Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/97 k. 1
  • Landela UJesu Njalo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Landela UJesu Njalo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukukhonza UJehova Ngomoya Wokuzidela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Ukungasaziphileli Thina
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Yiba Nomoya Wokuzidela!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
km 5/97 k. 1

Landela UJesu Njalo

1 Ngesinye isikhathi uJesu wathi: “Uma noma ubani efuna ukungilandela, makazidele athathe isigxobo sakhe sokuhlushwa angilandele njalo.” (Math. 16:24) Ngokuqinisekile sifuna ukusabela kahle emazwini kaJesu. Ake sihlole ukuthi yini ehilelekile emshwaneni ngamunye wesimemo sakhe.

2 “Makazidele”: Lapho sinikezela ukuphila kwethu kuJehova, siyazidela. Igama lesiGreki elithi ‘ukuzidela’ ngokuyisisekelo lisho “ukuthi cha.” Lokho kusho ukuthi ngokuzithandela sidela ukuphishekela izinto, izifiso, ukuthokomala kanye nezinjabulo zobugovu—sizimisele ukujabulisa uJehova kuze kube phakade.—Roma 14:8; 15:3.

3 “Athathe Isigxobo Sakhe Sokuhlushwa”: Ukuphila komKristu kuwukuphila kokuthwala isigxobo sokuhlushwa senkonzo yokuzidela ayenzela uJehova. Enye indlela umoya wokuzidela ongaboniswa ngayo ingokuzikhandla enkonzweni. Kuze kube manje kulonyaka, abamemezeli abaningi bajabulela umsebenzi wobuphayona obusizayo. Mhlawumbe ungomunye wabo futhi uyavuma ukuthi izibusiso ozitholayo zikudlula kude ukuzidela okwenzayo. Labo abangase bangakwazi ukukhonza njengamaphayona asizayo ngokuvamile baye bahlela ukuba basebenze isikhathi esengeziwe emsebenzini wokushumayela njengabamemezeli bebandla. Enalowo mgomo, amanye amabandla ahlela ukuba imihlangano yawo yenkonzo yasensimini isheshe iqale kunangesikhathi esivamile. Abamemezeli abaningi bayakwazisa ukuba nesikhathi esijana senkonzo yasensimini. Abanye futhi baye baba nemiphumela emihle kakhulu lapho benquma ukuba ‘bangene nje kwenye indlu’ noma bake bathi ukusebenza ‘imizuzwana embalwa eyengeziwe.’

4 Enye indlela oboniswa ngayo umoya wokuzidela ingokuzibekela imigomo yomuntu siqu. Ngokuhlela okuhle nangokulungisa isimiso sabo, abanye baye baba amaphayona avamile. Abanye baye bakwazi ukuhlela izimo zabo ukuze bazenze batholakalele inkonzo yaseBethel noma yezithunywa zevangeli. Abanye baye bathuthela endaweni enesidingo esikhudlwana sabamemezeli boMbuso.

5 “Angilandele Njalo”: Nakuba abafundi bakaJesu babhekana nokulingwa okuningi, bakhuthazwa intshiseko nokukhuthazela kwakhe enkonzweni. (Joh. 4:34) Bazizwa bevuselelekile emoyeni wabo ngokuba khona kwakhe nangesigijimi sakhe. Yingakho labo abamlandela baba nenjabulo yangempela. (Math. 11:29) Kwangathi nathi singakhuthazana ukuze sikhuthazele emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi obaluleke kunayo yonke.

6 Kwangathi sonke singasabela kahle esimemweni sikaJesu sokumlandela njalo ngokuhlakulela umoya wokuzidela. Njengoba senza kanjalo, siyothola injabulo enkulu manje futhi singabheka phambili ezibusisweni ezinkulu esikhathini esizayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela