“Unika Okhatheleyo Amandla”
1 Sonke siyakhathala ngezinye izikhathi. Kungase kungabangelwa umsebenzi noma ukukhandleka ngandlela-thile kuphela, kodwa kungabangelwa nayizinselele esibhekana nazo kulezi “zikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.” (2 Thim. 3:1) Njengezinceku zikaJehova, siwathola kanjani amandla angokomoya adingekayo ukuze singanciphisi intshiseko enkonzweni yethu? Lokhu sikwenza ngokuncika kulowo ‘onamandla amakhulu,’ uJehova. (Isaya 40:26) Uyazazi izidingo zethu futhi unesithakazelo esiqotho sokusisiza.—1 Pet. 5:7.
2 Amalungiselelo KaJehova: UJehova usiqinisa ngomoya wakhe ongcwele, amandla angenakuvinjelwa awasebenzisa ekudaleni indawo yonke. Umoya kaNkulunkulu usisiza ukuba ‘sithole amandla kabusha’ uma sikhathala. (Isaya 40:31) Zibuze, ‘Ngagcina nini ukuwuthandazela ngokuqondile umoya ongcwele ukuze ungiqinise ngikwazi ukufeza izibopho zami zobuKristu?’—Luka 11:11-13.
3 Ngokufunda iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe nsuku zonke, sizindle ngalo futhi sondleke ngokomoya ngokutadisha njalo izincwadi zethu zobuKristu, siyophila “njengomuthi otshalwe ngasemifudlaneni yamanzi, othela isithelo sawo ngenkathi yaso nomahlamvu awo angabuni.”—IHu. 1:2, 3.
4 UJehova usebenzisa namakholwa esikanye nawo, angaba “usizo oluqinisayo” kithi. (Kol. 4:10, 11) Ayasiqinisa emihlanganweni yebandla ngezingxoxo, ngezimpendulo nangezinkulumo zawo ezakhayo. (IzE. 15:32) Abadala abangamaKristu ikakhulukazi banikeza usizo olungokomoya nesikhuthazo esiqabulayo.—Isaya 32:1, 2.
5 Inkonzo: Uma uzizwa ukhathala, ungayeki ukushumayela! Ngokungafani neminye imisebenzi eminingi, ukuhlanganyela njalo enkonzweni empeleni kuyasiqabula. (Math. 11:28-30) Ukuxoxa nabanye ngezindaba ezinhle kusisiza ukuba sigxile eMbusweni kaNkulunkulu futhi sihlale sinombono wokuphila okuphakade nezibusiso zako.
6 Kunokuningi okudingeka kwenziwe ngaphambi kokuba lesi simiso esibi sibhujiswe. Sinezizathu eziqinile zokuhlala sigxilile enkonzweni yethu, ‘sincike emandleni anikezwa nguNkulunkulu.’ (1 Pet. 4:11) Ngosizo lukaJehova siyowuqeda umsebenzi wethu, ngoba “unika okhatheleyo amandla.”—Isaya 40:29.