ISikole Esisisiza Ukuba Sikusebenzise Ngokoqobo Esikufundayo
1 Njengoba sicabangela ukwaziswa okuseSimisweni SeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-2006, silwela ukuzuza ezimfundisweni ezingokomBhalo ngokuzisebenzisa enkonzweni yethu engcwele nasekuphileni kwethu kwansuku zonke. Sizama ngawo wonke amandla ukusebenzisa izinto esizifundayo.—Joh. 13:17; Fil. 4:9.
2 Ukunikeza Izimpendulo: Esimisweni salo nyaka kunezelwe umzuzu esikhathini sezimpendulo zezilaleli emaphuzwini avelele eBhayibheli. Lokhu kusho ukuthi umzalwane owabelwe ukwethula amaphuzu avelele kufanele aqiniseke ukuthi uqeda inkulumo yakhe ngemizuzu emihlanu, hhayi eyisithupha. Lapho ziphendula, izilaleli nazo kufanele ziqaphele isikhathi. Ngokucabangisisa kusengaphambili, umuntu ophendulayo angaveza ukwaziswa okuwusizo ngemizuzwana engu-30 noma ngaphansi. Cishe abantu abayishumi kufanele bakwazi ukunikeza izimpendulo ezakhayo ngemizuzu emihlanu ebekelwe ukuhlanganyela kwezilaleli.
3 Izinkulumo Ezifundisayo: Amaphuzu avelele eBhayibheli kanye nenkulumo yokuyala kufanele kugxile emaphuzwini azuzisayo ukuze siwasebenzise enkonzweni yethu nakwezinye izici zokuphila kwethu kwansuku zonke. Isikhulumi kufanele senze okungaphezu nje kokushukumisa izilaleli ukuba zithathe isinyathelo. Kufanele sicacise ukuthi yisiphi isinyathelo esifunekayo, sibonise ukuthi singathathwa kanjani futhi sigcizelele izinzuzo zokuthatha leso sinyathelo. Singase sithi, “Lo mbhalo usinika isiqondiso ngale ndlela,” noma sithi, “La mavesi singawasebenzisa ngale ndlela enkonzweni yethu.” Abadala nezinceku ezikhonzayo abazaziyo izimo zebandla kufanele bazame ukubonisa ngokoqobo ngangokunokwenzeka ukuthi lokho kwaziswa kusebenza kanjani.
4 Ukucaphuna izibonelo zeBhayibheli kungaphumelela kakhulu ekuboniseni ukusebenza kwendaba ngokoqobo. Ngemva kokuveza isibonelo esingokomBhalo, isikhulumi singase sithi, “Nawe ungase uzithole usesimweni esinjengalesi.” Kufanele siqiniseke ukuthi zonke izindlela esisisebenzisa ngazo isibonelo esiseBhayibhelini zivumelana nomongo wendaba, nalo lonke iBhayibheli, kanye nalokho okunyatheliswé ‘inceku ethembekileyo neqondayo.’—Math. 24:45.
5 Ukuhlakanipha kuyikhono lokusebenzisa ulwazi nokuqonda ngokuphumelelayo. “Ukuhlakanipha kuyinto eyinhloko.” (IzAga 4:7) Njengoba siqhubeka sizuza ukuhlakanipha okusebenzayo kulokho esikufunda eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, kwangathi singalola nekhono lokukudlulisela kwabanye.