Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/07 k. 4
  • Fundisa Abantwana Bakho Ukudumisa UJehova

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Fundisa Abantwana Bakho Ukudumisa UJehova
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Ukusiza Abanye Ukuba Bakhulekele UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Qeqesha Izingane Zakho Ukuba Zibe Yizikhonzi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
km 5/07 k. 4

Fundisa Abantwana Bakho Ukudumisa UJehova

1. Ingabe abantwana bangamdumisa uJehova?

1 IHubo 148:12, 13 likhuthaza abafana namantombazane ukuba “badumise igama likaJehova.” ImiBhalo iqukethe izibonelo eziningi zabantwana abenza kanjalo. Ngokwesibonelo, “uSamuweli wayekhonza phambi kukaJehova, engumfana.” (1 Sam. 2:18) ‘Yintombazane encane’ eyatshela umkaNahamani ukuthi umprofethi kaJehova kwa-Israyeli angamphulukisa uNahamani ochokweni lwakhe. (2 AmaKh. 5:1-3) Lapho uJesu engena ethempelini futhi enza imisebenzi yamandla, “abafana” yibo abamemeza: “Siyanxusa, sindisa iNdodana kaDavide!” (Math. 21:15) Abazali bangabafundisa kanjani abantwana babo ukudumisa uJehova?

2. Kungani kubalulekile ukuba abazali babekele abantwana babo isibonelo esihle?

2 Ngesibonelo: Ngaphambi kokuba bagxilise iqiniso ezinhliziyweni zabantwana babo, obaba abangama-Israyeli bayalwa ukuba bona ngokwabo bathande uJehova kuqala futhi bafake imiyalo yakhe ezinhliziyweni zabo siqu. (Dut. 6:5-9) Uma ukhuluma kahle ngenkonzo futhi uyenze ibe ingxenye yesimiso sakho samasonto onke, abantwana bakho bayothambekela ekubhekeni inkonzo njengebalulekile neyanelisayo.

3. Omunye udade wazuza kanjani esibonelweni sabazali bakhe?

3 Omunye udade ukhumbula ngenjabulo: “Ngisakhula, kwakuwumkhuba ekhaya ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini njalo ngezimpelasonto. Ngangibona ukuthi abazali bami bakujabulela ngempela ukushumayela. Sakhula sibheka inkonzo njengento emnandi.” Lo dade waba ummemezeli ongabhapathiziwe eneminyaka engu-7 futhi useneminyaka engaphezu kwengu-32 esenkonzweni yesikhathi esigcwele.

4. Kusho ukuthini ukuqeqesha abantwana ngokuqhubekayo?

4 Ngokuqeqesha Okuqhubekayo: Yenza abantwana bakho babe nengxenye lapho usenkonzweni. Mhlawumbe bangangqongqoza, banikeze umninikhaya ipheshana, noma bafunde umBhalo. Lokhu kuyokhulisa injabulo yabo futhi kubasize ukuba babe nesibindi sokuxoxa nabanye ngesigijimi soMbuso. Njengoba bekhula, kufanele bahlanganyele ngokwengeziwe enkonzweni. Ngakho, basize ukuba bathuthuke futhi bacabange ngemigomo engokomoya.

5. Yini edingekayo ukuze umntwana afanelekele ukuba ummemezeli ongabhapathiziwe?

5 Xoxa nabadala ngokushesha nje lapho usunomuzwa wokuthi abantwana bakho bayafaneleka ukuba abamemezeli abangabhapathiziwe nalapho besho ukuthi bafisa ukuba yibo. Ukuba abamemezeli kuyogcizelela kubo umthwalo wabo wemfanelo wokudumisa uJehova. Khumbula ukuthi umntwana akudingeki abe nolwazi oluningi olungangolwabantu abadala ababhapathiziwe ngaphambi kokuba afaneleke. Ingabe umntanakho uyaziqonda izimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo? Ingabe uyanamathela ezindinganisweni zeBhayibheli zokuziphatha? Ingabe uyafisa ukuhlanganyela enkonzweni nokwaziwa njengomunye woFakazi BakaJehova? Uma kunjalo, abadala bangase banqume ukuthi uyafaneleka ukuba ummemezeli ongabhapathiziwe.—Bheka incwadi ethi Ukuhlelelwa Ukufeza Intando KaJehova, kk. 79-82.

6. Kungani kuzuzisa ukuba abazali baqeqeshe abantwana babo?

6 Ukufundisa abantwana ukuba badumise uJehova ngokusuka ezinhliziyweni kuwumsebenzi. Nokho, zimbalwa izinto ezenza abazali bajabule kakhulu kunokubona abantwana babo bethuthuka ngokomoya. Okubaluleke kakhulu, uJehova uyajabula lapho abantwana bekhuluma ngemisebenzi yakhe emangalisayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela