Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 9/09 k. 1
  • Uyophendula Kanjani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uyophendula Kanjani?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuthuthukisa Izimpendulo Zakho
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • Yazi Ukuthi Kufanele Uphendule Kanjani
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Lingisa UMenzi Wabafundi Omkhulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Ukusebenzisa Imibuzo Ngempumelelo
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
km 9/09 k. 1

Uyophendula Kanjani?

1. Kungani kufanele sibheke isibonelo sikaJesu lapho sibuzwa umbuzo?

1 Ngisho nanamuhla isabahlaba umxhwele abantu indlela uJesu ayesingatha ngayo imibuzo nezicelo. Lapho sibhekana nemibuzo ehlukahlukene enkonzweni siyoba senza kahle ngokulingisa uJesu kule ndaba.—1 Pet. 2:21.

2. Yini engasisiza ukuze sinikeze impendulo ephumelelayo embuzweni?

2 Lalela Kuqala: UJesu wayewucabangela umbono womuntu obuzayo. Ngezinye izikhathi lokhu kwakudinga ukuba abuze imibuzo ukuze atholisise ukuthi umuntu uqondeni ngempela. Umuntu obuza ukuthi, “Niyakholelwa kuJesu?” kungenzeka kummangaze ngempela ukuthi kungani pho singawugubhi uKhisimusi. Uma uthola ukuthi yini ngempela emkhathazayo lo muntu, ungakwazi ukubonisana naye ngokuphumelelayo.—Luka 10:25-37.

3. Iziphi izinto esinazo ezingasisiza sithole izimpendulo ezingokomBhalo ezigculisayo?

3 Phendula NgeZwi LikaNkulunkulu: Ngokuvamile kuba ngcono kakhulu ukubonisa indlela iBhayibheli eliphendula ngayo umbuzo. (2 Thim. 3:16, 17; Heb. 4:12) Incwadi Ukubonisana kanye ‘Nezihloko ZeBhayibheli Zengxoxo’ ezitholakala e-Nguqulweni Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ziye zaba usizo ekunikezeni izimpendulo ezishaya emhloleni. Ngisho noma obuzayo engalamukeli iBhayibheli njengelinegunya, ngokuhlakanipha ungakwazi ukuhlanganyela naye lokho okufundiswa imiBhalo. Mkhuthaze ukuba akucabangele ngokungathi sina ukuhlakanipha okunokwethenjelwa okutholakala eBhayibhelini. Ngokulingisa uJesu, izimpendulo zakho ziyoba “njengama-apula egolide ezitsheni zesiliva”—zihlonipheke, zibe zinhle futhi zibe usizo.—IzAga 25:11.

4. Kunini lapho kungcono kakhulu khona ukungayiphenduli yonke imibuzo?

4 Ingabe Kufanele Siphendule Yonke Imibuzo? Uma ungayazi impendulo yombuzo, ungabi namahloni okuthi: “Angazi, kodwa ngingaya ukuyocwaninga ngombuzo wakho bese ngibuya ngizokutshela ukuthi ngitholeni.” Ukuthobeka okunjalo nokuba nesithakazelo kumninikhaya kungamshukumisela ukuba akucele ukuba ubuye. Uma uqaphela ukuthi imibuzo ivela kumuntu ozama ukuqala impikiswano, lingisa uJesu ngokungayiphenduli. (Luka 20:1-8) Ngokufanayo, lapho othile ongenaso isithakazelo esiqotho eqinisweni ezama ukukuhilela empikiswaneni, ngenhlonipho nqamula ingxoxo bese usebenzisa isikhathi sakho ekufuneni labo abaqotho.—Math. 7:6.

5. Isiphi isibonelo uJesu asibekela sona ekuphenduleni imibuzo?

5 UJesu wayazi ukuthi ukuthembela kuJehova kwakubalulekile ukuze afeze isabelo sakhe ‘sokufakazela iqiniso,’ okwakuhlanganisa ukuphendula imibuzo eyayibuzwa ngobuqotho. (Joh. 18:37) Yeka ilungelo esinalo lokulingisa uJesu ekunikezeni impendulo kulabo ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade’!—IzE. 13:48.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela