Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/09 k. 1
  • Ukushumayela Kusigcina Siqinile Ngokomoya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukushumayela Kusigcina Siqinile Ngokomoya
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Uyifeza Ngokugcwele Inkonzo Yakho?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • UJehova Uzokunika Amandla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
  • Ukushumayela Kuyasisiza Sikwazi Ukukhuthazela
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Ungakhuthazela Kanjani Enkonzweni?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
km 4/09 k. 1

Ukushumayela Kusigcina Siqinile Ngokomoya

1. Umsebenzi wokushumayela usizuzisa kanjani?

1 Ukuhlanganyela ngentshiseko emsebenzini wokushumayela kungasiqinisa ngokomoya futhi kwandise injabulo yethu. Kuyiqiniso ukuthi ngokuyinhloko sihlanganyela enkonzweni ngoba sifuna ukujabulisa uJehova. Kodwa ngokulalela umyalo wokuba ‘sishumayele izwi,’ sithola izibusiso zikaJehova futhi sizizuzise nathi ngezinye izindlela. (2 Thim. 4:2; Isaya 48:17, 18) Ukushumayela kungasiqinisa kanjani ngempela futhi kusenze sijabule?

2. Inkonzo isiqinisa ngaziphi izindlela?

2 Siyaqiniswa Futhi Sibusiswe: Ukushumayela kusikhuthaza ukuba sigxile ezibusisweni zoMbuso esikhundleni sezinkinga esinazo manje. (2 Kor. 4:18) Ukuchaza izimfundiso zeBhayibheli kuqinisa ukholo lwethu ezithembisweni zikaJehova futhi kusenza silazise kakhulu iqiniso. (Isaya 65:13, 14) Njengoba sisiza abanye ukuba bakhule ngokomoya ukuze ‘bangabi ingxenye yezwe,’ siqinisa ukuzimisela kwethu ukuhlala sihlukile kulo.—Joh. 17:14, 16; Roma 12:2.

3. Inkonzo yethu isisiza kanjani ukuba sihlakulele izimfanelo zobuKristu?

3 Ukuhlanganyela enkonzweni kusisiza ukuba sihlakulele izimfanelo zobuKristu. Ngokwesibonelo, ukulwela ukuba “yizinto zonke kubantu bazo zonke izinhlobo” kusisiza ukuba sihlakulele ukuthobeka kakhudlwana. (1 Kor. 9:19-23) Njengoba sikhuluma nalabo ‘abaphundlekile futhi abahlakazekile njengezimvu ezingenamalusi,’ sifunda ukuba nozwela nesihawu. (Math. 9:36) Sifunda ukukhuthazela lapho sibekezela naphezu kokunganaki kwabantu noma ukuphikiswa. Injabulo yethu iyanda uma sizinikela ngenxa yabanye.—IzE. 20:35.

4. Uzizwa kanjani ngenkonzo yakho?

4 Yeka isibusiso okuyiso ukuba nenkonzo ekhazimulisa Lowo okuwukuphela kwakhe okufanele simkhulekele! Inkonzo iyasiqinisa. Ibalethela izibusiso eziningi labo abamatasa kakhulu ‘ekufakazeleni izindaba ezinhle ngokuphelele.’—IzE. 20:24.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela