Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/07 k. 1
  • Nika Abampofu Ithemba

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Nika Abampofu Ithemba
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ngokushesha, Akekho Oyoba Mpofu!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Lingisa Isibonelo SikaJesu Ukhathalele Abampofu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Ukuphela Kobumpofu Kuyasondela
    I-Phaphama!—1998
  • Kuyomelwe Balinde Isikhathi Eside Kangakanani Abampofu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
km 10/07 k. 1

Nika Abampofu Ithemba

1 UJesu wayebakhathalela ngokukhethekile abampofu. Ngezinye izikhathi wenza izimangaliso ukuze asize ngezinto ezibonakalayo futhi waphulukisa abagulayo, kodwa wayegxile kakhulu ekumemezeleni “izindaba ezinhle” kwabampofu. (Math. 11:5) Inkonzo yobuKristu namuhla isaqhubeka izuzisa abampofu kanye nabanye.—Math. 24:14; 28:19, 20.

2 Ithemba Langempela: Abefundisi beLobukholwa bavame ukuthembisa abampofu ukuthi bayochuma uma benikela esontweni ngesandla esivulekile. Kodwa iBhayibheli lifundisa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu kuphela oyoqeda ubumpofu futhi uxazulule zonke izinkinga zesintu. (IHu. 9:18; 145:16; Isaya 65:21-23) Ngokubonisa abampofu lokho okufundiswa iBhayibheli ngempela, sibanika ithemba futhi sibasiza ukuba banelise isidingo sabo esingokomoya.—Math. 5:3.

3 AbaFarisi bosuku lukaJesu babebabukela phansi abampofu, ngokweyisa bebabiza ngokuthi ama-‛am-ha·’aʹrets, noma “abantu bezwe.” Kodwa uJesu wayebheka “igazi labo,” noma ukuphila kwabo, ‘njengegugu.’ (IHu. 72:13, 14) Singalingisa uJesu futhi ‘sibonise umusa’ kwabanjalo abampofu ngokuba nomusa nozwela. (IzAga 14:31) Asifuni neze ukukhuluma ngendlela elulazayo lapho sikhuluma ngabantu abahlala ezindaweni ezimpofu noma sinqikaze ukufakaza kubo. Abaningi abamukela isigijimi soMbuso bangabantu abaphansi.

4 Siza Manje: Ukufundisa abampofu izimiso zeBhayibheli ensimini kubasiza nokuba banciphise imiphumela yobumpofu ngisho kwamanje. Ngokwesibonelo, iBhayibheli liyakulahla ukudakwa, ukugembula, ubuvila, ukubhema neminye imikhuba ebangela ubumpofu. (IzAga 6:10, 11; 23:21; 2 Kor. 7:1; Efe. 5:5) ImiBhalo ikhuthaza ukwethembeka nokusebenza “ngomphefumulo wonke,” okuyizimfanelo ezilindelwe emsebenzini. (Kol. 3:22, 23; Heb. 13:18) Empeleni, kokunye ukuhlola abaqashi abaningi babebheka ukuthembeka nobuqotho njengezimfanelo ezihlaba umxhwele kakhulu kubantu abafuna umsebenzi.

5 Ukuhlupheka kwabampofu kuyamthinta uJehova. Maduze uJesu Kristu uzokhulula “ompofu okhalela usizo.” (IHu. 72:12) Kuze kube yileso sikhathi, sinelungelo lokududuza abanye, kuhlanganise nabampofu, ngesigijimi seBhayibheli sethemba.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela