Kukhona Esingakupha UJehova
1 Bewazi yini ukuthi abantu bangamupha uNkulunkulu okuthile? U-Abela wenzela uJehova umhlatshelo ngemfuyo yakhe eyigugu futhi uNowa noJobe benza imihlatshelo efanayo. (Gen. 4:4; 8:20; Jobe 1:5) Kuyiqiniso ukuthi imihlatshelo enjalo ayizange imenze uMdali acebe ngandlela-thile, ngoba kakade konke kungokwakhe. Kodwa le mihlatshelo yabonisa uthando olujulile lawo madoda athembekile ayenalo ngoNkulunkulu. Namuhla, singasebenzisa isikhathi sethu, amandla nengcebo ekunikeleni kuJehova “umhlatshelo wokudumisa.”—Heb. 13:15.
2 Isikhathi: Yeka indlela okuncomeka ngayo ‘ukuthengisisa ithuba’ ezintweni ezingabalulekile ukuze sihlanganyele ngokugcwele enkonzweni! (Efe. 5:15, 16) Mhlawumbe singashintsha isimiso sethu ukuze sibe amaphayona asizayo inyanga eyodwa noma ngaphezulu ngonyaka. Mhlawumbe singasandisa isikhathi esivame ukusichitha enkonzweni. Ukusebenza isikhathi esengeziwe esiyimizuzu engu-30 enkonzweni isonto ngalinye kungandisa inkonzo yethu okungenani ngamahora amabili ngenyanga!
3 Amandla: Ukuba namandla esingawasebenzisa enkonzweni kudinga ukuba sigweme ukuzilibazisa nomsebenzi wokuziphilisa osishiya sikhathele kangangokuba singakwazi ukunikeza uJehova okungcono kakhulu. Kudingeka nokuba sibekele eceleni ukukhathazeka okungase kwenze inhliziyo yethu “ibhocobale,” kusiphuce amandla ebesingawasebenzisa ekukhonzeni uNkulunkulu. (IzAga 12:25) Nakuba kungase kube nezizathu zokukhathazeka ngokuthile, yeka indlela okungcono ngayo ‘ukuphonsa umthwalo wethu phezu kukaJehova’!—IHu. 55:22; Fil. 4:6, 7.
4 Ingcebo: Singaphana nangezinto zethu ezibonakalayo ukuze sisekele umsebenzi wokushumayela. UPawulu wakhuthaza amanye amaKristu ukuba ‘abeke okuthile eceleni’ njalo ukuze abe nokuthile angaphana ngakho kwabaswele. (1 Kor. 16:1, 2) Ngokufanayo, singase sikwazi ukubekela eceleni imali yokunikelela izidingo zebandla lakithi kanye nomsebenzi womhlaba wonke. UJehova uyakwazisa lokho esikunikela ngokusuka enhliziyweni, ngisho noma kukuncane.—Luka 21:1-4.
5 Kuningi uJehova asinike khona. (Jak. 1:17) Sibonisa ukwazisa kwethu ngokunikela ngesikhathi sethu, amandla, nezinye izinto eziyingcebo ukuze simkhonze. Ukwenza kanjalo kuthokozisa uJehova, “ngoba uNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.”—2 Kor. 9:7.