Isimiso Somkhaya—Itekisi Losuku
1 Abazali abanothando basebenza kanzima usuku ngalunye ukuze bondle izingane zabo. Ukuzondla ngokudla okungokomoya okunomsoco okuvela eZwini likaNkulunkulu kubaluleke nakakhulu. (Math. 4:4) Enye indlela ongazisiza ngayo izingane zakho zilangazelele ukudla okungokomoya okunempilo futhi ‘zikhulele ensindisweni’ iwukucabangela itekisi losuku nokukhulunyelwa kwalo njengomkhaya usuku ngalunye. (1 Pet. 2:2) Ungakutholela siphi isikhathi lokhu esimisweni senu somkhaya?
2 Ngezikhathi Zokudla: Ukuqala usuku ngengxoxo yetekisi kungasiza umkhaya wakho uhlale ucabanga ngoJehova usuku lonke. (IHu. 16:8) Omunye umama wayeqikelela ukuthi ufunda futhi axoxe ngetekisi losuku nokukhulunyelwa kwalo nendodana yakhe lapho idla ukudla kwasekuseni futhi athandaze nayo ngaphambi kokuba iye esikoleni. Lokhu kwayiqinisa yangayekethisa lapho kuphakama izindaba zobuzwe esikoleni nalapho yeshelwa, futhi yakwazi ukubashumayeza ngesibindi efunda nabo kanye nothisha. Nakuba kwakuyiyo yodwa enguFakazi esikoleni, yayingazizwa neze sengathi ayinabani.
3 Uma kungeke kusebenze ukufunda itekisi ekuseni, ningase nilifunde njengomkhaya ntambama, mhlawumbe lapho nidla kusihlwa. Abanye baxoxa nangokuhlangenwe nakho abakuthole ensimini baxoxe nangamaphuzu abawathole lapho bezifundela iBhayibheli. Abaningi bayazikhumbula izingxoxo ezinjengalezi, bathi ziphakathi kwezikhathi ezimnandi kakhulu ababezijabulela lapho behlezi njengomkhaya ngesikhathi sokudla kwakusihlwa.
4 Ebusuku: Kweminye imikhaya, isikhathi esingcono kakhulu sokucabangela itekisi losuku kusebusuku ngaphambi kokuyolala. Lesi kungaba isikhathi esihle sokuthandaza ndawonye. Njengoba izingane zakho zikuzwa nsuku zonke ukhuluma ngoJehova futhi uthandaza kuye, uba umuntu ongokoqobo kuzo.
5 Kwangathi uJehova angayibusisa imizamo yakho yokugxilisa iqiniso ezinganeni zakho njengoba uyisebenzisa kahle incwajana ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke.