Sigumbuqela Izinto Ezigxilile
1 Sekungamakhulu eminyaka uSathane ephuphuthekisa izinhliziyo nezingqondo zabantu abaningi ngezimfundiso zamanga nenkohliso. Uye wasakaza izimfundiso ezinjengoZiqu-zintathu, ukungafi komphefumulo nesihogo somlilo. Ukhuthaza ukungabaza ngobukhona boMdali nokuthembeka kweBhayibheli. Ubandlululo luwumgoqo omkhulu wokukhanya kweqiniso. (2 Kor. 4:4) Singazigumbuqela kanjani izinkolelo ezinjalo ezigxilile?—2 Kor. 10:4, 5.
2 Imizwelo Ihilelekile: Izinkolelo ezingokwenkolo esezinesikhathi eside ngokuvamile zihilela imizwelo yomuntu ejulile. Abanye baye banamathela ezinkolelweni ezingamanga kusukela ebuntwaneni. Ukuze sisize abanjalo, kudingeka sikhulume ngendlela ebonisa ukuthi siyawuhlonipha umbono wabo.—1 Pet. 3:15.
3 Singabonisa ukuthi siyabahlonipha abantu abanjalo ngokubavumela ukuba bachaze lokho abakukholelwayo nezizathu zako. (Jak. 1:19) Mhlawumbe babambelele enkolelweni yokuthi umphefumulo awufi ngenxa yokuthi bashonelwe abathandekayo futhi bafisa ukuphinde bababone. Noma kungenzeka bagubha amaholidi ngenxa yokuthi bayawazisa amathuba abawathola ngalezo zikhathi ukuze babe nemikhaya yabo. Ukulalela lokho abakushoyo kuyosisiza ukuba siqonde indlela abazizwa ngayo futhi kusisize ukuba siphendule ngendlela ephumelelayo.—IzAga 16:23.
4 Lingisa UJesu: UJesu wasinika isibonelo esihle kakhulu lapho ephendula imibuzo yendoda eyayazi uMthetho. UJesu akazange anikeze izimpendulo eziqondile, le ndoda eyayingase izenqabe ngenxa yezinkolelo eyayizithanda. Kunalokho, wabhekisela emiBhalweni, wacela le ndoda ukuba iveze umbono wayo wabe eseyisiza ukuba icabange ngokusebenzisa umfanekiso.—Luka 10:25-37.
5 Izinkolelo zenkolo ezingamanga ezigxilile azilutho uma ziqhathaniswa neqiniso leZwi likaNkulunkulu. (Heb. 4:12) Ngokushukumisa inhliziyo ngesineke, singase sikwazi ukusiza abantu benqabe amanga futhi bamukele iqiniso elingabakhulula.—Joh. 8:32.