Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 2/06 kk. 3-4
  • Yazisa Abantu ‘Ngokukhanya Kwezwe’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yazisa Abantu ‘Ngokukhanya Kwezwe’
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Memezela Kabanzi Ubuhle BukaJehova
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Kufuneka Amaphayona Asizayo Angu-10000
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • ‘Shumayela Izwi LikaNkulunkulu Ngokugcwele’
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Uzoba Yini Iphayona Elisizayo?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
km 2/06 kk. 3-4

Yazisa Abantu ‘Ngokukhanya Kwezwe’

1. Yikuphi ukukhanya okukhulu okwabikezelwa eZwini likaNkulunkulu, futhi yisiphi isenzakalo esenza abantu bakunake ngokukhethekile lokhu kukhanya?

1 Esebenzisa umprofethi u-Isaya, uJehova wabikezela: “Abantu ababehamba ebumnyameni baboné ukukhanya okukhulu. Ngokuqondene nalabo abahlala ezweni lethunzi elimnyama, ukukhanya kuye kwakhanya kubo.” (Isaya 9:2) Lokho ‘kukhanya okukhulu’ kwabonakala emisebenzini yeNdodana kaNkulunkulu uqobo, uJesu Kristu. Imisebenzi yayo lapho isemhlabeni kanye nezibusiso ezalethwa umhlatshelo wayo kwathuthukisa isimo esingokomoya salabo ababesebumnyameni. Yilokho kukhanya abantu abakudingayo kulezi zikhathi zobumnyama. ISidlo SeNkosi Sakusihlwa sisivulela ithuba elikhethekile lokwazisa abantu ‘ngokukhanya kwezwe.’ (Joh. 8:12) Ngonyaka odlule, izigidi zabonisa ukholo ngesilinganiso esithile ngokuhlanganyela nathi ekulaleleni umyalo kaJesu: “Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.” (Luka 22:19) Njengoba umkhosi weSikhumbuzo walo nyaka usondela, singahlanganyela kanjani ekwaziseni abantu ngokukhanya okukhulu uJehova aye wakwenza kwakhanya?—Fil. 2:15.

2. Singayithuthukisa kanjani indlela esiwazisa ngayo ngokujulile umhlatshelo wesihlengo, futhi ukwenza kanjalo kungaba naliphi ithonya?

2 Yakha Ukwazisa Okujulile: Inkathi yeSikhumbuzo iyisikhathi esikahle sokuzindla ngothando olukhulu uJehova noJesu abalubonisa ngokulungiselela isintu umhlatshelo wesihlengo. (Joh. 3:16; 2 Kor. 5:14, 15) Akungabazeki ukuthi ukwenza kanjalo kuyothuthukisa indlela esisazisa ngayo ngokujulile lesi senzakalo esingcwele. Bonke abantu bakaNkulunkulu bayofuna ukuhlela isikhathi sokufunda nokuzindla ngesimiso esikhethekile sokufundwa kweBhayibheli kwenkathi yeSikhumbuzo, esitholakala kwethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke. Ukucabanga ngezimfanelo zikaJehova ezingenakuqhathaniswa, ezivezwe ngendlela emangalisayo elungiselelweni lakhe lesihlengo, kusenza siziqhenye ngokuba noNkulunkulu onjengaye. Ukuzindla ngalokho isihlengo esikushoyo kithina ngabanye kuqinisa uthando lwethu olujulile ngoNkulunkulu neNdodana yakhe futhi kusishukumisela ukuba sizikhandle ekwenzeni intando kaNkulunkulu.—Gal. 2:20.

3. Singabonisa kanjani ukuthi siyasazisa iSikhumbuzo?

3 Uma silazisa ngokujulile ilungiselelo likaJehova lensindiso, intshiseko yethu ngeSikhumbuzo iyoba nethonya ezifundweni zethu zeBhayibheli, ezimpindelweni zethu, ezihlotsheni, komakhelwane, kwesifunda nabo esikoleni, kwesisebenza nabo nakwabanye esibamemela kulo mkhosi okhethekile. (Luka 6:45) Ngakho yenza umzamo okhethekile wokubamema bonke laba bantu, ubanikeze isimemo seSikhumbuzo esinyathelisiwe ukuze sibakhumbuze. Ukuze kungabikho muntu abamkhohlwayo, abaningi baye bakuthola kuwusizo ukubhala uhlu lwalabo ababamemela eSikhumbuzweni njalo, banezele abanye abantu abasha minyaka yonke. Ukwenza lokhu ngendlela ehlelekile nokulandelela ngobuqotho endabeni yokumema abanesithakazelo kungaba indlela enhle yokubonisa uJehova uNkulunkulu ukuthi siyambonga “ngesipho sakhe sesihle esingachazeki.”—2 Kor. 9:15.

4. Yini engasisiza ukuba sihlanganyele kakhudlwana enkonzweni ngo-March nango-April?

4 Ukuhlanganyela Kakhudlwana Enkonzweni: Ungahlanganyela yini kakhudlwana enkonzweni ngo-March nango-April? Ngo-April 1 siyojabulela ukuhlanganyela emsebenzini kamagazini njengoba kuwuSuku Lukamagazini olukhethekile. Nakanjani, uNkulunkulu uyokubusisa ukuzikhandla kwethu ekuhlanganyeleni nabanye ‘izindaba ezinhle ezikhazimulayo mayelana noKristu.’ NjengoMthombo wakho konke ukukhanya okungokomoya, uJehova uye wakhipha lo myalo: “Ukukhanya makukhanye ebumnyameni.” (2 Kor. 4:4-6) Kuye ngokwesidingo, abadala bayohlela eminye imihlangano yenkonzo yasensimini nezindawo ezengeziwe eyoqhutshelwa kuzo, futhi bahole ekusekeleni ukushumayela isikhathi esithé xaxa. Lokhu kungahlanganisa nomsebenzi kamagazini wasekuseni noma amalungiselelo okusebenza insimu yamabhizinisi nokufakaza ngocingo ntambama noma kusihlwa. Ukuze usizakale njengoba uhlanganyela kakhudlwana enkonzweni, zibekele umgomo ofinyelelekayo wamahora, bese uzikhandla ukuze uwufinyelele. Kwabaningi, ukunikeza uJehova okungcono kakhulu kuhilela ilungelo lokuba amaphayona asizayo.—Kol. 3:23, 24.

