 3:9; Hez. 33:11) Ngakho, njengoba uJesu asho, uJehova uyalé ukuba ‘izindaba ezinhle zishunyayelwe ezizweni zonke kuqala.’ (Marku 13:10) UNkulunkulu unxusa abantu ukuba baphendukele kuye basinde ekwahlulelweni okusondelayo kwezwe likaSathane. (Joweli 2:28, 29, 32; Zef. 2:2, 3) Asibongi yini ngokuthi uJehova usinike lelo thuba?—1 Thim. 1:12, 13.
3 Umbiko womhlaba wonke ubonisa ukuthi ngonyaka wenkonzo ka-2004, kwaqhutshwa izifundo zeBhayibheli ezingaba ngu-6 085 387 nyanga zonke futhi kwabhapathizwa abafundi abasha abangaba ngu-5 000 isonto ngalinye! Abanye balaba bafundi abasanda kuzinikezela bátholwa ngenxa yokuthi uJehova wabusisa ukuphikelela kwabamemezeli abenza umzamo wokukhuluma nabo bonke abantu emasimini abawabelwe. Yeka ukuthi lokho kuye kwaletha injabulo enkulu kangakanani emabandleni, futhi yeka ilungelo esinalo lokusebenza noNkulunkulu kulo msebenzi wokusindisa ukuphila!—1 Kor. 3:5, 6, 9.
4 Ukudumisa Igama LikaNkulunkulu: Siyaphikelela ekushumayeleni ukuze sidumise uJehova obala futhi singcwelise igama lakhe phambi kwaso sonke isintu. (Heb. 13:15) USathane uye wadukisa “umhlaba wonke owakhiwe” wawenza wakholelwa ukuthi uNkulunkulu akanawo amandla okuxazulula izinkinga zesintu, akanandaba nokuhlupheka kwabantu, noma akekho nje nhlobo. (IsAm. 12:9) Ngokushumayela kwethu, sisekela iqiniso mayelana noBaba wethu wasezulwini okhazimulayo. Kwangathi singaqhubeka sidumisa igama lakhe—manje kuze kube phakade.—IHu. 145:1, 2.