Ukuvikela Izingane Zakho Ekusetshenzisweni Kabi Kwegazi
1 “Bheka, abantwana bayifa elivela kuJehova.” (IHu. 127:3) Uma ninefa eliyigugu kangaka elivela kuJehova, nina, njengabazali, ninomthwalo wemfanelo ojabulisayo, nakuba ungongathi sína, wokuqeqesha, ukunakekela, kanye nokuvikela izingane zenu. Ngokwesibonelo, ingabe niye nazithatha zonke izinyathelo ezifanele ukuze nivikele izingane zenu ezincane ekumpontshelweni igazi? Izingane zenu zingasabela kanjani uma zibhekene nesimo sokumpontshelwa igazi? Ingabe niye naxoxa njengomkhaya ngalokho eningase nikwenze ukuze nibhekane ngokuphumelelayo nesimo esiphuthumayo lapho kunengozi yokumpontshelwa igazi?
2 Ukulungiselela umkhaya wenu izimo ezinjalo akufanele kunibangele ukukhathazeka noma ukucindezeleka okungadingekile. Aninakulindela futhi nilungiselele zonke izenzakalo ezingase zenzeke ekuphileni, kodwa ziningi izinto nina njengabazali, eningazenza kusengaphambili ukuze nivikele izingane zenu ekumpontshelweni igazi. Ukudebeselela lemithwalo yemfanelo kungase kuphumele ekubeni ingane yenu impontshelwe igazi lapho inikezwa ukunakekela kwezokwelapha. Yini engenziwa?
3 Ukuba Nokholo Oluqinile Kubalulekile: Kufanele icatshangelwe ngokungathi sína indlela ukholo lwenu oluqine ngayo ngokuphathelene nomthetho kaNkulunkulu ngegazi. Ingabe izingane zenu niyazifundisa ukuba zilalele uJehova kulendaba, njengoba nje nizifundisa umthetho wakhe omayelana nokwethembeka, ukuziphatha okuhle, ukungathathi hlangothi, kanye nezinye izici zokuphila? Ingabe ngempela sizizwa njengoba umthetho kaNkulunkulu wayala kuDuteronomi 12:23: “Qaphela kuphela ukuba ungalidli igazi”? Ivesi 25 liyanezela: “Ungalidli ukuba kube-kuhle nakubantwana bakho emva kwakho, lapho wenza okulungile emehlweni kaJehova.” Udokotela angase athi igazi lizokwenza ukuba ‘kube-kuhle’ ngengane yakho egulayo, kodwa kumelwe unqume ngokuqinile ngaphambi kokuba kuphakame noma isiphi isimo esiphuthumayo ukuthi uzolenqaba igazi ukuba lifakwe kuwe nasezinganeni zakho ubheka ubuhlobo bakho noJehova njengobuphakeme kunanoma ikuphi okuthiwa kuwukwelulwa kokuphila okungahilela ukuphula umthetho wakhe waphezulu. Kuhileleke ukuthola umusa kaNkulunkulu manje kanye nokuphila okuphakade esikhathini esizayo!
4 Yebo, oFakazi BakaJehova bayakuthanda ukuphila. Abanaso isifiso sokufa. Bafuna ukuphila ukuze badumise uJehova futhi benze intando yakhe. Yileso esinye isizathu esibenza baye ezibhedlela futhi bayise nezingane zabo khona ukuze zelashwe. Bacela odokotela ukuba bazelaphe, futhi lapho betshelwa ukuthi igazi liyindlela yokwelapha egunyaziwe noma edingekayo ngokwezokwelapha, bacela ukwelashwa ngenye indlela engalisebenzisi igazi. Kunezindlela eziningi ngaphandle kokusebenzisa igazi. Odokotela abanokuhlangenwe nakho bayazisebenzisa. Izindlela zobuchwepheshe ezinjalo ezihlukile aziyiyo imithi-mbumbulu kodwa ziyizindlela zokwelapha nezinqubo ezinengqondo ngokwezokwelapha ezifakazelwayo emaphephabhukwini aphambili ezokwelapha. Izinkulungwane zodokotela emhlabeni wonke ziyabambisana nathi ekunikezeni ukunakekela okuhle kwezokwelapha ngaphandle kokusebenzisa igazi, nakuba kuseyinkinga ngezinye izikhathi ukuthola odokotela abazokwelapha izingane zoFakazi ngaphandle kokusebenzisa igazi.
5 Ukuthola Udokotela Obambisanayo: Ziningi izinto odokotela abazikhathalelayo ekwelapheni iziguli, futhi lapho ubacela ukuba belaphe ingane yakho ngaphandle kwegazi, lokhu kuyayandisa inselele. Abanye odokotela bayovuma ukwelapha abantu abadala kuyilapho behlonipha izifiso zabo ngokuphathelene negazi uma nje ifomu elamukelekayo elibakhululayo ecaleni ligcwalisiwe. Abanye bangase ngokufanayo bavume ukwelapha izingane eziye zabonisa ukuthi ziyizingane ezivuthiwe, njengoba ezinye izinkantolo ziye zaqaphela ukuthi izingane ezivuthiwe zinelungelo lokuzikhethela indlela yokwelashwa kwazo siqu. (Bheka INqabayokulinda ka-June 15, 1991, amakhasi 16-17, ukuze uthole incazelo yalowo obhekwa njengengane evuthiwe.) Nokho, odokotela bangase benqabe ukwelapha izingane ezincane, ikakhulukazi izinsana, ngaphandle uma benikezwa imvume yokumpompela igazi. Empeleni, bambalwa kakhulu odokotela abangaqinisekisa ngokuphelele ukuthi ngeke balisebenzise igazi ngaphansi kwanoma iziphi izimo lapho belapha ingane. Ngenxa yezizathu ezingokwezokwelapha nezingokomthetho, odokotela abaningi banomuzwa wokuthi abanakukwazi ukunikeza lesosiqinisekiso. Nakuba kunjalo, inani elandayo liyafuna ukunakekela izingane zoFakazi BakaJehova kuyilapho lenza konke elinomuzwa wokuthi lingakwenza ukuze lihloniphe izifiso zethu ngokuphathelene negazi.
6 Ngenxa yalokhu, kuthiwani uma lapho usafunela ingane yakho udokotela ofanelekayo, uthola othile onerekhodi lokubambisana kahle noFakazi BakaJehova futhi esikhathini esedlule oye welapha abanye oFakazi ngendlela efanayo yokungasebenzisi igazi, nokho onomuzwa wokuthi umthetho awumvumeli ukuba akunikeze isiqinisekiso esiphelele sokuthi igazi ngeke lisetshenziswe? Nokho, uyakuqinisekisa ukuthi unomuzwa wokuthi namanje ngeke ibe khona inkinga. Ungase unqume ukuthi lokhu kuwukukhetha okungcono kakhulu. Ngaphansi kwalezimo ungase uphethe ngokuthi ungayinikeza imvume yokuba aqhubeke. Nokho, kwenze kucace ukuthi ngokunikeza imvume yokuba ingane yakho yelashwe awunikezi imvume yokumpontshelwa igazi. Ukuthatha lenkambo kungaba umthwalo wemfanelo okungadingeka uwuthwale nakuba isinqumo sakho singeke sibhekwe njengokuhlehla okholweni.
7 Yebo, uma ungase ukwazi ukuthola enye indlela yokwelashwa okufanele ongayikhetha engayinciphisa ngokwengeziwe noma ngokunokwenzeka iyenze ingabikho inkinga yokusetshenziswa kwegazi, khona-ke cishe uyothatha inkambo engenayo ingozi enkulu. Kuyolindeleka ukuba wenze umzamo wenkuthalo wokuthola udokotela noma udokotela ohlinzayo ongenza okwengeziwe kunabanye ekuvumeni ukuba angalifaki igazi. Indlela engcono kakhulu yokuzivikela iwukulindela izinkinga. Yenza wonke umzamo wokuba uthole kusengaphambili udokotela obambisanayo. Zama ukuba noma nini lapho kungenzeka khona ungasebenzelani nodokotela kanye nezibhedlela ezingabambisani.
8 Kwamanye amazwe esinye isici esingenza kube nomehluko wokuthi igazi lizompontshelwa yini noma cha indlela ukunakekela kwesibhedlela okuzokhokhelwa ngayo. Lapho abazali benomshuwalense wempilo noma okunye okungabavumela ukuba bafune udokotela abangazikhethela yena, izingane zingasuswa kalula ezandleni zodokotela noma izisebenzi zasesibhedlela ezingabambisani. Ngokuvamile imali eyanele yokuhlangabezana nezindleko iyona enquma uhlobo lwenkonzo kanye nokubambisana umkhaya okutholayo kodokotela nezibhedlela. Futhi, ukuthi isibhedlela noma udokotela uyavuma yini ukuba ingane idluliselwe kuye ngokuvamile kuyoxhomeka ekukwazini kwabazali ukukhokhela lokho kunakekelwa. Futhi nina enilindele ukuba omama, kubalulekile ukuba ninakekele impilo yenu phakathi nesikhathi sokukhulelwa! Lokhu kuyofeza okukhulu ekuvimbeleni ukuba ingane izalwe isikhathi singakafiki kanye nezinye izinkinga ezihlobene nakho, ngenxa yokuthi izikhathi eziningi ukwelashwa okugunyaziwe kwezingane ezizalwe isikhathi singakafiki kanye nezinkinga zakho kuhilela igazi.
9 Ngezinye izikhathi odokotela bakhononda ngokuthi oFakazi BakaJehova abaxoxi ngokungalifuni kwabo igazi kuze kube umzuzu wokugcina. Akufanele neze kube njalo. Enye yezinto zokuqala abazali abangoFakazi okufanele bayenze lapho beya esibhedlela noma lapho befuna izinkonzo zikadokotela kufanele baxoxe ngokuma kwabo ngokuphathelene negazi. Uma kuhileleke ukuhlinza, cela ukuba ubonane nesazi sezibulala-zinzwa. Udokotela ohlinzayo angase akwazi ukukusiza ukuba ukwenze lokhu. Amafomu agcwaliswayo lapho uzolaliswa esibhedlela kufanele ahlolisiswe. Unelungelo lokucima noma yini ongavumelani nayo. Ukuze uqede noma ikuphi ukungabaza, bhala ngokucacile efomini lokulaliswa esibhedlela ukuthi igazi, ngokwezizathu ezingokwenkolo nezingokwezokwelapha, awulifuni noma awulivumeli ngaphansi kwanoma iziphi izimo.
10 Usizo Oluvela Enhlanganweni KaJehova: Yimaphi amalungiselelo inhlangano kaJehova eye yawenza ukuze inisize ekuvikeleni izingane zenu ekumpontshelweni igazi? Maningi. INhlangano iye yakhipha izinto eziningi zokusifundisa ngokuphathelene negazi kanye nezinye izindlela zokwelapha ngobuchwepheshe ezingalisebenzisi igazi. Niye nafunda incwajana engangomagazini ethi Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho? kanye nezinye izincwadi ezikhuluma ngalesihloko. Futhi ninabazalwane nodade ebandleni lakini abanganinikeza usizo kanye nokusekela okukhulu. Lapho kunesimo esibucayi, abadala bangase bakucabangele njengokuwukuhlakanipha ukuhlela ukuba kugadwe imini nobusuku esibhedlela, kutuswa ukuba kwenziwe umdala kanye nomzali wesiguli noma elinye ilungu lomkhaya eliseduze. Ngokuvamile ukumpontshelwa igazi kwenziwa lapho zonke izihlobo nabangane sebehambile bephindele ekhaya ebusuku.
11 NjengaseUnited States, sihlela ukuba namaKomiti Okubonisana Nezibhedlela kuwo wonke amadolobha ethu amakhulu. Wonke amabandla azokwabelwa ikomiti eyakhiwa abazalwane abaqeqeshiwe abazotholakala ukuze basize. Nizokwaziswa lapho lelilungiselelo selisebenza. Nokho, okwamanje sizolandela ilungiselelo elichazwe esenezelweni seNkonzo Yethu YoMbuso ka-June 1992.
12 Ukuzilungiselela Kanye Nokubhekana Nokuhileleka Kwenkantolo: Kuthiwani uma udokotela noma isibhedlela behlongoza ukuthola imvume yenkantolo ukuze bampompele ingane yakho igazi? Ingabe lesi isikhathi sokuyeka, ucabanga ukuthi akukho okunye okungenziwa? Akunjalo neze! Kusengenzeka ukugwema ukumpontshelwa igazi. Ukulungiselela into enjalo engenzeka kumelwe kwenziwe kusengaphambili kakhulu. Yini engenziwa?
