Silungiselele Kahle ISikhumbuzo
Yeka injabulo nelungelo okuyilo ukuba abalandeli bakaKristu babulungiselele kahle ubusuku bokukhumbula ukufa kukaJesu Kristu! (Luka 22:19) Yiziphi izinyathelo ezifanele esingazithatha ukuze silungiselele iSikhumbuzo?
◼ Isikhathi Nendawo: Sonke kufanele sisazi kahle isikhathi nendawo eqondile iSikhumbuzo esizoba kuyo. Uma iHholo LoMbuso lizosetshenziswa amabandla angaphezu kwelilodwa, kubalulekile ukufika ngesikhathi nokuhamba ngendlela ehlelekile, njengoba isikhathi esisalayo phakathi kwemihlangano silinganiselwe. Kufanele kwenziwe umzamo wokugwema ukuminyana okungadingekile eminyango, ezindaweni okuhanjwa kuzo nasendaweni yokupaka izimoto.
◼ Izimemo: Ingabe bonke abamemezeli banazo izimemo, futhi bajwayelene nazo? Ingabe usuprakthizile ukuthi uzosihambisa kanjani lesi simemo? Obani ozobamema? Kufanele kwenziwe umzamo wokuhambisa zonke izimemo.
◼ Izinto Zokuhamba: Abanye abathakazelayo kanye nabazalwane nodade abaningi bangase badinge izinto zokuhamba noma olunye usizo. Imaphi amalungiselelo enziwe okunakekela izidingo zabo?
◼ Izifanekiselo: Qinisekani ukuthi izifanekiselo azihanjiswa ilanga lingakashoni. Kufanele kwenziwe amalungiselelo okuhambisela noma ibaphi abagcotshiwe abagulayo futhi abangenakukwazi ukuba khona. Kufanele kutholwe futhi kulungiswe uhlobo olufanele lwesinkwa newayini.—Bheka INqabayokulinda ka-February 15, 2003, ikhasi 14-15, isigaba 14, 17.
◼ IHholo LoMbuso: Ihholo kufanele lihlanzisiswe kusenesikhathi. Amapuleti, izingilazi zewayini, itafula kanye nendwangu efanelekayo kufanele kulethwe ehholo futhi kuhlelwe kusengaphambili. Uma kusetshenziswa enye indawo yokuhlangana, qinisekani ukuthi kuyoba nemibhobho efanele ukuze bonke abakhona bakwazi ukuzwa isikhulumi. Abalindi nabazohambisa izifanekiselo kufanele bakhethwe futhi banikezwe iziyalezo kusengaphambili ngemisebenzi yabo, inqubo okufanele ilandelwe, kanye nesidingo sokugqoka nokuzilungisa ngesizotha.
Kulesi senzakalo esibaluleke kunazo zonke, okuyiSikhumbuzo sokufa kukaJesu Kristu, sifuna ukuzilungiselela kahle ngabanye nanjengebandla. Ngokuqinisekile, bonke ababonisa ukwazisa okusuka enhliziyweni ngakho konke uJehova akulungiselele isintu ngomhlatshelo weNdodana yakhe ethandekayo, uJesu Kristu, bayothola isibusiso sikaJehova esicebile.