Kulungiselele Kahle Ukufundisa
1. Kungani kufanele sigxile ekwakheni ukwazisa lapho siqhuba isifundo seBhayibheli?
1 Lapho siqhuba isifundo seBhayibheli, kufanele silungiselele kahle ukuze sishukumise umfundi ukuba akhonze uJehova. Kufanele senze imizamo yethu isebenze ngokwakha ukwazisa ngeqiniso leBhayibheli. Lokhu kuyomkhuthaza umfundi. (Dut. 6:5; IzAga 4:23; 1 Kor. 9:26) Kodwa singakwenza kanjani lokhu?
2. Ufeza yiphi indima umthandazo ekulungiseleleni kahle?
2 Ukulungiselela Ngomthandazo: Njengoba kunguJehova okhulisa imbewu yeqiniso enhliziyweni yomfundi, kuyafaneleka ukuba siqale ngokuthandazela esifunda nabo nezidingo zabo ngokukhethekile lapho silungiselela. (1 Kor. 3:6; Jak. 1:5) Imithandazo enjalo ingasisiza sibone ukuthi singabasiza kanjani ngokwengeziwe ukuba izinhliziyo zabo zigcwale “ulwazi olunembile” lwentando kaJehova.—Kol. 1:9, 10.
3. Singalungiselela kanjani sinombono womfundi engqondweni?
3 Cabanga Ngomfundi: UJesu wayazi ukuthi indlela yokufundisa ephumelelayo ihilela ukucabanga ngalabo ayekhuluma nabo. Cishe ezenzakalweni ezimbili, uJesu wabuzwa umbuzo ofanayo: “Ngingenzani ukuze ngizuze ifa lokuphila okuphakade?” Isikhathi ngasinye lapho ephendula wasebenzisa izindlela ezingafani. (Luka 10:25-28; 18:18-20) Kufanele sicabange ngomfundi lapho silungiselela. Yimiphi imibhalo ekhonjiwe esizoyifunda naye? Sizofunda indaba engakanani? Yimaphi amaphuzu esifundweni umfundi angase awathole kunzima ukuwaqonda noma ukuwamukela? Uma singayicabanga kusengaphambili eminye yemibuzo angase ayibuze, siyokulungela kangcono ukuphendula ngokuphumelelayo.
4. Kuhlanganisani ukulungiselela kahle?
4 Bukeza Indaba: Kungakhathaliseki ukuthi usuyifunde kaningi kangakanani indaba ngaphambili, kuyobe kungokokuqala uyifunda nalowo mfundi. Ukuze sifinyelele inhliziyo, kubalulekile ukusilungiselela kahle isifundo ngasinye. Lokhu kusho ukwenza lokho esikhuthaza umfundi ukuba akwenze. Bukeza leyo ndaba kuhlanganise nemibhalo ekhonjiwe, ucabanga ngofunda naye, futhi uze udwebele namaphuzu ayinhloko.—Roma 2:21, 22.
5. Singamlingisa kanjani uJehova?
5 UJehova unesithakazelo esijulile entuthukweni yomfundi weBhayibheli ngamunye. (2 Pet. 3:9) Ngokuzinika isikhathi sokulungiselela ukuqhuba isifundo seBhayibheli ngasinye, sibonisa uthando nokukhathalela kwethu.