ISIFUNDO 23
Usizo Lwenkulumo Lukhanyisiwe
KUNGAKHATHALISEKI ukuthi ukhuluma nomuntu oyedwa noma nabaningi, akukona ukuhlakanipha ukucabanga ukuthi izilaleli zakho ziyokuthanda okushoyo ngoba nje wena ukuthanda. Okushoyo kubalulekile, kodwa uma wehluleka ukukhanyisa ukuthi kuwusizo kanjani, cishe ngeke ukwazi ukusibamba isikhathi eside isithakazelo sezilaleli zakho.
Lokhu kusebenza ngisho nasezilalelini eHholo LoMbuso. Zingase zikulalele lapho ulandisa ngomfanekiso noma okuhlangenwe nakho ezikuqabukayo. Kodwa zingase ziyeke ukukulalela uma ukhuluma ngezinto esezizazi kakade, ikakhulukazi uma uhluleka ukwakhela kulezo zinto. Kudingeka uzisize zibone ukuthi kungani kunenzuzo okushoyo nokuthi kuyinzuzo kanjani ngempela.
IBhayibheli lisikhuthaza ukuba sicabange ngendlela yokuhlakanipha. (IzAga 3:21) UJehova wasebenzisa uJohane uMbhapathizi ukuba aqondise abantu “ekuhlakanipheni okusebenzayo kwabalungileyo.” (Luka 1:17) Lokhu ukuhlakanipha okusekelwe ekwesabeni uJehova okunempilo. (IHu. 111:10) Labo abakwazisayo lokhu kuhlakanipha bayasizwa babhekane ngokuphumelelayo nokuphila kwamanje futhi babambisise ukuphila okuyikho, ukuphila okuphakade okuzayo.—1 Thim. 4:8; 6:19.
Ukwenza Inkulumo Ibe Usizo. Ukuze inkulumo yakho ibe usizo, kumelwe ungacabangi nje ngayo kuphela kodwa nangezilaleli. Ungacabangi ngazo njengeqembu nje labantu. Lelo qembu lakhiwa abantu ngabanye nemikhaya. Kungase kube nabancane kakhulu, kube nentsha, kube nabantu abadala nabanye asebegugile. Kungase kube nabasanda kuhlanganyela nalabo abaqala ukukhonza uJehova wena ungakazalwa. Kungase kube nabavuthiwe ngokomoya; kube nabanye abasathonywe kakhulu izimo zengqondo nemikhuba yezwe. Zibuze: ‘Indaba engizokhuluma ngayo ingazizuzisa kanjani izilaleli? Ngingazisiza kanjani ukuba zithole iphuzu?’ Ungase unqume ukuyiqondisa eqenjini elilodwa noma kwamabili abalwe lapha. Nokho, ungabakhohlwa ngokuphelele abanye.
Kuthiwani uma wabelwe ukuxoxa ngemfundiso yeBhayibheli eyisisekelo? Inkulumo enjalo ungayenza kanjani izuzise izilaleli eseziyikholelwa kakade leyo mfundiso? Zama ukuqinisa ukholo lwazo kuyo. Kanjani? Ngokubonisana nazo ngemiBhalo efakazela leyo mfundiso. Ungajulisa nokwazisa kwazo ngaleyo mfundiso yeBhayibheli. Lokhu ungakwenza ngokubonisa indlela leyo mfundiso evumelana ngayo namanye amaqiniso eBhayibheli nobuntu bukaJehova. Sebenzisa izibonelo—okuhlangenwe nakho okungokoqobo uma kungenzeka—ezibonisa indlela ukuqonda leyo mfundiso okubazuzise ngayo abantu, nokuthi kuye kwathonya umbono wazo ngekusasa.
Ungalindi kuze kube sesiphethweni senkulumo yakho andukuba uthi fahla fahla ngokuba usizo kwenkulumo yakho. Zisuka nje, umuntu ngamuye ezilalelini zakho kumelwe abe nomuzwa wokuthi lokhu “kuthinta mina.” Lapho ususibekile leso sisekelo, qhubeka ubonisa ukuba usizo kwendaba yakho njengoba ukhanyisa amaphuzu ayinhloko endikimbeni yenkulumo nasesiphethweni.
