IBhokisi Lemibuzo
◼ Uma umbhangqwana ufisa ukusebenzisa iHholo LoMbuso ngomshado wawo, yiziphi izinto okudingeka uzixoxe nabadala?
Imishado ehlelwa ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli idumisa uJehova. Lokhu kuyiqiniso ikakhulukazi ngokuphathelene nemishado eba seHholo LoMbuso, ngoba umphakathi ubheka izinto ezenziwa kulo njengezimelela inhlangano yethu. Ukuze “zonke izinto [zenzeke] ngokufaneleyo nangohlelo,” kuyafaneleka ukuba abadala bebandla bahileleke uma othile ecela ukusebenzisa iHholo LoMbuso ngomshado.—1 Kor. 14:40.
Umbhangqwana ofisa ukusebenzisa iHholo LoMbuso ngomshado kufanele ufake incwadi yesicelo ekomitini yenkonzo yebandla elisebenzisa lelo hholo. Incwadi yawo kufanele ifakwe kusenesikhathi futhi ibonise usuku nesikhathi ofisa ukulisebenzisa ngaso ihholo. Kufanele ukhumbule ukuthi abadala ngeke bashintshe isimiso semihlangano ukuze kube nomshado. Ngaphezu kwalokho, umakoti nomkhwenyana kumelwe babe nokuma okuhle, baphile ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli nezindinganiso zikaJehova zokulunga.
Ukuze uqiniseke ukuthi umshado ulimelela kahle igama likaNkulunkulu elihloniphekayo, umbhangqwana kufanele uxoxe ngamalungiselelo omshado nekomiti yenkonzo ngaphambi kokuba aphothulwe. Nakuba abadala bengeke bazame ukuphoqelela imibono yabo kulo mbhangqwana, uma kunokuthile okuhleliwe okungabazisayo, kufanele kwenziwe ushintsho. Kufanele kudlalwe kuphela umculo okhethwe kuma-Kingdom Melodies noma otholakala emaculweni esiwasebenzisayo. Noma iyiphi indlela yokuhlobisa iHholo LoMbuso noma ukushintshwa kwezihlalo kumelwe nakho kugunyazwe. Uma kuthwetshulwa izithombe noma kuqoshwa i-video, lokhu akufanele kuphazamise ukuhlonipheka kwalesi senzakalo. Abadala bangase bavume ukuba iHholo LoMbuso lisetshenziselwe ukuprakthiza uma nje lokho kungangqubuzani namanye amalungiselelo ebandla. Akukho zimemo okufanele zichonywe ebhodini lezaziso. Kodwa, abadala bangase bahlele ukuba kwenziwe isaziso esifushane eMhlanganweni Wenkonzo sokwazisa ibandla ngomshado ozoba seHholo LoMbuso.
Nakuba kungeyona imfuneko ukuba bonke abayizimpelesi kube abantu ababhapathiziwe, ngeke kufaneleke ukuhilela abantu abanendlela yokuphila engqubuzana ngokuqondile nezimiso zeBhayibheli noma abanokuziphatha okungase kuphakamise imibuzo ezingqondweni zabamenyiwe. Umshado kufanele usingathwe umdala, uma ekhona. Abadala bangabafundisi beZwi likaNkulunkulu abafanelekayo, ngakho yibo abakufanelekelayo ukuqokomisa izimiso ezingokomBhalo ezisebenzayo kulesi senzakalo esibalulekile.—1 Thim. 3:2.
Njengoba lo mshado uhilela nomdala ozowusingatha, naye kufanele aziswe ngamalungiselelo. Uyohlangana nombhangqwana ukuze abuze ngokuziphatha kwawo phakathi nesikhathi sokuqomisana; umbhangqwana nawo uyofuna ukuveza iqiniso futhi uthembeke. Uma kuwukuthi umakoti noma umkhwenyana wayeshadile ngaphambili, kumelwe aveze ubufakazi bokuthi ukhululekile ngokomBhalo nangokomthetho ukuba ashade. (Math. 19:9) Lokhu kuyohlanganisa nokubonisa umdala ikhophi yamaphepha esehlukaniso.
Uma umbhangqwana ukhulumisana ngokukhululekile nabadala futhi ubambisana nabo ngokugcwele, umshado uyoba isenzakalo esijabulisayo kubo bonke.—IzAga 15:22; Heb. 13:17.