13 Ukuqonda ezinye zezimiso ezingokomthetho eziqondisa noma zithonye izibhedlela kanye nabehluleli kulezindaba kuyonisiza kakhulu ekuzivikeleni. Esinye isimiso esinjalo esibaluleke kakhulu siyiqiniso lokuthi umthetho awubanikezi abazali igunya elingenamngcele lokuba bamukele noma benqabe indlela ethile yokwelashwa kwezingane zabo. Nakuba ngokuvamile abantu abadala benelungelo lokwamukela noma lokwenqaba ukwelashwa kuye ngokwesifiso sabo, abazali abakhululekile ukwenqaba ukwelashwa okucatshangelwa njengokudingekile enhlalakahleni yengane yabo ngisho nalapho ukwenqaba kwabo kusekelwe ezinkolelweni eziqotho ezingokwenkolo.
14 Lesimiso esiyisisekelo sabonakala esinqumweni seNkantolo Ephakeme yaseU.S. ngo-1944 esathi: “Abazali bangase bakhululeke ukuba bona ngokwabo babe abafel’ ukholo. Kodwa lokho akusho ukuthi bakhululekile, ezimweni ezifanayo, ukuba benze izingane zabo zibe abafel’ ukholo ngaphambi kokuba zifinyelele iminyaka yokuzimela ngokuphelele nangokomthetho lapho zingazikhethela ngokwazo.” Lokhu kukhathalela okufanayo impilo engokwenyama nenhlalakahle yengane kuhlanganisiwe emithethweni yanamuhla yenhlalakahle yengane. Lemithetho, eyenzelwe ukuvinjelwa kokuxhashazwa kwabantwana, iklanyelwe futhi nokuvikela izingane ekubeni zinganakekelwa ngokwezokwelapha.
15 Ukuvikela izingane ekuxhashazweni nasekubeni zinganakekelwa abazali ngokuqinisekile abazali abangamaKristu abamelene nakho. Kodwa imithetho yokunganakekeli izingane kanye namazwi eNkantolo Ephakeme acashunwe ngenhla ngokuvamile kusetshenziswa ngokungeyikho ezindabeni ezihilela izingane zoFakazi BakaJehova. Ngani? Phakathi kokunye, akuyona inhloso yabazali abangoFakazi ukwenza izingane zabo zibe “abafel’ ukholo.” Uma kunjalo, pho kungani beyisa izingane zabo esibhedlela? Ngokuphambene, abazali abangoFakazi ngokuzithandela bafunela izingane zabo ukwelashwa. Bayazithanda izingane zabo futhi bafuna ukuba zibe nempilo enhle. Kodwa bakholelwa ukuthi banomthwalo wemfanelo abawunikezwe uNkulunkulu wokukhethela izingane zabo ngobuqotho uhlobo lokwelashwa olungcono kakhulu. Bafuna ukuba izinkinga zempilo zezingane zabo zisingathwe ngaphandle kwegazi. Akukhona nje ukuthi okunye ukunakekela okungalisebenzisi igazi kungcono kakhulu futhi kulondeke kakhulu kunegazi kodwa, okubaluleke kakhulu, kugcina izingane zabo zisemseni woMniki-kuphila omkhulu, uJehova uNkulunkulu.
