Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 3/06 k. 1
  • Siza Abanye Bazuze Esihlengweni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Siza Abanye Bazuze Esihlengweni
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okusenza Sifune Ukuya Emihlanganweni Yethu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • “Qhubekani Nikwenza Lokhu”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
  • UJehova Uyayibusisa Imizamo Yethu Yokuba Khona ESikhumbuzweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • Asibonise Ukwazisa
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
km 3/06 k. 1

Siza Abanye Bazuze Esihlengweni

ISikhumbuzo Sokufa KukaKristu Sizogujwa Ngo-April 12

1. Iyiphi enye yezindlela abantu bakaNkulunkulu ababonisa ngayo ukuthi bayasazisa isihlengo?

1 “Makabongwe uNkulunkulu ngesipho sakhe sesihle esingachazeki.” (2 Kor. 9:15) Lawo mazwi ayiveza kahle indlela esizizwa ngayo ngobuhle nangomusa wothando uNkulunkulu awubonisa abantu bakhe ngeNdodana yakhe, uJesu Kristu. Lokho kwazisa kuzoba sobala kakhulu lapho sihlangene ngo-April 12 sigubha iSikhumbuzo sokufa kukaKristu.

2. Obani abanye abahlanganyela nezinceku zikaJehova emkhosini weSikhumbuzo, futhi yini okudingeka bayenze ukuze bazuze esihlengweni?

2 Ngaphandle kwezinceku zikaJehova, emkhosini weSikhumbuzo kuba khona nabanye abangaba izigidi eziyishumi unyaka ngamunye. Ngokuba khona, babonisa ukuthi banakho ukwazisa okuthile ngomhlatshelo kaKristu. Nokho, ukuze bazuze esihlengweni, kudingeka babonise ukholo kuso. (Joh. 3:16, 36) Singabasiza kanjani ukuba babe nalolo kholo? Phakathi nale nkathi yeSikhumbuzo, singabakhuthaza ukuba babe nesifundo seBhayibheli futhi babe khona emihlanganweni yebandla yamasonto onke. Cabanga ngokusikisela okulandelayo.

3. Singasiqala kanjani isifundo seBhayibheli lapho simemela umuntu eSikhumbuzweni?

3 Izifundo ZeBhayibheli: Lapho umema abantu abathakazelayo ukuba beze eSikhumbuzweni, kungani ungazami ukuqala isifundo seBhayibheli ngencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli? Zama ukubachazela ngomkhosi weSikhumbuzo ngokuvula emakhasini 206-8 bese nihlola isihlokwana esithi “Isidlo SeNkosi Sakusihlwa—Umkhosi Odumisa UNkulunkulu.” Ningase nikwazi ukuxoxa ngalokho kwaziswa phakathi nokuhambela okukodwa noma okubili, mhlawumbe esifundweni seBhayibheli esiqhutshwa umi emnyango. Lapho senixoxile ngalokho kwaziswa, umfundi angase athande ukuba nixoxe ngesahluko 5, esithi “Isihlengo—Isipho SikaNkulunkulu Esikhulu Kunazo Zonke.” Uma sekuyisifundo esiqhubekayo, phindelani emuva niyofunda izahluko ezine zokuqala zale ncwadi.

4. Singasiqala nobani isifundo seBhayibheli phakathi nale nkathi yeSikhumbuzo?

4 Singasiqala nobani isifundo seBhayibheli ngale ndlela? Kungaba abanye balabo osebenza nabo, ofunda nabo, noma omakhelwane bakho. Abazalwane bangase basisikisele kubayeni abangakholwa bodade abasebandleni. Ungasisikisela nasezihlotsheni zakho ezingebona oFakazi. Ngaphezu kwalokho, siyofuna ukwenza umzamo okhethekile wokumema labo abake bahlanganyela ngenkuthalo nebandla ukuba beze eSikhumbuzweni. (Luka 15:3-7) Kwangathi singazama ukubasiza bonke laba bantu ukuba bazuze esihlengweni.

5. Singabakhuthaza kanjani abafundi beBhayibheli nabanye abathakazelayo ukuba babe khona emihlanganweni yebandla yamasonto onke?

5 Imihlangano Yebandla: ISikhumbuzo siwumhlangano wokuqala abaningi abafundelwa iBhayibheli nabanye abathakazelayo abeza kuwo. Nokho, singabakhuthaza kanjani ukuba bazuze nakweminye imihlangano yebandla? INkonzo Yethu YoMbuso ka-April 2005, ikhasi 8, yanikeza ukusikisela okulandelayo: “Batshele isihloko senkulumo yeningi elandelayo. Babonise indaba ezofundwa eSifundweni Se-Nqabayokulinda naseSifundweni Sencwadi Sebandla. Chaza iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini noMhlangano Wenkonzo. Uma unenkulumo esikoleni, mhlawumbe ungayiprakthiza nabo. Baxoxele amaphuzu avelele avezwe emihlanganweni. Sebenzisa izithombe ezisezincwadini zethu ukuze ubasize babone ngeso lengqondo ukuthi kwenziwani emihlanganweni yethu. Bameme ukuba babe khona nisaqala nje ukufunda.”

6. Iziphi izindlela ezimbili esingasiza ngazo abanhliziyo ziqotho ukuba bazuze esihlengweni?

6 Lapho abanhliziyo ziqotho benesifundo seBhayibheli esiqhutshwa njalo futhi beba khona njalo emihlanganweni yebandla, ngokuvamile bayashesha ukuthuthuka ngokomoya. Ngakho-ke, kwangathi singakhuthaza abanye ukuba bawasebenzise la malungiselelo angokomoya futhi bazuze esiphweni sikaNkulunkulu esikhulu kunazo zonke—isihlengo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela