Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda April 1
“Abanye abantu bakholelwa ukuthi ikusasa lethu selanqunywa, kanti abanye bacabanga ukuthi singazikhethela ikusasa. Ucabangani? [Lindela impendulo.] Phawula la mazwi athakazelisayo. [Funda umShumayeli 9:11.] Lesi sihloko sixoxa ngempendulo yeBhayibheli yombuzo othi, ‘Ingabe sadalelwa?’” Khulumela isihloko esisekhasini 26.
Phaphama! April
“Imishado eminingi iyachitheka ngenxa yokungathembeki. Ingabe ucabanga ukuthi ukusebenzisa leli vesi kungawusiza umshado ukuba uhlale isikhathi eside? [Funda uMathewu 5:28 bese ulindela impendulo.] Lesi sihloko sisebenzisa iBhayibheli ukuze sisize imibhangqwana igweme ugibe lokungathembeki.” Khulumela isihloko esiqala ekhasini 28.
INqabayokulinda May 1
“Ucabanga ukuthi yini engakwenza kube nzima ngomuntu ukuba nokholo kuNkulunkulu? [Lindela impendulo.] Ngokwaleli vesi, ukholo lubalulekile. [Funda amaHebheru 11:6.] Lo magazini uchaza izinyathelo ezine esingazithatha ukuze siqinise ukholo lwethu.”
Phaphama! May
“Bayanda abantu namuhla abayisebenzisa kabi imithi egunyazwe odokotela. Ucabanga ukuthi kubangelwa yini lokhu? [Lindela impendulo.] IBhayibheli liveza isici esisodwa esiwumthelela oyinhloko, ikakhulukazi ezinganeni. [Funda izAga 13:20.] Lo magazini uchaza indlela ongazivikela ngayo wena nomkhaya wakho kulolu bhadane.”