Lapho ubonisa indlela amaphuzu asebenza ngayo, qiniseka ukuthi ukwenza ngendlela evumelana nezimiso zeBhayibheli. Kusho ukuthini lokho? Kusho ukukwenza ngendlela enothando nebonisa uzwela. (1 Pet. 3:8; 1 Joh. 4:8) Ngisho nalapho ebhekene nezinkinga ezinzima eThesalonika, umphostoli uPawulu waqikelela ukuthi uqokomisa izici ezinhle zentuthuko engokomoya yabafowabo nodadewabo abangamaKristu lapho. Wabonisa nokuthi uyabethemba ukuthi endabeni eyayidingidwa ngaleso sikhathi, babeyofuna ukwenza okulungileyo. (1 Thes. 4:1-12) Yeka isibonelo esihle sokusilingisa!
Ingabe inkulumo yakho ihloselwe ukushukumisa izilaleli ukuba zihlanganyele emsebenzini wokushumayela nokufundisa abanye izindaba ezinhle? Zenze zilishisekele futhi zilazise leli lungelo. Nokho, lapho wenza lokho, khumbula ukuthi awafani amazinga abantu abangakwazi ngawo ukuhlanganyela kulezi zici, futhi iBhayibheli liyakuqaphela lokhu. (Math. 13:23) Ungabenzi babe nomuzwa wecala abafowenu. EyamaHeberu 10:24 isinxusa ukuba “sivuselelane othandweni nasemisebenzini emihle.” Uma sivuselelana othandweni, umphumela uyoba imisebenzi esekelwe ezisuseni ezinhle. Kunokuba uphoqe abantu ukuba bafinyelele izindinganiso ezithile, khumbula ukuthi uJehova ufuna sithuthukise “ukulalela ngokholo.” (Roma 16:26) Sinalokhu engqondweni, sifuna ukuqinisa ukholo—kokubili olwethu nolwabafowethu.
Ukusiza Abanye Bathole Iphuzu. Njengoba ufakaza kwabanye, ungesabi ukugcizelela usizo lwezindaba ezinhle. Ukwenza lokho kudinga ukuba ucabange ngokusezingqondweni zabantu ensimini yakini. Ungakuthola kanjani lokho? Lalela izindaba emsakazweni noma kuthelevishini. Bheka ikhasi lokuqala lephephandaba. Zama nokuhilela abantu engxoxweni futhi ubalalele lapho bekhuluma. Ungase uthole ukuthi bashukashukwa izinkinga ezicindezelayo—ukulahlekelwa umsebenzi, ukukhokha intela, ukugula, ukufa kwelungu lomkhaya, ubugebengu, ukungabi nabulungisa kweziphathimandla, ukuphela komshado, ukulawula izingane ezincane, nokunye. Lingabasiza yini iBhayibheli? Nakanjani.
Lapho uqala ingxoxo, cishe uyobe unendaba ethile engqondweni. Kodwa uma umuntu ebonisa ukuthi unenye indaba ephuthumayo emthintayo, ungangabazi ukuxoxa ngayo uma ungase ukwazi ukwenza kanjalo, noma usikisele ukubuye ubuye usuphethe ukwaziswa okungamsiza. Yiqiniso, siyakugwema ‘ukuzigaxa kokungaphathelene nathi,’ kodwa siyakujabulela ukuhlanganyela nabanye iseluleko esiwusizo esiseBhayibhelini. (2 Thes. 3:11) Ngokusobala, okuyojabulisa abantu kakhulu yiseluleko seBhayibheli esithinta ukuphila kwabo.
Uma abantu bengaboni ukuthi esikushoyo kubathinta kanjani bona siqu, bangase basheshe bayinqamule ingxoxo. Ngisho noma besivumela ukuba sikhulume, ukwehluleka kwethu ukubonisa ukuba usizo kwalokho esikushoyo kungase kusho ukuthi esikushoyo ngeke kukuthinte ukuphila kwabo. Ngakolunye uhlangothi, uma sikwenza kucace ukuba usizo kwalokho esikushoyo, ingxoxo yethu ingase ishintshe ukuphila kwabantu.
Lapho uqhuba izifundo zeBhayibheli, qhubeka ugcizelela ukuthi okushoyo kusiza kanjani. (IzAga 4:7) Siza abafundi baqonde iseluleko semiBhalo, izimiso, kanye nezibonelo ezibabonisa ukuthi bangahamba kanjani ezindleleni zikaJehova. Gcizelela izinzuzo zokwenza kanjalo. (Isaya 48:17, 18) Lokhu kuyoshukumisa abafundi ukuba benze izinguquko ezidingekile ekuphileni kwabo. Yakha kubo uthando ngoJehova nesifiso sokumjabulisa, futhi ukusebenzisa iseluleko esivela eZwini likaNkulunkulu kumelwe kuziphumele kubo ngaphakathi.