16 Naphezu kwezinzuzo zezindlela zobuchwepheshe zokwelapha ngaphandle kwegazi, odokotela abaningi nezikhulu zezenhlala kahle babheka ukwelapha ngokumpompela igazi njengomkhuba ogunyaziwe wezokwelapha ongase ube odingekile noma ngisho nosindisa ukuphila ezimweni ezithile. Ngakho, lapho abazali abangoFakazi benqaba ukumpontshelwa igazi okutusiwe, kungaphakama izinkinga. Ngokuvamile odokotela ngeke ngokomthetho belaphe izingane ngaphandle kwemvume yabazali. Ukuze babhekane nokungabi nayo imvume yabazali yokusebenzisa igazi, odokotela noma ezinye izisebenzi zesibhedlela zingase zifune imvume kumahluleli enikezwa njengomyalo noma isinqumo senkantolo. Imvume enjalo egunyazwe inkantolo ingatholakala ngezikhulu zezenhlala kahle yezingane noma odokotela noma izikhulu zesibhedlela ezisebenzela ukuvikela ingane kulokho okuthiwa ukunganakwa ngokwezokwelapha.a
17 Izikhathi eziningi izinqumo zenkantolo ezigunyaza ukusetshenziswa kwegazi zitholakala ngokushesha abazali bethole ukwaziswa okuncane noma bengaziswanga nhlobo. Odokotela, abaphathi besibhedlela, noma izikhulu zezenhlala kahle yezingane zizama ukubeka izaba ngokuphathelene nezinqumo ezinjalo ezikhishiwe ngokuthi bathi kunesimo sezokwelapha esiphuthumayo esingasivumeli isikhathi sokuba abazali baziswe ngokugcwele ngalokho okuqhubekayo. Nokho, ngokuvamile lapho bebuzwa odokotela baye bavuma ukuthi asikho isimo esiphuthumayo ngempela nokuthi bafuna isinqumo senkantolo ukuze “uma kwenzeka” ukumpontshelwa igazi, ngokombono wabo, kudingeke esikhathini esizayo. Njengababheki abangokwemvelo bengane yenu, ninelungelo eliyinhloko lokwazi ngazo zonke izikhathi lokho odokotela, abaphathi besibhedlela, noma izikhulu zezenhlala kahle yezingane abakwenzayo enganeni yenu. Uma kungenzeka, umthetho ufuna ukuba naziswe ngemizamo yokuthola imvume yenkantolo futhi nivunyelwe ukuba niveze uhlangothi lwenu lwendaba esezithebeni zenkantolo.
18 Lamaqiniso angokomthetho aqokomisa ukubaluleka kokuthola udokotela obambisanayo. Bambisanani naye, futhi ngosizo lwamalungu eKomiti Yokubonisana Nezibhedlela, msizeni ukuba asebenzise indlela yobuchwepheshe yokwelapha inkinga yempilo yomntwana wenu ngaphandle kwegazi noma nenze ukuba ingane yenu idluliselwe kudokotela noma esibhedlela esizonikeza leyondlela yokwelapha. Kodwa uma kunezimpawu zokuthi udokotela, umphathi wesibhedlela, noma isisebenzi sezenhlala kahle yezingane bahlongoza ukuthola imvume yenkantolo, kufanele niqaphele ukuba nibuze ukuthi kuhlelwa lokho yini. Ngezinye izikhathi lokhu kwenziwa ngasese ngocingo. Uma kuhlelwa ukuba kuyiwe enkantolo, gcizelelani ukuthi nani nifuna ukwazi ngakho ukuze niveze uhlangothi lwenu ngaloludaba kumahluleli. (IzAga 18:17) Uma isikhathi sisekhona, ngokuvamile kuyatuseka ukufuna usizo lommeli. Ngezinye izikhathi abameli baye bakhethwa inkantolo. Uma unommeli wakho noma okhethwe inkantolo, iNhlangano ingamnikeza ukwaziswa okuzomsiza ukuba alwe kangcono kakhulu ngaphansi kwalezozimo.
19 Uma niyiswa enkantolo ngenxa yokwenqaba kwenu igazi, umbono kadokotela wokuthi igazi liyadingeka ukuze kusindiswe ukuphila noma impilo yengane yenu ungaba ngonamandla kakhulu. Umahluleli, njengoba engachwepheshile kwezokwelapha, ngokuvamile uyovumelana namaphuzu kadokotela obuchwepheshe bezokwelapha. Lokhu kuba njalo ikakhulukazi lapho abazali benikezwa ithuba elincane noma bengalinikezwa nhlobo ithuba lokuveza uhlangothi lwabo lwendaba futhi udokotela, engabuzwa mibuzo, evunyelwa ukuba asho iziqinisekiso zakhe ngokuphathelene nesidingo “esiphuthumayo” segazi. Izinqubo ezinjalo ezibandlululayo azenzi ukuba kutholakale iqiniso. Iqiniso liwukuthi, ukuthi kungani odokotela beba nomuzwa wokuthi kudingeka igazi nokuthi baba nawo nini kuyinto engokomzwelo futhi engaqinisekile. Ngokuvamile, lapho udokotela ethi igazi lidingeka ngokungenambandela ekusindiseni ukuphila kwengane, omunye udokotela, osenokuhlangenwe nakho ekusingatheni inkinga yezokwelapha efanayo ngaphandle kwegazi, uyothi igazi alidingeki ekwelapheni isiguli.
