Siyabakweleta Abantu
1 Umphostoli uPawulu wayezizwa enesibopho sokushumayela kubantu. Wayazi ukuthi uJehova wenze ukuba zonke izinhlobo zabantu zibe nethuba lokusindiswa ngegazi eliyigugu leNdodana yaKhe. (1 Thim. 2:3-6) Ngakho-ke, uPawulu wathi: “Ngikweleta kokubili amaGreki namaQaba, kokubili abahlakaniphile nabangenangqondo.” Wazikhandla ngokuzimisela ukuze akhokhe isikweletu sakhe kwabanye abantu ngokuxoxa nabo ngezindaba ezinhle.—Roma 1:14, 15.
2 NjengoPawulu, amaKristu namuhla azama ukuxoxa nomakhelwane bawo ngezindaba ezinhle ngawo wonke amathuba. Njengoba “usizi olukhulu” lusondela ngokushesha, ukufuna kwethu abanhliziyo ziqotho kuyaphuthuma. Kwangathi uthando oluqotho ngabantu lungasishukumisela ukuba sikhuthale kulo msebenzi osindisa ukuphila.—Math. 24:21; Hez. 33:8.
3 Ukukhokha Isikweletu Sethu: Indlela eyinhloko esifinyelela ngayo abantu ingokushumayela endlini ngendlu. Emasimini lapho bebaningi abantu abangekho emakhaya, ukugcina umbhalo onembile nokuphindela ngezikhathi ezihlukahlukene kuyosenza sikwazi ukuthola abengeziwe. (1 Kor. 10:33) Abantu singabathola nangokushumayela ensimini yamabhizinisi, emigwaqweni, emapaki, ezindaweni zokupaka izimoto nangokusebenzisa ucingo. Singase sizibuze, ‘Ingabe ngenza konke okusemandleni ngokusebenzisa zonke izindlela zokushumayela ukuze ngixoxe nabanye ngesigijimi sokuphila?’—Math. 10:11.
4 Elinye iphayona lalinomuzwa ojulile wokuba nesibopho sokufinyelela bonke abantu ensimini yebandla lakubo. Komunye umuzi kwakuhlale kuvalwe amakhethini, njalo kungekho muntu. Nokho ngelinye ilanga, leli phayona lingenzi insimu, labona kumi imoto phambi kwalo muzi ohlale ungenabantu. Lingafuni ukuphunyukwa yilelo thuba, langqongqoza. Kwavula indoda, futhi ngemva kwengxoxo yokuqala lo dade nomyeni wakhe baphindela kaningana kule ndoda. Ekugcineni, le ndoda yavuma ukufundelwa iBhayibheli, futhi manje ingumzalwane obhapathiziwe. Iyabonga ngokuthi lo dade wazizwa enesikweletu sokushumayela kwabanye abantu.
5 Njengoba isikhathi siphela ngokushesha, manje yilona thuba lokukhokha isikweletu sethu kwabanye abantu ngokuzikhandla emsebenzini wokushumayela.—2 Kor. 6:1, 2.