Yenzani Isimiso Somkhaya Esisebenzayo
1 ENtshumayelweni YaseNtabeni, uJesu wakhuthaza izilaleli zakhe: “Ngakho, qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe, khona-ke zonke lezi ezinye izinto niyozenezelelwa.” (Math. 6:33) Indlela esebenzayo yokuhlela kahle izinto ezenziwa umkhaya ukuze izinto ezingokomoya zize kuqala iwukuba nesimiso esibhalwe phansi. Zinikeni imizuzu embalwa nenze esenu isimiso somkhaya samasonto onke, nisebenzisa isimiso esinezikhala esikulesi senezelo ekhasini 6. Abanye bangase bathande ukusika amagama njengomkhaya bese bewanamathisela esimisweni. Abanye bangase bathande ukuyibhala le misebenzi engokomoya.
2 Isimiso esiyisibonelo esiboniswe ngezansi singase sinisize njengoba nenza isimiso. Nizophawula ukuthi kulesi simiso kunemisebenzi engokomoya emine nje kuphela: (1) ukuya emihlanganweni yebandla, (2) ukuya ensimini njengomkhaya, (3) isifundo somkhaya, kanye (4) nokucatshangelwa kwetekisi losuku. Ukuyibhala le misebenzi engokomoya esimisweni senu kunganisiza “niqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.” (Fil. 1:10) Kunokunye ukusikisela okusemakhasini 4-5 ngokuqondene nale misebenzi engokomoya emine.
3 Ninganezela nokunye esimisweni senu somkhaya ngaphandle kwale misebenzi engokomoya emine. Uma nilungiselela imihlangano ethile njengomkhaya, yibhaleni nayo esimisweni senu. Uma nifunda indinyana yeBhayibheli ndawonye ngemva kokucabangela itekisi losuku noma uma niyifunda ngesinye isikhathi, kubhaleni nalokho esimisweni senu. Uma nivame ukuzilibazisa ngandlela-thile, ningase nikubhale nalokho esimisweni senu.
4 Yenzani isimiso somkhaya sivumelane nezidingo nezimo zabo bonke ekhaya. Nihlale nihlale nihlole ukuthi sisebenza kahle yini, futhi nilungise lapho kudingeka khona.
[Ishadi ekhasini 3]
Isimiso Somkhaya Esiyisibonelo
Ekuseni Ntambama Kusihlwa
Sun. Itekisi Losuku
Ukuya Ensimini Inkulumo Yeningi
Njengomkhaya neSifundo Se-
Nqabayokulinda
Mon. Itekisi Losuku Isifundo Somkhaya
Tues. Itekisi Losuku ISifundo Sencwadi
Sebandla
Wed. Itekisi Losuku
Thurs. Itekisi Losuku ISikole Senkonzo
Esingokwase- zulwini
noMhlangano
Wenkonzo
Fri. Itekisi Losuku
Sat. Itekisi Losuku
Ukuya Ensimini
Njengomkhaya
(Usuku
Lukamagazini)
[Ishadi ekhasini 6]
Isimiso Somkhaya
Ekuseni Ntambama Kusihlwa
Sun.
Mon.
Tues.
Wed.
Thurs.
Fri.
Sat.
.................................................................
Itekisi Itekisi Itekisi Itekisi Itekisi Itekisi Itekisi
Losuku Losuku Losuku Losuku Losuku Losuku Losuku
Inkulumo ISikole ISifundo Isifundo Ukuya Ukufunda Ukuzili-
Yeningi Senkonzo Sencwadi Somkhaya Ensimini IBhayi- bazisa
NeSifundo Esingo- Sebandla Njengom- bheli Njengom-
Se- kwasezu- khaya Njengom- khaya
Nqabayo- lwini khaya
kulinda NoMhlangano
Wenkonzo