Ingxenye 12: Ukusiza Abafundi Ukuba Bakwazi Ukuqala Nokuqhuba Izifundo ZeBhayibheli
Ukuqhuba Izifundo ZeBhayibheli Ezithuthukayo
1 Lapho abantu esibaqhubela izifundo zeBhayibheli beqala ukuya enkonzweni yasensimini, bangase bashaywe uvalo lapho becabanga indaba yokuqala nokuqhuba izifundo zeBhayibheli bona ngokwabo. Singabasiza kanjani ukuba babe nombono oqondile ngale ngxenye ebalulekile yenkonzo yethu?—Math. 24:14; 28:19, 20.
2 Lapho umfundi weBhayibheli esekufanelekela ukuba ummemezeli ongabhapathiziwe, cishe usuke esebhalisile kakade eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. Ukuqeqeshwa akutholayo lapho elungiselela nalapho enikeza izinkulumo azabelwe kuyomsiza ukuba athuthukise amakhono okufundisa adingwa “isisebenzi esingenamahloni ngalutho, esiphatha izwi leqiniso ngokufanele.”—2 Thim. 2:15.
3 Fundisa Ngesibonelo Sakho: UJesu wafundisa abafundi bakhe ngokubanikeza iziqondiso ezicacile nangokubabekela isibonelo esihle. Wathi: “Wonke umuntu ofundiswe ngokuphelele uyoba njengomfundisi wakhe.” (Luka 6:40) Kubalulekile ngawe ukuba ulingise uJesu ngokubeka isibonelo esihle enkonzweni yakho. Njengoba umfundi eqaphela isibonelo sakho enkonzweni, uyoqonda ukuthi umgomo wokwenza izimpindelo uwukuqala izifundo zeBhayibheli.
4 Chaza ukuthi lapho sicela ukuqhubela othile isifundo, ngokuvamile akudingeki ukuba sichaze yonke imininingwane ephathelene namalungiselelo esifundo. Ngokuvamile kungcono kakhulu ukuba umane ubonise lowo muntu indlela esiqhuba ngayo isifundo ngokusebenzisa mhlawumbe isigaba esisodwa noma ezimbili zencwadi esiqhuba ngayo izifundo. Le Nkonzo Yethu YoMbuso ekhasini 8 kanye neka-January 2002 ekhasini 6 ziqukethe ukusikisela okuwusizo maqondana nendlela esingakwenza ngayo lokhu.
5 Lapho kufaneleka khona, cela umfundi ukuba ahambe nawe noma nomunye ummemezeli osemnkantsh’ ubomvu lapho niyoqhuba ezinye izifundo zeBhayibheli. Angase ahlanganyele ngokuchaza isigaba esithile noma umBhalo oyinhloko. Ngakho lapho ebona lo msebenzi wenziwa ngokoqobo, umfundi angafunda lukhulu ngokuqhuba izifundo zeBhayibheli ezithuthukayo. (IzAga 27:17; 2 Thim. 2:2) Mtuse, futhi ubonisane naye ngendlela angathuthuka ngayo.
6 Ukuqeqesha abamemezeli abasha ukuba babe abafundisi beZwi likaNkulunkulu kuyobahlomisela ukwenza ‘umsebenzi omuhle’ wokuqala nokuqhuba izifundo zabo zeBhayibheli. (2 Thim. 3:17) Yeka ukuthi kwanelisa kanjani ukusebenza kanye nabo ekudluliseleni lesi simemo sothando: ‘Noma ubani othandayo makathathe amanzi okuphila ngesihle’!—IsAm. 22:17.