Lingisa UKristu Enkonzweni Yakho
1 UJesu wasibekela isibonelo okufanele sisilandele enkonzweni yethu. Uthando lwakhe olujulile ngoNkulunkulu nabantu lwabonakala izikhathi eziningi nangezindlela eziningi. Wafundisa abathobekile iqiniso futhi wenzela abahluphekile nabacindezelwe izenzo zomusa wothando.—Math. 9:35.
2 Isibonelo SikaJesu Nezimfundiso Zakhe: UJesu akazange aziphazamise ngokuzihilela ezindabeni zezombusazwe noma emizamweni yokuthuthukisa inhlalakahle yomphakathi. Futhi akazange avumele eminye imisebenzi enezinhloso ezinhle ukuba imphazamise noma isithibeze umsebenzi wakhe oyinhloko. (Luka 8:1) Wagxila ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu njengoyisona sisombululo saphakade sezinkinga zesintu. UJesu wayenomsebenzi omkhulu okwakufanele awenze futhi sisincane isikhathi sokuwenza. Lapho abantu baseKapernawume befuna ukuba ahlale nabo, wathi kubafundi bakhe: “Masiye kwenye indawo . . . ukuze ngishumayele nakhona, ngoba ngiphumele le njongo.”—Marku 1:38.
3 Ngemva kokuqeqesha abafundi bakhe, uJesu wabathuma wabanika neziyalezo eziqondile: “Nishumayele, nithi, ‘Umbuso wamazulu ususondele.’” (Math. 10:7) Wafundisa abalandeli bakhe ukuthi izithakazelo zoMbuso kwakufanele zihambe phambili ekuphileni kwabo. (Math. 6:33) Amazwi kaJesu okugcina kubafundi bakhe ngaphambi kokuba enyukele ezulwini akwenza kwacaca lokho okwakufanele bakwenze. Wathi: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.”—Math. 28:19.
4 Ukubaluleka KoMbuso: Isihloko esikhulu sengxoxo kaJesu kwakuwuMbuso kaNkulunkulu, futhi wakhuthaza abafundi bakhe ukuba balandele isibonelo sakhe. Imizamo yabantu yokuxazulula izinkinga zesintu ngeke iphumelele. (Jer. 10:23) UMbuso kaNkulunkulu kuphela oyongcwelisa igama likaNkulunkulu futhi ulethele nesintu impumuzo ehlala njalo. (Math. 6:9, 10) Ukufundisa amaqiniso oMbuso kubantu ‘ababubulayo futhi bequma ngenxa yazo zonke izinto ezinengekayo ezenziwayo’ kubasiza ukuba baphile ukuphila okujabulisayo nokuphumelelayo manje futhi babambelele ethembeni eliqinisekile lekusasa.—Hez. 9:4.
5 Namanje uJesu usahilelekile emsebenzini wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu, futhi uyasiqinisekisa ukuthi uzosisekela. (Math. 28:20) Umsebenzi wethu ufana ngezinga elingakanani nesibonelo uJesu asibekela sona? (1 Pet. 2:21) Kulezi zinsuku zokugcina ezinzima, kwangathi singenza konke okusemandleni ethu ukuba sisilandele ngokuseduze isibonelo uJesu asibekela sona enkonzweni!