5. Abaningi bazuza kanjani emahoreni ancishisiwe afuneka kumaphayona asizayo?

5 Ingabe Ungakhonza Njengephayona Elisizayo? Sekuphele iminyaka engaphezu kwengu-7 kusukela ngesikhathi okwancishiswa ngaso amahora afunekayo kumaphayona asizayo. Lolu shintsho luye lwavulela abengeziwe ithuba lokuthola izibusiso zokuba amaphayona asizayo. Ingabe usuke wakuzama? Abanye bakwenza umkhuba waminyaka yonke lokhu. Emabandleni amaningi abamemezeli abaningi bayenza ndawonye le nkonzo, kanjalo kube isenzakalo esivelele nesizuzisayo ezintweni ezenziwa ibandla phakathi nonyaka. Phakathi nenkathi yeSikhumbuzo, ungakwazi yini ukuhlela ukuba ujabulele ukuba iphayona elisizayo inyanga eyodwa? U-April angaba inyanga ekahle kakhulu kwabanye, njengoba enezimpelasonto ezinhlanu ezigcwele.

6. Yimaphi amalungiselelo ajabulisayo enziwe?

6 Ingabe ibandla lenu lihlelelwe ukuba lihanjelwe umbonisi wesifunda ngo-March noma ngo-April? Ningase nivulekelwe elinye ithuba lokuthola isibusiso. Njengoba kwamenyezelwa ngaphambili, phakathi nonyaka wenkonzo ka-2006, bonke abangamaphayona asizayo ngenyanga ibandla elihanjelwe ngayo umbonisi wesifunda bayomenywa ukuba babe khona engxenyeni yokuqala yomhlangano oqhutshwa namaphayona phakathi nesonto lokuhanjelwa. Akuqulwa nakuqulwa ukuthi ukwaziswa okuqinisayo ngokomoya okwethulwa kulo mhlangano kuyosiza amaphayona amaningi asizayo ukuba azame ukufinyelela ukuba amaphayona avamile.

7, 8. (a) Yini engasisiza ukuba senze isimiso sokuba amaphayona asizayo? (b) Ukubambisana komkhaya kungasiza kanjani, futhi umkhaya wonke uzuza kanjani?

7 Njengoba ucabangela amahora angu-50 afuneka kumaphayona asizayo, zama ukubona ukuthi yisiphi isimiso esiyokuvumela ukuba wenze ukukhanya kweqiniso kukhanye amahora angaba ngu-12 isonto ngalinye. Xoxa nalabo abaye bakwenza ngokuphumelelayo lokhu, kanye nabanye. Lokhu kungase kubakhuthaze ukuba bakujoyine. Ngokuhlela okuhle, abamemezeli ababhapathiziwe abancane nabadala baye bathola ukuthi kwakungenzima kakhulu ukufinyelela lo mgomo otusekayo. Thandaza ngalokhu. Ngemva kwalokho, uma kwenzeka, hlela izinto zakho, futhi ujabulele ukuba iphayona elisizayo!—Mal. 3:10.

8 Imikhaya eminingi iye yathola ukuthi ukubambisana kungenza ukuba okungenani ilungu elilodwa lomkhaya likwazi ukufinyelela lo mgomo. Omunye umkhaya wanquma ukuba wonke amalungu amahlanu abhapathiziwe abhalise njengamaphayona asizayo. Ezinye izingane ezimbili ezazingakabhapathizwa zenza umzamo okhethekile wokwandisa inkonzo yazo. Wazuza kanjani lo mkhaya ngokwenza umzamo owengeziwe? Wabhala: “Kwakuyinyanga ejabulisa kakhulu, futhi saba nomuzwa onamandla wokuthi izibopho zomkhaya zaqiniswa. Sibonga uJehova ngalesi sibusiso esimangalisayo!”

9. Singakwenza kanjani ukukhanya kwethu kukhanye phakathi nale nkathi yeSikhumbuzo?

9 Ingabe umsebenzi wethu okhethekile ngo-March nango-April uyosishukumisa, usisondeze kuBaba wethu wasezulwini? Okuningi kuyoxhomeka emzamweni esiwenzayo ngabanye ekuqiniseni uthando lwethu ngoNkulunkulu neNdodana yakhe nasekuthuthukiseni ukuhlanganyela kwethu enkonzweni. Kwangathi isinqumo sethu singafana nesomhubi, owahlabelela: “Ngizomdumisa kakhulu uJehova ngomlomo wami, phakathi kwabantu abaningi ngizomdumisa.” (IHu. 109:30) UJehova uyowubusisa umsebenzi wethu wentshiseko kule nkathi yeSikhumbuzo. Ngakho, kwangathi singenza ukukhanya okukhulu kukhanye ukuze abaningi ngokwengeziwe bakwazi ukuphuma ebumnyameni futhi ‘babe nokukhanya kokuphila.’—Joh. 8:12.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela