Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda Jan. 15
“Eminyakeni yamuva abantu abaningi babe nesithakazelo ezingelosini. Wake wazibuza yini ukuthi zingobani nokuthi zikuthinta kanjani ukuphila kwethu? [Lindela impendulo, bese ufunda iHubo 34:7.] Lo magazini ukhuluma ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngezinto ezénziwa izingelosi endulo, ezikwenzayo manje neziyokwenza esikhathini esizayo.”
Phaphama! Jan.
“Cishe umuntu angathola iseluleko kunoma yini namuhla. Ucabanga ukuthi kufanele sizethembe zonke izeluleko ezikhona? [Lindela impendulo, bese ufunda eyesi-2 Thimothewu 3:16.] Le Phaphama! ibonisa isizathu sokuthembela eBhayibhelini njengomthombo onokwethenjelwa wokuhlakanipha.” Khulumela isihloko esiqala ekhasini 18.
INqabayokulinda Feb. 1
“Sonke sidinga imali ukuze siqhubeke siphila. Kodwa uyavuma yini ukuthi kumelwe siqaphele ingozi echazwa lapha? [Funda eyoku-1 Thimothewu 6:10, bese ulindela impendulo.] Le Nqabayokulinda isisiza ukuba sibone ezinye zezingibe ezivamile zokuceba, ibuye ichaze nokuthi singazigwema kanjani.”
Phaphama! Feb.
“Abaningi bethu banezihlobo nabangane asebegugile futhi singathanda ukwazi ukuthi singabasiza kanjani ukuze bakwazi ukubhekana nezinselele zokuguga. Akunjalo? [Lindela impendulo.] Lo magazini usikisela izinto esingazenza ukuze sikwazi ukubhekana nokuguga. Uchaza nendlela lesi siprofetho esiyogcwaliseka ngayo.” Funda uJobe 33:25.