Ingane Yakho Ingasenza Yini Isinqumo Esibonisa Ukuvuthwa?
1. Yisiphi isinqumo esiye senziwa yintsha engoFakazi mayelana nokusetshenziswa kwegazi? Nikeza isibonelo.
1 Isinqumo esibonisa ukuvuthwa mayelana nani? Mayelana nokumpontshelwa igazi. Njengoba kwaboniswa esihlokweni esithi “Hambani Njengabafundiswa UJehova” kuyi-Nqabayokulinda ka-June 15, 1991, izingane zoFakazi BakaJehova kuye kwadingeka ukuba zenze izinqumo ezibonisa ukuvuthwa ukuze zibonise ukuthi isifiso sazo sokulalela umthetho kaNkulunkulu ngegazi sibalulekile kuzo njengoba sibalulekile nakubazali bazo. Ingabe kungadingeka okufanayo ngengane yakho?
2. Iyiphi indinganiso yomthetho eyasetshenziswa inkantolo ethile enganeni eyenqaba ukumpontshelwa igazi, futhi yini abazali abangamaKristu nezingane zabo abayifundayo kulokhu?
2 Uthini Umthetho? INkantolo Ephakeme Yase-Illinois e-United States yasekela ilungelo lengane evuthiwe lokwenqaba ukumpontshelwa igazi. Lapho ihlaziya icala likadade oneminyaka engu-17 ubudala, le nkantolo yathi: “Uma ubufakazi bucacile futhi buqinisekisa ukuthi umntwana uvuthwe ngokwanele ukuba aqonde imiphumela yezenzo zakhe [futhi esebenzisa] ukwahlulela komuntu omdala, khona-ke imfundiso ephathelene nomntwana osevuthiwe imnikeza ilungelo lomthetho wendawo lokwamukela noma ukwenqaba indlela yokwelashwa.” Isimiso esisekela ingane evuthiwe siyasebenza naseNingizimu Afrika. Ngakho-ke, lapho behlaziya ukuthi ingane isivuthwe ngokwanele yini ukuba izenzele isinqumo, odokotela noma iziphathimandla zingase zixoxe nesiguli ukuze zizizwele ukuthi siyakwenqaba ukumpontshelwa igazi. Lona osemusha kudingeka asiqonde ngezinga elanelisayo isimo sakhe sempilo esibucayi kanye nemiphumela yokukhetha kwakhe endabeni yokwelashwa futhi ayichaze ngokucacile nangokuqondile inkolelo yakhe engokwenkolo mayelana nomthetho kaNkulunkulu ngegazi.
3. Yimiphi imibuzo abazali okufanele bayicabangele ngokungathí sina, futhi ngani?
3 Ibingathini Ingane Yakho? Ingabe izingane zakho ziyakwazi ukuzikhulumela kule ndaba? Ingabe zikholelwa ngenhliziyo yonke ukuthi kuwumyalo kaNkulunkulu ukuba ‘zidede egazini’? (IzE. 15:29; 21:25) Zingayichaza yini inkolelo yazo ngokwemiBhalo? Zingasivikela yini ngesibindi isinqumo sazo esiqinile endabeni yegazi uma odokotela bekholelwa ukuthi ukuphila kwazo kusengozini, ngisho nalapho abazali bazo bengekho? Ngenxa yokuthi “[sonke sehlelwa] isikhathi nesenzakalo esingalindelekile,” ningazilungiselela kanjani izingane zenu ukuze zibhekane nanoma iyiphi inselele engalindelekile yobuqotho bazo?—UmSh. 9:11; Efe. 6:4.
4, 5. (a) Abazali banamuphi umthwalo wemfanelo, futhi bangawufeza kanjani? (b) Yimaphi amalungiselelo esinawo okusiza abazali?
4 Bazali, Yini Eningayenza? Ninomthwalo wemfanelo wokufundisa izingane zenu ngombono kaNkulunkulu ngegazi. (2 Thim. 3:14, 15) Incazelo ecacile itholakala encwadini Ukubonisana, emakhasini 71-5. Yifundeni ngokucophelela nomkhaya wenu. Nisebenzisa ingxenye ethi “Uma Umuntu Ethi—” emakhasini 75-7, prakthizani nezingane zenu ukuze nizisize zikwazi ukuchaza lokho ezikukholelwayo kanye nezizathu zokuthi kungani zikukholelwa. (1 Pet. 3:15) Ezinye izincwadi eziwusizo ekusifundiseni ngegazi zihlanganisa incwajana ethi Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho? kanye ne-Nqabayokulinda ka-June 15, 2004, amakhasi 14-24. Ngaphezu kwalokho, i-video ethi Transfusion-Alternative Health Care—Meeting Patient Needs and Rights kanye nethi No Blood—Medicine Meets the Challenge, manje atholakala kuyi-DVD enesihloko esithi Transfusion Alternatives—Documentary Series, anikeza ukwaziswa okugculisayo kokuthi ukwelapha nokuhlinza ngaphandle kwegazi kunengqondo futhi kuyaphumelela. Ingabe umkhaya wenu uye wawabuka la ma-video futhi waxoxa ngawo muva nje?
5 Sizani izingane zenu ‘zizitholele ngokwazo okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo’ mayelana negazi. Khona-ke, ziyokwenza isinqumo esibonisa ukuvuthwa esiyobusiswa nguJehova.—Roma 12:2.