Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda Jan. 15
“Ucabanga ukuthi abantu abashadile bangasitholaphi iseluleko abangasethemba? [Lindela impendulo.] Phawula ukuthi ubani owasungula umshado. [Funda uGenesise 2:22.] UNkulunkulu wanikeza neziqondiso ngendima ehloniphekile yendoda nomfazi. Lo magazini uchaza lokho.”
Phaphama! Jan.
“Uke waphawula yini ukuthi abantu abaningi abathi bangamaKristu abaphili ngezimfundiso zikaJesu? [Lindela impendulo.] Ngokwesibonelo, abaningi abenzi njengokusho kwala mazwi kaJesu. [Funda uJohane 13:35.] Lesi sihloko sikhuluma ngomehluko phakathi kwalokho okwafundiswa uJesu nombono wabantu abaningi abathi bangamaKristu.” Mbonise isihloko esiqala ekhasini 18.
INqabayokulinda Feb. 1
“Ucabanga ukuthi umphakathi wethu ubuyoba indawo engcono ukube wonke umuntu ubephila ngala mazwi? [Funda eyabase-Efesu 4:25 bese ulindela impendulo.] Abantu abaningi bacabanga ukuthi kwamukelekile ukukhuluma amanga kwezinye izimo. Lo magazini uchaza izinzuzo zokukhuluma iqiniso ngaso sonke isikhathi.”
Phaphama! Feb.
“Kubonakala sengathi iyashintsha indlela abanye abantu ababheka ngayo inkolo. Ucabanga ukuthi amasonto aphelelwa yithonya lawo? [Lindela impendulo.] La mazwi omphostoli uPawulu anikeza isizathu esiye senza abathile baphelelwa ithemba enkolweni. [Funda 20:29, 30.] Lo magazini ubonisa lokho okushiwo iBhayibheli ngekusasa lobuKristu.”