Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 9/08 k. 4
  • Fundisa Abanye Ukuba Bathande UJehova

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Fundisa Abanye Ukuba Bathande UJehova
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Thanda UNkulunkulu Okuthandayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • “Kumelwe Uthande UJehova UNkulunkulu Wakho”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Lingisa UJesu Ngokufundisa Ngothando
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Ungaluvumeli Uthando Lwakho Luphole
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
km 9/08 k. 4

Fundisa Abanye Ukuba Bathande UJehova

1. Yini esondeza abanye kuJehova?

1 Uyasikhumbula isikhathi owezwa ngaso okokuqala ngoJehova? Yini eyakusondeza kuye? Abantu abaningi abanhliziyo ziqotho bazokutshela ukuthi basondela kuMdali wethu lapho bethola ulwazi ngezimfanelo zakhe ezingenakuqhathaniswa, ikakhulukazi ububele nothando lwakhe.—1 Joh. 4:8.

2, 3. Singayisebenzisa kanjani incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli ukuze sifundise abanye ukuba bakhulise uthando lwabo ngoNkulunkulu?

2 “Lona NguNkulunkulu Wethu”: Incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli igcizelela uthando lukaJehova nesidingo sokuba nobuhlobo obuseduze naye. Singayisebenzisa kanjani le ncwadi ukuze sifundise abanye ukuba bakhulise uthando lwabo ngoNkulunkulu? Lapho sigxile ephuzwini elisha, singase sibuze imibuzo ethinta inhliziyo, enjengokuthi: “Lembulani leli qiniso ngoJehova?” noma “Leli phuzu libunikeza kanjani ubufakazi bokuthi uJehova unguBaba ongcono kakhulu esingase sifise ukuba naye?” Ukufundisa ngale ndlela kungasiza umfundi ukuba aqale ubuhlobo bokuphila konke noJehova.

3 Lapho sisiza esifunda nabo iBhayibheli ukuba babone ukuthi kuyilungelo elingakanani ukungenisa ulwazi ngowukuphela kukaNkulunkulu weqiniso ophilayo, bayokuvuma lokho okushiwo amazwi ka-Isaya, “Lona nguNkulunkulu wethu.” (Isaya 25:9) Lapho sichaza iZwi likaNkulunkulu, kufanele sigcizelele indlela isintu esiyobusiswa ngayo ngokugcwaliseka kwenjongo kaJehova ngohulumeni wakhe ongaphansi kokuhola kukaKristu Jesu.—Isaya 9:6, 7.

4, 5. Kusho ukuthini ukuthanda uJehova?

4 Ubufakazi Bokuthanda UJehova: Siyazi ukuthi ukuthanda uJehova ngenhliziyo yonke, ngomphefumulo, nangengqondo kuhilela okungaphezu nje kokuba nomuzwa onamandla ngoNkulunkulu. Kufanele sizivumelanise nendlela acabanga ngayo futhi siyilandele. (IHu. 97:10) Uthando ngoNkulunkulu lubonakala ngokulalela ngokuseduze imiyalo yakhe nokuqhubeka “ezenzweni zokuziphatha ezingcwele nasezenzweni zokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu,” ngisho nalapho sibhekene novivinyo nokushushiswa.—2 Pet. 3:11; 2 Joh. 6.

5 Kuyajabulisa ukwenza intando kaNkulunkulu ngenxa yokumthanda. (IHu. 40:8) Umfundi weBhayibheli kufanele azi ukuthi imiyalo kaNkulunkulu iklanyelwe ukusiza izinceku zakhe. (Dut. 10:12, 13) Ngokuphila ngokuvumelana nesiqondiso sikaJehova, umuntu ubonisa ukwazisa okujulile ngemisebenzi yakhe emihle. Siza umfundi ukuba aqonde ukuthi ukuphila ngezindinganiso zikaJehova zokulunga kuyovikela umuntu ebuhlungwini obuningi.

6. Yiziphi izibusiso ongazithola ngokuthanda uJehova?

6 Izibusiso Zalabo Abathanda UNkulunkulu: UJehova ubakhathalela ngokujulile labo abathobekile abamthandayo, futhi ubembulela ‘izinto ezijulile zikaNkulunkulu.’ (1 Kor. 2:9, 10) Benolwazi olunjalo lwezinhloso zikaJehova, banombono ocacile wekusasa nethemba eliqinisekisiwe. (Jer. 29:11) Labo abathanda uJehova bamukela umusa wakhe ongenakuqhathaniswa. (Eks. 20:6) Bayalazisa ithemba labo lokuphila okuphakade ngenxa yothando lukaNkulunkulu olukhulu ngabo.—Joh. 3:16.

7. Uzizwa kanjani ngokufundisa abanye ukuba bathande uJehova?

7 Njengoba siqhubeka simazi ngokwengeziwe uBaba wethu osezulwini, kufanele siqhubeke sishumayela kwabanye. (Math. 13:52) Yeka ukuthi kuyilungelo elingenakuqhathaniswa kangakanani ukufundisa abanye, ikakhulukazi izingane zethu, ukuba zithande uJehova! (Dut. 6:5-7) Kwangathi thina, nalabo esifunda nabo iBhayibheli, singaqhubeka simdumisa njengoba sizibonela ngokwethu ‘ubukhulu bobuhle bukaJehova.’—IHu. 145:7.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela