Usuku LukaJehova Luseduze
1 AmaKristu aweve ekulangazelela ukufika kosuku lukaJehova azobhubhisa ngalo lesi simiso sezinto abese eletha izwe elisha lokulunga. (2 Pet. 3:12, 13) Njengoba singazi ngokunembile ukuthi lolo suku luzofika nini, kumelwe sihlale siqaphile futhi sisize nabanye benze okufanayo. (Hez. 33:7-9; Math. 24:42-44) Ukuzindla ngeZwi likaNkulunkulu eliyisiprofetho kuyosenza siqiniseke ngokwengeziwe ukuthi “usuku olukhulu lukaJehova luseduze.”—Zef. 1:14.
2 Ukulandelana Kwemibuso Yezwe: Njengoba kulotshwe kusAmbulo 17:9-11, umphostoli uJohane ukhuluma ‘ngamakhosi ayisikhombisa,’ amelela imibuso yezwe eyisikhombisa elandelanayo. UJohane ukhuluma ‘nangenkosi yesishiyagalombili,’ manje emelela iZizwe Ezihlangene. Ikhona yini eminye imibuso yezwe okusafanele silindele ukuba ivele? Cha, isiprofetho sithi le nkosi yesishiyagalombili “iya ekubhujisweni,” ngemva kwalokho akube kusaba namakhosi asemhlabeni okukhulunywa ngawo. Ingabe lesi siprofetho siyakusiza ukuba ubone ukuthi sikusiphi isikhathi?
3 UDaniyeli 2:31-45 usisiza siqonde ukufika kosuku lukaJehova. Kuleso siprofetho, isithombe esikhulukazi esabonwa uNebukhadinezari ephusheni simelela imibuso yezwe elandelanayo. Ngamunye wale mibuso usuvelile. Thina sikuyiphi inkathi namuhla? Sisenkathini efanekiselwa izinyawo zesithombe. Leso siprofetho sikuchaza ngokucacile osekuzokwenzeka. Ukubusa kwabantu kuzoqedwa nyá, kudedele “umbuso ongeke neze uchithwe.” Uyabona yini ukuthi lokhu kubonisa kanjani ukuthi usuku lukaJehova luseduze?
4 Ubufakazi Obengeziwe: Sizibonela ngawethu ubufakazi obengeziwe bokuthi usuku lukaJehova luseduze. Sibona ukugcwaliseka kwalokho umphostoli uPawulu akubikezela mayelana nezici zabantu “ezinsukwini zokugcina.” (2 Thim. 3:1-5) Futhi sihlanganyela emsebenzini wokusakaza ubufakazi okumelwe bunikezwe emhlabeni wonke ngaphambi kokufika kokuphela. (Math. 24:14) Kwangathi inkonzo yethu yasobala ingaqhubeka ibonisa ukuphuthuma kwalesi simemezelo sengelosi: “Mesabeni uNkulunkulu nimnike inkazimulo, ngoba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile.”—IsAm. 14:6, 7.