20 Yini oyoyenza uma ummeli noma umahluleli ebuza ukuthi kungani wenqaba ukuba ingane yakho impontshelwe igazi “okusindisa ukuphila?” Nakuba ukuthambekela kwakho kokuqala kungaba ukuchaza ukukholelwa kwakho ovukweni nokuzwakalisa ukholo lwakho oluqinile lokuthi uNkulunkulu uyoyibuyisa ingane yakho uma ifa, impendulo enjalo yona ngokwayo iyomane nje iqinisekise umahluleli, okukhathalela kwakhe okuyinhloko kuyinhlala kahle engokomzimba yengane, ukuthi uwumuntu oshisekela inkolo ngokweqile nanokuthi kufanele angenele ukuze avikele ingane yakho.
21 Lokho inkantolo edinga ukukwazi ukuthi, nakuba ulenqaba igazi ngenxa yezizathu ezijulile ezingokwenkolo, awukwenqabi ukunakekela kwezokwelapha. Umahluleli kudingeka abone ukuthi anidebeseli noma ukuthi anisibo abazali abaxhaphazayo kodwa, kunalokho, ningabazali abanothando abafuna ukuba ingane yabo yelashwe. Nimane nje anivumelani nokuthi izinzuzo ezishiwoyo zegazi zidlula izingozi kanye nezinkinga zalo ezibulalayo, ikakhulukazi lapho zikhona ezinye izindlela zezokwelapha ezingenazo izingozi.
22 Kuxhomeke esimweni, ungase wazise umahluleli ukuthi kuwumbono kadokotela oyedwa ukuthi kudingeka igazi, kodwa odokotela bayehluka ezindleleni ababhekana ngazo nesimo, futhi ungathanda ukuthola ithuba lokufuna udokotela ozonakekela ingane yakho ngezindlela eziningi zobuchwepheshe zokwelapha ngaphandle kwegazi. Ngosizo lweKomiti Yokubonisana Nezibhedlela, kungenzeka kakade ube usumtholile udokotela onjalo ozokwelapha ingane yakho ngaphandle kwegazi futhi onganikeza ubufakazi obuwusizo enkantolo, mhlawumbe ngocingo. Ngokunokwenzeka lekomiti iyokwazi ukuhlanganyela nomahluleli—ngisho nanodokotela ophikelela ngokuthi kutholwe imvume yenkantolo—izihloko zezokwelapha ezibonisa indlela inkinga yezokwelapha yengane yakho engasingathwa ngayo ngokuphumelelayo ngaphandle kokusebenzisa igazi.
23 Lapho abahluleli becelwa ukuba bakhiphe imvume yenkantolo ngokuxhamazela, ngokuvamile basuke bengazicabangelanga noma bengazikhunjuzwanga izingozi eziningi zegazi, kuhlanganise nengculaza, isifo sesibindi, kanye nendathane yezinye izingozi. Ungakuveza lokhu kumahluleli, futhi ungamazisa ukuthi wena, njengomzali ongumKristu, ubungabheka ukusetshenziswa kwegazi lomunye umuntu ngomzamo wokusindisa ukuphila njengokuwukweqa umthetho kaNkulunkulu okungathi sína nanokuthi ukuphoqelela igazi enganeni yakho kungabhekwa njengokufanayo nokudlwengula. Wena nengane yakho (uma indala ngokwanele ukuba ibe nezinkolelo zayo siqu) ningachaza indlela enikwenyanya ngayo ukuhlaselwa okunjalo ngokomzimba futhi ninxuse umahluleli ukuba akhiphe okungenani imvume yokuba nifune enye indlela yobuchwepheshe ehlukile yokwelashwa kwengane yakho.
