Isimiso Esisha Somhlangano Okhethekile Wosuku Olulodwa
Isihloko somhlangano okhethekile wosuku olulodwa wonyaka wenkonzo ka-2009 sithi ‘Qhubekani Niqaphela Inkonzo Ukuba Niyifeze,’ sisekelwe kweyabaseKolose 4:17. NjengamaKristu, sisithatha ngokungathí sina lesi seluleko. Umgomo wethu uwukufeza inkonzo yethu ngokwethembeka njengoJesu. (Joh. 17:4) Nomphostoli uPawulu wasibekela isibonelo esihle kule ndaba. Wayezimisele ukufeza ingxenye yakhe enkonzweni.—IzE. 20:24.
Inkulumo yombonisi wesifunda iyobonisa indlela abamemezeli abahlukahlukene abazinqoba ngayo izinselele enkonzweni yabo. Inkulumo ethi “Hlakulela Okutshalile” iyoqokomisa indlela esingabasiza ngayo ngempela labo ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade.’ (IzE. 13:48) Isikhulumi esivakashile siyoqale sixoxe ngevesi nevesi kweyesi-2 Korinte 6:1-10, enkulumweni ethi “Indlela Esizitusa Ngayo Njengezikhonzi ZikaNkulunkulu.” Ntambama, siyoxoxa nezilaleli ngesihloko esithi “Yazise Kakhulu Inkonzo Yakho.” Akungabazeki ukuthi uyothola isikhuthazo enkulumweni ethi “Abasha Nasebekhulile Bajabulela Inkonzo” nethi “Intsha Efeza Inkonzo.” Labo abafisa ukubonakalisa ukuzinikezela kwabo ngokubhapathizwa emanzini komunye wale mihlangano yesifunda ezayo kufanele batshele umbonisi owengamele ngokushesha ngangokunokwenzeka. Ingxenye ebalulekile kuyo yonke imihlangano yethu yesifunda neyesigodi ukucatshangelwa kwe-Nqabayokulinda. Phatha ikhophi yakho eyobe ifundwa ngesonto lomhlangano okhethekile wosuku olulodwa.
Ukuze sifeze inkonzo yethu, silwela ukuqiniseka ukuthi ezinye izinto esizithandayo nesizenzayo aziyithathi indawo yalokho uJehova asiphathise khona. Isikhuthazo esingokomBhalo esinikezwa ngalesi simiso somhlangano okhethekile wosuku olulodwa kufanele sisisize sonke ukuba siqonde ukuthi yini okufanele siyenze ukuze sigcine umbono oqondile futhi sihlaziye inkonzo yethu sinombono wokuyifeza ngokugcwele.