Ukuqala Izifundo ZeBhayibheli Simi Emnyango Noma Ngocingo
1, 2. Singasishintsha kanjani isimiso sethu sokuqhuba izifundo zeBhayibheli sisivumelanise nesabantu abamatasa ukuze sikwazi ukubasiza?
1 Abantu namuhla bamatasa. Kodwa abaningi bayathanda ukwazi okwengeziwe ngezinto eziphathelene noNkulunkulu. Singabasiza kanjani ukuba banelise isidingo sabo esingokomoya? (Math. 5:3) Abamemezeli abaningi bayakwazi ukuqhubela abantu izifundo zeBhayibheli bemi nabo emnyango noma ngocingo. Ungayandisa yini inkonzo yakho ngale ndlela?
2 Ukuze siqale izifundo zeBhayibheli, kumelwe sihlale sikulungele ukubonisa abantu indlela esiqhuba ngayo isifundo seBhayibheli noma nini lapho ithuba livela. Singakwenza kanjani lokhu, futhi kuphi?
3. Kungani kumelwe ubonise umuntu oqala ngqa ukuxoxa naye indlela esiqhuba ngayo isifundo seBhayibheli, futhi kungenziwa kanjani lokhu?
3 Lapho Simi Emnyango: Lapho uhlangana nomuntu ozimisele ukuxoxa nawe ngeBhayibheli, mane nje uvule isigaba oye wasilungiselela kusengaphambili, njengesigaba sokuqala esifundweni 1 sencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?, bese uhlala endabeni. Funda isigaba, nibonisane ngombuzo, bese nixoxa ngomBhalo owodwa noma emibili ekhonjiwe. Ngokuvamile lokhu ungakwenza ngemizuzu emihlanu kuya kweyishumi umi khona kanye emnyango. Uma umuntu eyijabulela ingxoxo, yenza amalungiselelo okubuya ngesikhathi esizayo nizoxoxa ngesigaba esisodwa noma ezimbili ezilandelayo.—INkonzo Yethu YoMbuso ka-January 2002, ekhasini 6, inokusikisela okwengeziwe mayelana nokusebenzisa indlela engagwegwesi yokuqala izifundo.
4. Singasiqala kanjani isifundo seBhayibheli simi emnyango lapho senza izimpindelo?
4 Singasebenzisa indlela efanayo ukuze siqale izifundo zeBhayibheli lapho senza izimpindelo. Ngokwesibonelo, ungase ubonise umuntu omhambele incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? bese uqokomisa igama likaNkulunkulu, usebenzisa isifundo 2, izigaba 1-2. Lapho ubuya ngokuzayo, ungaxoxa ngalokho iBhayibheli elikwembulayo ngezimfanelo zikaJehova, usebenzisa izigaba 3-4. Engxoxweni elandelayo, ningase nixoxe ngezigaba 5-6 nangesithombe esisekhasini 5 ukuze uqokomise iphuzu lokuthi isifundo seBhayibheli singasisiza kanjani ukuba sazi uJehova. Konke ningakwenza nimi emnyango.
5, 6. (a) Kungani abanye abantu bekhetha ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli ngocingo? (b) Iyiphi indlela esingayisebenzisa lapho sicela ukuqhubela othile isifundo ngocingo?
5 Ngocingo: Abanye abantu bangase bakwamukele kakhudlwana ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli ngocingo kunalapho nibonana ubuso nobuso. Cabanga ngale ndaba elandelayo: Lapho udade othile eshumayela endlini ngendlu, wahlangana nowesifazane osemusha ongumama futhi omatasa ngenxa yomsebenzi. Lapho lo dade engasamtholi ekhaya, wanquma ukumshayela ucingo. Lona wesifazane wachaza ukuthi akanaso ngempela isikhathi sokuxoxa ngeBhayibheli. Udade wathi: “Ngisho nangocingo ungafunda okusha ngemizuzu eyishumi noma engu-15.” “Hhayi-ke, uma sizofunda ngocingo kulungile!” kuphendula lona wesifazane. Ngokushesha nje, kwase kuqhutshwa isifundo seBhayibheli ngocingo.
6 Ingabe abathile kulabo obahambelayo bangakwamukela ukuqhutshelwa isifundo ngocingo? Ungase uzame ukusebenzisa le ndlela esanda kuchazwa, noma ungamane uthi: “Uma uthanda, singaxoxa ngeBhayibheli ocingweni. Kungaba ngcono yini lokho?” Ngokushintsha isimiso sethu sokuqhuba izifundo zeBhayibheli ukuze sivumelane nezimo zabanye, singase sibasize ‘bathole ulwazi ngoNkulunkulu.’—IzAga 2:5; 1 Kor. 9:23.