Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/06 k. 1
  • “Ngilandele Njalo”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ngilandele Njalo”
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Kufanele Uzidele?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Ukungasaziphileli Thina
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Lingisa UJesu Ngokukhonza Abanye
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Landela UJesu Njalo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
km 5/06 k. 1

“Ngilandele Njalo”

1 Abantu abaningi baphilela ukuzijabulisa, kodwa abajabule. UJesu watusa inkambo ehlukile. Watusa ukupha okungenabugovu okuletha injabulo yangempela. (IzE. 20:35) Wathi: “Uma umuntu efuna ukungilandela, makazidele . . . angilandele njalo.” (Marku 8:34) Lokhu kuhlanganisa okungaphezu kokuzincisha izinjabulo ezithile ngezikhathi ezithile. Kusho ukuphila usuku ngalunye ngenjongo yokujabulisa uJehova, hhayi thina.—Roma 14:8; 15:3.

2 Cabanga ngesibonelo somphostoli uPawulu. Ngenxa “yenzuzo edlula zonke izinto, yolwazi ngoKristu Jesu,” wayeka ukuphishekela izifiso zakhe siqu, wazinikela ukuze athuthukise izithakazelo zoMbuso. (Fil. 3:7, 8) Wathi: “Mina ngizokuthokozela kakhulu ukusebenzisa konke enginakho nokuba ngisetshenziswe ngokuphelele” ekukhonzeni ebanye. (2 Kor. 12:15) Ngamunye wethu wenza kahle ngokuzibuza: ‘Ngisisebenzisa kanjani isikhathi, amandla, amakhono nezinto zami? Ingabe ngigxile ekuthuthukiseni izinto ezithandwa yimi, noma ngifuna ukujabulisa uJehova?’

3 Amathuba Okupha: Unyaka ngamunye, abantu bakaNkulunkulu banikela ngamahora angaphezu kwezigidi eziyinkulungwane emsebenzini osindisa ukuphila wokushumayela ngoMbuso. Ebandleni, abasha nabadala benza imisebenzi ehlukahlukene ezuzisa abanye. Kwenziwa umsebenzi omkhulu futhi ngokuqondene nemihlangano yesifunda neyesigodi kanye nokwakhiwa nokulungiswa kwezakhiwo ezisetshenziselwa ukuthuthukisa ukukhulekela kweqiniso. Cabanga futhi nangosizo olubonisa uthando olunikezwa ngabazalwane abakhonza emaKomitini Okubonisana Nezibhedlela Namaqembu Avakashela Iziguli. Yonke le mizamo yokuzidela iyisibusiso ebuzalwaneni bethu njengamaKristu!—IHu. 110:3.

4 Amathuba okusiza ngezindlela ezihlukahlukene angase avele lapho kuba nenhlekelele no-ma lapho kuvela isimo esiphuthumayo. Nokho, ezimweni eziningi amathuba okusiza abanye cishe ayovela lapho umKristu othile edinga usizo noma isikhuthazo. (IzAga 17:17) Lapho sizidela ngokuzithandela sikhonze abanye futhi sithuthukise izithakazelo zoMbuso, sisuke silandela isibonelo sikaJesu. (Fil. 2:5-8) Kwangathi singalwela ukukwenza njalo lokhu.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela