Imfundo Eholela Ekuphileni
1 Yeka indlela okuvuza ngayo ukubona amehlo abantu ekhanya lapho beqonda iqiniso eliseZwini likaNkulunkulu! Ukwabelana nabanye ngolwazi lukaNkulunkulu nenjongo yakhe ngesintu kuyanelisa ngempela. Imfundo enjalo ingaholela umuntu ekuphileni okuphakade.—Joh. 17:3.
2 Okwenza Le Mfundo Ivelele: Namuhla imfundo itholakala cishe ngazo zonke izindlela esingase sizicabange futhi iphathelene nazo zonke izihloko. (UmSh. 12:12) Kodwa ulwazi olunjalo alunakuqhathaniswa nenzuzo ‘yezinto ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu.’ (IzE. 2:11) Ingabe imfundo etholakala ezweni ikwazile ukusiza isintu ukuba sisondele kakhudlwana kuMdali futhi sazi ngenjongo yakhe? Ingabe ibasizile abantu ukuba baqonde ukuthi kwenzekani lapho sifa noma ukuthi kungani kunokuhlupheka okungaka? Ibanikile yini ithemba abantu? Ikuthuthukisile yini ukuphila komkhaya? Cha. Singathola izimpendulo zangempela zemibuzo ebaluleke kakhulu ekuphileni ngokwamukela imfundo evela kuNkulunkulu kuphela.
3 Imfundo evela kuNkulunkulu inikeza okuthile okuntuleka ngokuphelele ezweni lanamuhla—ithuthukisa izindinganiso zokuziphatha. IZwi likaNkulunkulu liyabuqeda nyá ubuhlanga nobuzwe ezinhliziyweni zalabo abamukela izimfundiso zalo futhi bazisebenzise. (Heb. 4:12) Liye lashukumisa abantu ukuba balahle zonke izinhlobo zobudlova futhi ‘bagqoke ubuntu obusha.’ (Kol. 3:9-11; Mika 4:1-3) Ngaphezu kwalokho, imfundo evela kuNkulunkulu iye yanikeza izigidi amandla okunqoba imikhuba esegazini nezici ezingamjabulisi uNkulunkulu.—1 Kor. 6:9-11.
4 Okukwenza Kuphuthume Manje: UMfundisi wethu Omkhulu usisiza siqaphele okushiwo yizikhathi esiphila kuzo. Izahlulelo zakhe eziyisiprofetho ziqukethe ukwaziswa okuhambisana nesikhathi okumelwe kumenyezelwe emhlabeni wonke. (IsAm. 14:6, 7) UKristu uyabusa emazulwini, umbuso wezwe wenkolo yamanga uzoqothulwa maduze, futhi uMbuso kaNkulunkulu usukulungele ukubhubhisa bonke ohulumeni basemhlabeni. (Dan. 2:44; IsAm. 11:15; 17:16) Ngakho, kuyaphuthuma ukuba abantu baqaphele iNkosi ebusayo manje egcotshwe uNkulunkulu, baphume eBhabhiloni Elikhulu futhi babize igama likaJehova ngokholo. (IHu. 2:11, 12; Roma 10:13; IsAm. 18:4) Kwangathi singahlanganyela ngokugcwele ngangokunokwenzeka ekudluliseleni kwabanye imfundo eholela ekuphileni.