Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g03 11/8 k. 12
  • Uwoyela—Ingabe Kungenzeka Uphele?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uwoyela—Ingabe Kungenzeka Uphele?
  • I-Phaphama!—2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uwoyela—Siwuthola Kanjani?
    I-Phaphama!—2003
  • Kungani Kudingeka Imithombo Emisha Yamandla?
    I-Phaphama!—2005
  • Uwoyela—Indlela Okuthinta Ngayo
    I-Phaphama!—2003
  • Ukuthola Umthombo Wawo Onke Amandla
    I-Phaphama!—2005
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2003
g03 11/8 k. 12

Uwoyela—Ingabe Kungenzeka Uphele?

“Ngaphandle [kwemithombo yamandla] izimboni ngeke zisebenze . . . Akukho zimoto, amaloli, izitimela, imikhumbi noma izindiza ebezingakhiwa . . . Ngaphandle kwemithombo yamandla, izindlu beziyohlala zibanda futhi zingakhanyisiwe, ukudla bekungeke kuphekwe. . . . Ngaphandle kwemithombo yamandla ngempela besiyobuyela eNkathini Yobuqaba.”—Ithathwe kuyi-“U.S. Geological Survey World Petroleum Assessment 2000.”

OCHWEPHESHE bamandla banombono wokuthi imithombo kawoyela ingase yome ngokuhamba kwesikhathi. Abanye balinganisela ukuthi imithombo kawoyela engakathintwa emhlabeni izothatha iminyaka engu-63 kuya kwengu-95 ngaphambi kokuba iphele. Okwamanje, kuhlolwa eminye imithombo yamandla, eminye osekungamashumi eminyaka isetshenziswa. Phakathi kwaleyo engase ivuseleleke kunalezi zinhlobo ezilandelayo: amandla elanga, omoya, amagagasi, emifula nawolwandle. Kodwa okwamanje, kusenezinkinga ezinkulu ezihilela ukukhiqizwa nokusakazwa kwayo.

Ukulindela isikhathi lapho kuyophela khona imithombo yamandla engavuseleleki bese kuba yima kuphendukelwa kwevuselelwayo ngokuqinisekile akuniki themba. Izinkampani zikawoyela sezilungele ukusizakala ngesikhathi esilinganiselwe okuthiwa uwoyela uzophela ngemva kwaso. Ngeshwa, kunezizathu ezizwakalayo zokulindela ukuba izinkinga zezenhlalo nezemvelo ezihlobene nowoyela nazo zizohlala zikhona phakathi naleso sikhathi. Ngokusobala, umnyombo walezi zinkinga akuwona uwoyela ngokwawo. Ukuhaha komuntu nesifiso sakhe sokubusa abanye esiye senza uwoyela waba nedumela elibi.

Ngokujabulisayo, ikusasa likawoyela—kanye nayo yonke imithombo yamandla—alikho ezandleni zezizwe. Empeleni, lisezandleni zoMdali noMnakekeli womhlaba, uJehova uNkulunkulu, othembisé ukuthi maduzane zizophela zonke izinkinga zemvelo nezenhlalo ezithinta ukusetshenziswa nokuxhashazwa kwemithombo yomhlaba. (IsAmbulo 4:11) Njengoba iBhayibheli lisho, sesisondele isikhathi lapho uNkulunkulu ‘eyochitha khona abachitha umhlaba.’ Ukubusa kukaNkulunkulu ngokulunga kuyoletha “izulu elisha nomhlaba omusha,” izwe elingenakho ukuxhaphaza kobugovu nokungabi nabulungisa, lapho imithombo yengcebo yomhlaba iyosetshenziswa khona ngendlela engenabugovu ukuze kuzuze sonke isintu esilalelayo.—IsAmbulo 11:18; 21:1-4.

[Izithombe ekhasini 12]

Eminye imithombo yamandla ihlanganisa izingqwembe ezidonsa amandla elanga nezinjini eziphehla ugesi

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela