INgxenye 9: Ukuhlomisela Abafundi Ukushumayela Ngokwethukela
Ukuqhuba Izifundo ZeBhayibheli Ezithuthukayo
1 Lapho u-Andreya noFiliphu bebona ukuthi uJesu unguMesiya othenjisiwe, abakwazanga ukuzibamba bangazitsheli abanye lezi zindaba ezivusa amadlingozi. (Joh. 1:40-45) Nanamuhla, lapho abafundi beBhayibheli beqala ukubonisa ukholo kulokho abakufundayo, bashukumiseleka ukuba bakhulume ngakho. (2 Kor. 4:13) Singabakhuthaza kanjani ukuba bashumayele ngokwethukela futhi sibahlomisele ukwenza kanjalo ngokuphumelelayo?
2 Ungase uvele umbuze umfundi ukuthi useke waxoxa yini nabanye ngalokho akufunde eBhayibhelini. Mhlawumbe kukhona abangane namalungu omkhaya angase awacele ukuba abe khona esifundweni sakhe. Mbuze ukuthi bakhona yini asebenza nabo, afunda nabo, noma abanye abantu abaziyo, abaye babonisa ukuthi bayazithanda lezi zindaba. Ngaleyo ndlela angaqala ukushumayela. Msize abone isidingo sokusebenzisa ukuqonda nesokuba nenhlonipho nomusa lapho ekhuluma nabanye ngoJehova uNkulunkulu nangezinjongo zaKhe.—Kol. 4:6; 2 Thim. 2:24, 25.
3 Ukuxoxa Ngezinkolelo Zabo: Kubaluleke kakhulu ukuqeqesha abafundi beBhayibheli ukuba basebenzise iZwi likaNkulunkulu lapho bexoxa nabanye ngezinkolelo zabo. Ezindaweni ezithile phakathi nesifundo, mbuze umfundi: “Ungalisebenzisa kanjani iBhayibheli ukuze uchazele abakini leli qiniso?” noma “Imuphi umBhalo weBhayibheli ongawusebenzisa ukuze ufakazele lokhu lapho uxoxa nomngane wakho?” Phawula impendulo yakhe, bese umbonisa indlela yokusekela lokho akufundisayo emiBhalweni. (2 Thim. 2:15) Ngokwenza kanjalo, uyobe uhlomisela umfundi kokubili ukushumayela ngokwethukela nokushumayela nebandla enkonzweni lapho esefaneleka.
4 Kuwukuhlakanipha ukuhlomisela abafundi beBhayibheli ukubhekana nokuphikiswa. (Math. 10:36; Luka 8:13; 2 Thim. 3:12) Lapho abanye bebuza noma besho okuthile ngoFakazi BakaJehova, lokhu kungavula ithuba lokuba abafundi bashumayele. Incwajana ethi OFakazi BakaJehova—Bangobani? Yini Abayikholelwayo? ingabenza ‘bakulungele ukuvikela’ izinkolelo zabo. (1 Pet. 3:15) Inokwaziswa okunembile okungase kusetshenziswe yilabo abaqala ukuhlanganyela ukuze basize abangane namalungu omkhaya anezinhloso ezinhle ukuba aqonde izinkolelo zethu ezisekelwe eBhayibhelini nemisebenzi yethu engokomoya.