Indlela Yokulungiselela UMhlangano Wenkonzo
1. Iyini injongo yoMhlangano Wenkonzo, futhi singazuza kanjani ngokugcwele kuwo?
1 UMhlangano Wenkonzo uhloselwe ukusihlomisela inkonzo enezithelo. Ugxila ekushunyayelweni kwezindaba ezinhle zoMbuso, ekwenzeni abafundi nasekumemezeleni ukukhishwa okusondelayo kwesahlulelo sikaNkulunkulu. (Math. 28:19, 20; Marku 13:10; 2 Pet. 3:7) Sizuza kakhulu kulo mhlangano obalulekile uma silungiselele kahle futhi sikulungele ukubamba iqhaza.
2. Singakulungiselela kanjani ukulalela inkulumo?
2 Inkulumo: Umthombo wendaba ngokuvamile utholakala eziqondisweni ezinikezwa isikhulumi. Ungase ubukeze leyo ndaba, kuhlanganise nemiBhalo ekhonjiwe, futhi ucabange ngendlela ongayisebenzisa ngayo leyo ndaba enkonzweni yakho.
3. Yini esingayenza lapho silungiselela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo?
3 Ingxoxo Yemibuzo Nezimpendulo: Le nkulumo cishe iyosingathwa njengeSifundo Se-Nqabayokulinda, ibe nesethulo nesiphetho esifushane. Dwebela amaphuzu ayinhloko esigabeni ngasinye, futhi ulungele ukunikeza izimpendulo ezimfushane ezakhayo.
4. Singayilungiselela kanjani ingxoxo nezilaleli?
4 Ingxoxo Nezilaleli: Le ngxenye iyonikezwa njengenkulumo, kodwa isikhulumi siyocela izilaleli ukuba zihlanganyele ngezinga elithile. Uma udwebela amaphuzu ayinhloko ubheke nemiBhalo ekhonjiwe, ungakwazi ukuphendula lapho kubuzwa imibuzo. Umzalwane osingatha le nkulumo uyokwenza konke okusemandleni ukuba ahilele izilaleli ekuhlanganiseni amaphuzu ayinhloko.
5. Yini eyosisiza ukuba sizuze ngokugcwele emibonisweni?
5 Imiboniso: Ezinye izinkulumo ziyohlanganisa imiboniso eveza izimo ezingokoqobo ebonisa indlela indaba okuxoxwa ngayo engasetshenziswa ngayo ensimini yebandla. Abadala noma abamemezeli abanokuhlangenwe nakho noma amaphayona bayocelwa ukuba basize ngale miboniso. Ukulungiselela kwakho le nkulumo kungase kuhlanganise nokuhlaziya indlela indaba engase yethulwe ngayo. Uma kwenziwa umboniso ngentshumayelo eyisibonelo, cabanga ukuthi wena ubungayivumelanisa kanjani nabaninikhaya abahlukahlukene. Qiniseka ukuthi uphatha incwadi noma umagazini ozosetshenziswa embonisweni. Phakathi nokuKhulekela Komkhaya, ningase nikuthole kuzuzisa ukuprakthiza ezinye zalezi zintshumayelo.
6. Iziphi ezinye izizathu zokulungiselela uMhlangano Wenkonzo?
6 UMhlangano Wenkonzo siwujabulela kakhulu uma silungiselele futhi siyilindele ngokulangazela imfundo ezokwethulwa kuwo. Ukwenza kanjalo kuyophumela ekukhuthazaneni okukhulu. (Roma 1:11, 12) Uma sizinika isikhathi sokulungiselela uMhlangano Wenkonzo, siyokuhlomela kangcono ukufeza umsebenzi wethu.—2 Thim. 3:17.