Bonisa Isithakazelo Esiqotho—Ngokulungiselela
1 Ukuyilungiselela kahle inkonzo kusisiza ukuba sikwazi ukubonisa isithakazelo esiqotho kwabanye. Kanjani? Uma silungiselele kahle asikhathazeki kakhulu ngentshumayelo yethu, okusenza sikwazi ukunaka kakhulu umninikhaya. Ngaphezu kwalokho, kusisiza ukuba sinqobe ukwesaba, sikhulume ngokusuka enhliziyweni. Kodwa, singayilungiselela kanjani intshumayelo ephumelelayo?
2 Sebenzisa Intshumayelo Efanelekayo: Khetha intshumayelo eyodwa efanelekayo ensimini yenu kulezo ezisikiselwe esenezelweni se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-January 2005, bese ucabangela indlela ongayethula ngayo ngamazwi akho. Yivumelanise nensimu yenu. Ngokwesibonelo, uma kungase kwenzeke uhlangane nabantu benkolo ethile noma bohlanga oluthile, cabanga ngendlela ongabenza babe nesithakazelo ngayo entshumayelweni yakho. Ukufanelanisa intshumayelo yakho nabantu okhuluma nabo kubonisa ukuthi unesithakazelo esiqotho kubo.—1 Kor. 9:22.
3 Njengoba uqala ukusebenzisa le ntshumayelo, qhubeka uyithuthukisa. Amazwi okuqala owakhulumayo abaluleke kakhulu, ngakho kudingeka uqaphele indlela abantu abasabela ngayo lapho wethula intshumayelo yakho. Ingabe kuyabathakazelisa lokho okhuluma ngakho? Ingabe bayaphendula lapho ubuza imibuzo? Uma kungenjalo, yenza ushintsho kuze kube yilapho usuthole indlela ephumelelayo.
4 Izinto Ezisisiza Ukuba Sikhumbule: Abaningi bakuthola kuyinselele ukukhumbula intshumayelo lapho sebebhekene nomninikhaya. Uma kunjalo, wake wakuzama yini ukuprakthiza intshumayelo nomunye umuntu, yena abe umninikhaya? Lokhu kungakusiza ukuba ukukhumbule ngokucacile lokho ofuna ukukusho futhi ukusho ngendlela elula nezwakalayo. Kungakusiza ukuba ukwazi nokusingatha izindlela ezihlukahlukene abantu abasabela ngazo.
5 Enye into engakusiza ukuba ukhumbule iwukuba ubhale intshumayelo efingqiwe ekhadini elincane bese uthi ukulibhekabheka ngaphambi kokuba ukhulume nomninikhaya. Abanye bathola ukuthi leli khadi lokuzikhumbuza liyabasiza ukuba bakhululeke futhi bakwazi kangcono ukukhuluma nabantu. Ngalezi zindlela, ukulungiselela kahle kungasisiza ukuba sibonise isithakazelo esiqotho kwabanye kanjalo sithuthukise indlela esishumayela ngayo izindaba ezinhle.