Zuza Ngokugcwele Emihlanganweni Yenkonzo Yasensimini
1. Imihlangano yenkonzo yasensimini ingasisiza kanjani?
1 Imihlangano yenkonzo yasensimini ephumelelayo inikeza isikhuthazo sangempela nesiqondiso esiwusizo ngaphambi kokuba siye ensimini. Isisiza ukuba sikwazi ukushumayela njengeqembu ukuze sisebenze nabanye ngenjongo yokusekelana nokuqeqeshana. (IzAga 27:17; UmSh. 4:9, 10) Yini esingayenza ukuze sizuze ngokugcwele kule mihlangano?
2. Yiziphi ezinye izinto umqhubi angase azicabangele?
2 Umqhubi: Ngokuvamile indaba ezocatshangelwa kule mihlangano ayishiwo kusengaphambili. Ngakho-ke, kudingeka ulungiselele kahle uma uzoqhuba lo mhlangano. Ungakwenzi umkhuba ukuhlela ukucabangela itekisi losuku, nakuba ungase ukhethe ukulihlanganisa engxoxweni uma lithintana ngokuqondile nenkonzo yasensimini. Yenza lo mhlangano ufundise, kodwa uwugcine ulula. Asikho isidingo sokubukeza amaphuzu amaningi angase akhulunyelwe ezincwadini ezihlukahlukene. Khuthaza ukusetshenziswa kweBhayibheli. Cabanga ngalokho okuyoba usizo kakhulu kulabo abayoshumayela ngalolo suku. Ngokwesibonelo, ningase nithande ukuxoxa ngentshumayelo ethile noma nenze umboniso. Ungase ukhethe ukubukeza okuthile encwadini Ukubonisana, encwadini ISikole Senkonzo, noma enkulumweni yoMhlangano Wenkonzo. Ngezinye izikhathi, ungase ucabangele indlela yokubhekana nenselele engase iphakame ensimini yenu, noma ningase nixoxe ngendlela yokuhlakulela isithakazelo nokuqala izifundo zeBhayibheli, ikakhulukazi uma abaningi bezokuya ezimpindelweni. Kungakhathaliseki ukuthi yini ecatshangelwayo, yiba nentshiseko futhi wakhe.
3. Lo mhlangano kufanele ube mude kangakanani, futhi yini okufanele yenziwe phakathi naleso sikhathi?
3 Qala umhlangano ngesikhathi, ngisho noma wazi ukuthi abanye bazofika sekwephuzile. Sebenzisa ukwahlulela okuhle lapho waba iqembu, futhi ubanike insimu labo abayidingayo. Lo mhlangano akufanele weqe emizuzwini eyishumi kuya kwengu-15, futhi kufanele ube mfushane kunalokho uma ulandela ngemva komhlangano webandla. Ngaphambi kokuba uphethe umhlangano, bonke kufanele bazi ukuthi bazosebenza nobani futhi kuphi. Lo mhlangano kufanele uphethwe ngomthandazo.
4. Yini eyosiza bonke ukuba bazuze ngokugcwele emihlanganweni yenkonzo yasensimini?
4 Ningasiza: Njengasemihlanganweni yebandla, sibonisa ukuthi siyamhlonipha uJehova futhi siyabacabangela abanye ngokufika ngesikhathi. Hlanganyelani engxoxweni. Ningase nicele umqhubi ukuba anabe nabathile, noma ningase nikhethe ukuzenzela amalungiselelo kusengaphambili. Uma nikhetha ukuzenzela amalungiselelo, lwelani ‘ukwanuleka’ ngokusebenza nabamemezeli abahlukahlukene, kunokuba nisebenze nabangane abaseduze njalo. (2 Kor. 6:11-13) Lapho umhlangano usuphelile, gwemani ukushintsha amalungiselelo, futhi niphume ngokushesha niye ensimini.
5. Iyini injongo yemihlangano yenkonzo yasensimini?
5 Injongo yemihlangano yenkonzo yasensimini iyefana neyemihlangano yebandla. Ihlelelwe ukuba ‘sicabangelane ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle.’ (Heb. 10:24, 25) Uma senza umzamo ukuze sizuze kule mihlangano, siyosizwa ukuba sifeze inkonzo yethu—‘ewumsebenzi omuhle’ ngempela!