Ukulungiselela—Isihluthulelo Sokwenza Izimpindelo Ngokuphumelelayo
1. Inkonzo yamaKristu okuqala yayiyokwanda ngayiphi indlela?
1 UJesu wabalungiselela ngokugcwele abafundi bakhe ukuba babe abashumayeli abaphumelelayo ‘bezindaba ezinhle zombuso.’ (Math. 4:23; 9:35) Lokhu kuqeqeshwa kwenziwa endaweni yasePalestina kuphela. Kodwa ngaphambi kokwenyukela ezulwini, uJesu wabazisa ukuthi inkonzo yobuKristu yayiyokwanda kakhulu ukuze ‘kwenziwe abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.’—Math. 28:19, 20.
2. Yini ehilelekile ekulaleleni umyalo kaJesu ‘wokwenza abafundi’?
2 Lowo msebenzi wawuyohlanganisa ukuphindela kubantu ababonise isithakazelo ezindabeni ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu nokubafundisa ukugcina zonke izinto uKristu ayeyale ngazo. Ukuze senze izimpindelo ezinjalo eziphumelelayo, kudingeka silungiselele kahle.
3. Ngisho nasekuhambeleni kokuqala, ungayivula kanjani indlela yokwenza impindelo?
3 Hlela Kusengaphambili: Abanye abamemezeli benza umzamo wokubuza umbuzo lapho bephetha ukuhambela kokuqala bese bethembisa ukubuya bezoxoxa ngempendulo. Batholé ukuthi ukucabangela indaba esencwadini ethi Okufundiswa IBhayibheli lapho benza impindelo kuye kwabasiza ukuba baqale isifundo seBhayibheli ngokushesha.
4. Kungani kungafanele silinde size sibe nomagazini abasha ngaphambi kokuba senze impindelo?
4 Ukuba nomagazini ababili kuphela esibahambisa inyanga ngayinye akusho ukuthi kufanele silinde kuze kube yilapho sesithole abenyanga elandelayo ngaphambi kokwenza impindelo. Singase sikwazi ukuthuthukisa isithakazelo ngokuxoxa ngendaba ekumagazini umuntu asenawo kakade.
5. Kuzuzisa ngani ukuba nomgomo?
5 Yiba Nomgomo: Ngaphambi kokwenza impindelo, zinike imizuzu embalwa yokubukeza amarekhodi akho nokunquma ukuthi yini ofuna ukuyifinyelela. Ngokwesibonelo, xoxa ngephuzu elikumagazini owawuhambisa ngokudlule. Noma hambisa enye incwadi ehlobene nengxoxo enibe nayo ngokudlule. Uma ubuze umbuzo ngokudlule, ngokuqinisekile umgomo wakho uyohlanganisa ukuwuphendula. Lapho uqokomisa umbhalo osekela iphuzu olivezayo, lwela ukufunda ngokuqondile eBhayibhelini.
6. Uyini umgomo wethu lapho senza izimpindelo?
6 Umgomo Wethu: Kuyiqiniso ukuthi umgomo wethu uwukuqala isifundo seBhayibheli. Umzalwane othile wasikisela isifundo seBhayibheli lapho enza impindelo, kodwa umninikhaya wenqaba. Lo mzalwane wabuya nomagazini bamuva wayesethi, “Njengoba silapha namuhla, sinikeza abantu impendulo yombuzo owodwa weBhayibheli.” Ngemva kokuthola impendulo yalo mninikhaya, umzalwane wafunda umbhalo nesigaba esihlobene nawo encwadini esetshenziselwa ukuqhuba izifundo zeBhayibheli. Lokho kwaholela esifundweni seBhayibheli sasikhathi sonke.
7. Ukulungiselela kahle kuye kwakusiza kanjani ukuba uqale isifundo seBhayibheli?
7 Umzamo wokulungiselela izimpindelo kahle uyoba nomvuzo. Siyoba nenjabulo eyengeziwe, futhi singase sibe nanelungelo lokusiza ‘othambekele ngokufanele’ ukuba abambe indlela eya ekuphileni.—IzE. 13:48.