Memezela Inkazimulo KaJehova
1 Umhubi wathi: “Hlabelelelani uJehova, nonke nina bantu basemhlabeni. Memezelani inkazimulo yakhe phakathi kwezizwe, phakathi kwazo zonke izizwe imisebenzi yakhe emangalisayo.” Njengoba sizindla ngalokho uJehova asenzele kona, asenzela kona nasazosenzela kona, izinhliziyo zethu zisishukumisela ukuba simemezele inkazimulo yakhe!—IHu. 96:1, 3.
2 Enkonzweni Yethu: OFakazi BakaJehova banelungelo lokubizwa ngegama likaNkulunkulu nokulidumisa obala emhlabeni wonke. (Mal. 1:11) Yeka indlela abahluke ngayo kubefundisi beLobukholwa, abagabadela bakhiphe igama likaNkulunkulu ezinguqulweni zabo zeBhayibheli! Umsebenzi wokwenza igama likaNkulunkulu laziwe uyaphuthuma, ngoba abantu kumelwe babize lelo gama ngokholo ukuze basinde osizini olukhulu oluzayo. (Roma 10:13-15) Ngaphezu kwalokho, ukuthula kwendawo yonke, kuhlanganise nokuthula phakathi kwezakhamuzi zomhlaba, kuxhomeke ekungcwelisweni kwegama likaNkulunkulu. Impela, yonke imisebenzi kaNkulunkulu ihlobene negama lakhe.
3 “UJehova mkhulu futhi kumelwe adunyiswe kakhulu.” Kodwa ukuze abantu ‘bathi ingekaJehova inkazimulo yegama lakhe,’ kumelwe bazi iqiniso ngaye. (IHu. 96:4, 8) Nokho, abanye bayaphika ukuthi uNkulunkulu ukhona. (IHu. 14:1) Abanye bayamhlambalaza bathi akanamandla, noma bathi akanandaba nokuthi kwenzekani esintwini. Njengoba sisiza abanhliziyo ziqotho ukuba bathole ulwazi olunembile ngoMdali wethu, ngezinjongo zakhe nangobuntu bakhe obukhangayo, siyamkhazimulisa uJehova.
4 Ngokuziphatha Kwethu: Ukuphila ngokuvumelana nezindinganiso zikaJehova zokulunga kuyamdumisa. Abantu bayakubona ukuziphatha kwethu okuhle. (1 Pet. 2:12) Ngokwesibonelo, lapho besibona sihlanzekile futhi sizilungise ngobunono bangase basincome, kusinike ithuba lokukhuluma nabo ngezinzuzo zokuphila ngezimiso eziseZwini likaNkulunkulu. (1 Thim. 2:9, 10) Yeka indlela esijabula ngayo lapho abanye ‘bebona imisebenzi yethu emihle bese benika uBaba wethu osemazulwini inkazimulo’!—Math. 5:16.
5 Ngamazwi nangezenzo, nsuku zonke masidumise uNkulunkulu wethu okhazimulayo, ngaleyo ndlela sisabele kulesi simemo esijabulisayo: “Hlabelelelani uJehova, tusani igama lakhe. Usuku nosuku khulumani ngezindaba ezinhle zensindiso yakhe.”—IHu. 96:2.