24 Uma nikwazile ukuzilwela kahle, abahluleli bayakwazi ukulubona ngokucace ngokwengeziwe olunye uhlangothi—uhlangothi lwenu—njengabazali. Khona-ke abakugunyazi ngokushesha kangako ukumpontshelwa kwegazi. Kwezinye izimo abahluleli baye bayibekela imingcele eqatha inkululeko yodokotela yokusebenzisa igazi, baze ngisho bafune nokuba kucatshangelwe ezinye izindlela ezihlukile kuqala, noma baye banikeza abazali ithuba lokuthola odokotela abazokwelapha ngaphandle kwegazi.
25 Ekusebenzelaneni nalabo abafuna ukuphoqelela ukumpontshelwa kwegazi, kubalulekile ukuba ungalokothi unikeze ubufakazi bokunqikaza ezinkolelweni zakho. Abahluleli (nodokotela) ngezinye izikhathi babuza abazali ukuthi bangaba nayo yini inkinga “yokugudlulela” kubo umthwalo wemfanelo wokwenza izinqumo zokumpompela igazi, benomuzwa wokuthi lokhu kuzokwenza kube lula ngabazali ukuphila nonembeza babo. Kodwa kufanele kwenziwe kucace kubo bonke abathintekile ukuthi nina, njengabazali, ninomuzwa wesibopho sokuqhubeka nenza konke eningakwenza ukuze nigweme ukumpontshelwa kwegazi. Lona umthwalo wenu wemfanelo eniwunikezwe uNkulunkulu. Awunakugudluzelwa komunye umuntu.
26 Ngakho, lapho nixoxa nodokotela kanye nabahluleli, kudingeka nikulungele ukukuveza ngokucacile nangokugculisayo ukuma kwenu. Uma kukhishwa imvume yenkantolo naphezu kwemizamo yenu engcono kakhulu, qhubekani ninxusa udokotela ukuba angalimpompeli igazi futhi nicele indlela ehlukile yokwelashwa. Qhubekani nifuna ukuba avume ukucabangela izihloko zezokwelapha kanye neseluleko sanoma ibaphi abanye odokotela abakulungele ukuba bathintwe ngokuphathelene nenkinga engokwezokwelapha ukuze kugwenywe igazi. Izikhathi ezingaphezu kwesisodwa, udokotela owayebonakala elukhuni uye waphuma endlini yokuhlinzela wamemezela ngeqholo ukuthi akazange alisebenzise igazi. Ngakho, ngisho nangemva kokuba kukhishwe imvume yenkantolo, ningalokothi nidikibale, kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani!—Bheka INqabayokulinda kaJune 15, 1991, “Imibuzo Evela Kubafundi.”
27 Khumbula, uJesu wathi: “Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela emiphakathini . . . Niyakuyiswa nangaphambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube-ngubufakazi kubo nakwabezizwe.” Ukuze siduduzeke ngaphansi kwezimo ezinjalo, uJesu wanezela ukuthi umoya ongcwele uyosisiza ukuba sikhumbule lokho okuyoba okufanelekile nokuzuzisayo ukukusho ezikhathini ezinjalo.—Math. 10:16-20.
28 “Onakekela izwi uyakufumana okuhle, nowethembayo kuJehova ubusisiwe.” (IzAga 16:20) Bazali, yenzani amalungiselelo adingekile kusengaphambili ukuze nivikele ingane yenu ekumpontshelweni igazi okungcolisayo ngokomoya. (IzAga 22:3) Zingane, sabelani ekuqeqesheni kwabazali benu ekwenzeni lamalungiselelo futhi nikufake enhliziyweni. Njengomkhaya, ‘qaphelani ukuba ningalidli igazi, ukuba kube-kuhle kini’ ngenxa yokuba nesibusiso sikaJehova kanye nokuvunyelwa nguye.—Dut. 12:23-25.
[Umbhalo waphansi]
a Kuyilapho kuphela kunesimo esiphuthumayo, esiqhubekayo, ngokombono kadokotela, esidinga ukunakekelwa ngokushesha lapho ukwelashwa okubhekwa njengokudingekayo ekuphileni noma empilweni yengane (kuhlanganise nokumpontshelwa kwegazi) kungase kunikezwe khona ngokomthetho ngaphandle kwemvume yabazali noma engokomthetho. Njengokulindelekile, udokotela kumelwe alandise lapho ethembele kuleligunya lomthetho lesimo esiphuthumayo.