Qeqesha Izingane Zakho Ukuba Zibe Yizikhonzi
1. NgokweHubo 148:12, 13 yini abazali abangamaKristu okufanele bayenze?
1 UJehova umema intsha ukuba imdumise. (IHu. 148:12, 13) Ngakho-ke, abazali abangamaKristu benza okungaphezu kokufundisa izingane amaqiniso eBhayibheli nemithetho yokuziphatha evela kuNkulunkulu. Baziqeqeshela nokuba zibe izikhonzi zezindaba ezinhle. Lokhu kungenziwa kanjani ngokuqhubekayo?
2. Isibonelo esihle somzali singazithonya kanjani izingane zakhe?
2 Isibonelo Esihle: UMahluleli uGideyoni watshela amadoda angu-300 ayekanye naye: “Kufanele nifunde ngokubheka mina.” (AbaHl. 7:17) Ngokwemvelo izingane zibuka abazali bazo futhi zibalingise. Omunye ubaba usebenza ebusuku, kodwa esikhundleni sokulala uma ebuya emsebenzini ngoMgqibelo ekuseni, uthatha izingane zakhe aye nazo enkonzweni nakuba esuke ekhathele kakhulu. Ngaphandle kwezwi, uzifundisa ukuthi inkonzo iza kuqala. (Math. 6:33) Ingabe izingane zakho ziyakubona uhlanganyela ngenjabulo ezicini ezihlukahlukene zokukhulekela, njengokuthandaza, ukufunda iBhayibheli, ukuphendula emhlanganweni nokushumayela? Kuyiqiniso ukuthi ngeke ube yisibonelo esiphelele. Kodwa izingane zakho ziyosabela kakhudlwana emizamweni yakho yokuzifundisa ukukhulekela uJehova uma zibona inkuthalo yakho ekumkhonzeni.—Dut. 6:6, 7; Roma 2:21, 22.
3. Yimiphi imigomo yentuthuko engokomoya abazali okufanele basize izingane zabo ziyibeke futhi ziyifinyelele?
3 Imigomo Eqhubekayo: Abazali abadinwa ukuqeqesha izingane zabo ukuba zikwazi ukuhamba, ukukhuluma, ukuzigqokisa nokwenza ezinye izinto. Lapho izingane sezikhule ngokwanele, zibekelwa imigomo emisha. Uma abazali bazo bengamaKristu, kufanele bazisize ukuba zizibekele imigomo engokomoya ngokuvumelana nobudala namakhono azo futhi ziyifinyelele. (1 Kor. 9:26) Ingabe uyazifundisa izingane zakho ukuba ziphendule ngamazwi azo nokuba zikwazi ukulungiselela izinkulumo zazo zeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini? (IHu. 35:18) Ingabe uyaziqeqesha izingane zakho ukuba zihlanganyele ezicini ezihlukahlukene zenkonzo? Ingabe uzibekela imigomo yokubhapathizwa nokuthatha inkonzo yesikhathi esigcwele? Ingabe uyazisiza zihlangane nabamemezeli abajabulayo nabashisekayo abazozikhuthaza?—IzAga 13:20.
4. Zizuza kanjani izingane eziqala ukuqeqeshwa abazali enkonzweni zisencane?
4 Umhubi wathi: “O Nkulunkulu, ungifundisile kusukela ebusheni bami kuqhubeke, kuze kube manje ngiyaqhubeka ngilandisa ngemisebenzi yakho emangalisayo.” (IHu. 71:17) Qala ukuziqeqesha zisencane izingane zakho ukuba zibe izikhonzi. Isisekelo esingokomoya ozisiza ukuba zizibekele sona siyozizuzisa nakanjani lapho sezikhulile!—IzAga 22:6.